Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Intsha Ethembekile Lwangithinta inhliziyo uchungechunge oluthi “Intsha Ebeka UNkulunkulu Kuqala.” (May 22, 1994) Lapho ngineminyaka eyevé eshumini nambili, ngaba nesimila ebuchosheni. Njengomunye woFakazi BakaJehova, ngathi kudokotela: “Angifuni ukumpontshelwa igazi.” Nakuba kwatholakala imvume yasenkantolo yokuba ngimpontshelwe igazi ngenkani, ngahlinzwa ngokuphumelelayo ngaphandle kwalo. Njengoba ngangifunda ngalezizinceku ezintsha ezithembekile zikaNkulunkulu, ngahlengezela izinyembezi. Zaba nokuhlangenwe nakho engangibhekane nakho! Izindaba zazo ziye zangithinta inhliziyo futhi zaqinisa ukuthanda kwami uNkulunkulu.
M. P., United States
Ngineminyaka engu-17 ubudala futhi bengilokhu ngesaba ukuzithola ngisesimweni esinjalo ngolunye usuku. Angikwesabi ukufa, kodwa ngiyawesaba umcabango wokungayinaki imithetho kaJehova. Kungaba kubi ukuyekelela ngaphansi kokucindezela. Lesisihloko sanginikeza amandla engeziwe.
C. K., Germany
Lapho ngifunda lezizihloko, ngahluleka ukubamba izinyembezi. Ngemva kwalokho, ngafundisisa incwajana ethi Igazi Lingakusindisa Kanjani Ukuphila Kwakho? (enyatheliswa i-Watch Tower Society). Sengiyazi ukuthi kufanele ngiziphathe kanjani uma kwenzeka ngiba sesimweni esifanayo.
Y. G., Germany
Njengoba ngiphethwe uhlobo lwe-leukemia olungelapheki, okuhlangenwe nakho kwentsha eye yabonisa ukuzinikezela kuJehova kwangikhuthaza kakhulu njengomuntu omdala. Ngiyabonga kakhulu.
H. K., Austria
Ngineminyaka engu-18 ubudala. Ngiye ngavukwa amadlingozi futhi ngathuthumela lapho ngifunda lezizihloko izolo. Ngiye ngakhala lapho ngibona ukuthi lezizingane ezithembekile zafa. Ukholo lwazo lungenze ngazibuza ukuthi ngingakwazi yini ukugcina ubuqotho bami ngaphansi kwezimo ezinjena.
E. A. O., Nigeria
Kwangihlaba umxhwele ngempela ukuqina okungenakunqotshwa kwayo yonke lentsha okukhulunywe ngayo. Ngemva kokufunda lezizihloko, ngakhihla isililo futhi ngabonga uJehova ngokuthi wayinikeza amandla okubhekana nobunzima obungako kuze kube sekufeni kwayo. Ngingakusho ngobuqotho ukuthi izinkinga zami zobusha azilutho ngempela uma kuqhathaniswa.
R. C., Italy
Akungabazeki ukuthi lezizihloko ezishukumisa ngokujulile zizokhuthaza yonke intsha ezifundayo. Yonke lentsha yayiqinile ekwenqabeni kwayo igazi; ngesikhathi esifanayo, yayikwazi ukuzicabangela futhi izikhulumele ngokucacile. Kwangikhuthaza ukwazi ukuthi kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nokucindezela novivinyo olunjani, uJehova ngeke ahluleke ukusinikeza amandla nosizo oludingekayo.
R. T., Japan
Ukungafundi Ngalujabulela uchungechunge oluthi “Ukugqashula Amaketanga Okuba Ongafundile.” (February 22, 1994) Lapho ngithutha eChina ngiza eNingizimu Afrika ngawo-1950, ngangingakwazi ukukhuluma nolulodwa lwezilimi ezikhulunywa lapha. Nokho, oFakazi BakaJehova bangisiza ngesineke ukuba ngiqonde iBhayibheli ngesiNgisi. Ngaya nasemihlanganweni yabo, kuhlanganise neSikole Senkonzo Esingokwasezulwini. IsiNgisi sami sathuthuka kancane kancane, futhi sengiyazethemba enkonzweni yendlu ngendlu.
W. W., South Africa
Ukuphindukuzalwa Nakuba ngingumSulumane, ngiyifunda njalo i-Phaphama! Ngifisa ukunibonga ngobuqotho ngochungechunge lwenu lwamuva nje oluthi “Wake Waphila Ngaphambili? Ingabe Uyophinde Uphile?” (June 8, 1994) Ngaluthola lufundisa ngempela. Sekuyisikhathi eside ngifuna ukwaziswa engingakusebenzisa ekusizeni abanye babangane bami abaphikelela ngokuthi kukhona ukuphindukuzalwa. Ngokwaziswa okunikeziwe, ngicabanga ukuthi bayovuma ngokuqinisekile ukuthi njengoba kukhona uvuko, akunakubakhona ukuphindukuzalwa.
K. S., Nigeria