Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 10/22 k. 6-k. 7 isig. 4
  • AmaKristu Eqiniso Nempi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • AmaKristu Eqiniso Nempi
  • I-Phaphama!—1994
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Akhona AmaKristu Eqiniso Namuhla?
  • Ingabe Bonke Abantu Bangake Bathandane?
    I-Phaphama!—1998
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Liyini Ithemba Lokuphela Kwempi?
    I-Phaphama!—1993
  • Kungani OFakazi BakaJehova Bengayi Empini?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 10/22 k. 6-k. 7 isig. 4

AmaKristu Eqiniso Nempi

UJESU watshela abafundi bakhe: “Ngininika umyalo omusha wokuba nithandane; njengalokho nginithandile, nani nithandane.” (Johane 13:34) AmaKristu eqiniso angalubonisa yini uthando olunjalo komunye nomunye kodwa ngesikhathi esifanayo aye empini futhi abulalane?

Cabangela nalombuzo owabuzwa umphostoli uPawulu: “Ingabe uKristu uhlukene?” (1 Korinte 1:13, Revised Standard Version, Catholic Edition) Zibuze: ‘Kungaba khona yini ukuhlukana okukhulu kunalokho okubangela ukuba amalungu enkolo efanayo abulalane?’

Ngempela, akufanele kusimangaze ukuthola ukuthi amaKristu okuqala awazange aye empini. I-Encyclopædia of Religion and Ethics eyaziwayo kaHastings yaphawula: “ESontweni lokuqala wawuvame kakhulu umbono wokuthi impi iwububi obuhleliwe okumelwe bugwenywe ngokuphelele iSonto nabalandeli bakaKristu.”

AmaKristu okuqala ayephila ngokuvumelana nomyalo kaJesu wokuba athandane. Isazi senkolo saseJalimane uPeter Meinhold sachaza: “Nakuba iTestamente Elisha lingasho lutho ngokuthi amaKristu angaba amasosha yini noma cha nokuthi kumelwe yini ashiye impi lapho eba amaKristu, isonto lakudala lathatha ukuma kulendaba. Ukuba umKristu uphinde ube isosha kwakubhekwa njengokungahlangani.” Ingabe ukhona namuhla othatha ukuma okunjengokwathathwa “isonto lakudala”?

Akhona AmaKristu Eqiniso Namuhla?

I-Encyclopedia Canadiana ithi: “Umsebenzi woFakazi BakaJehova uwukuvuselelwa nokumiswa kabusha kobuKristu bokuqala obabusetshenziswa uJesu nabafundi bakhe phakathi nekhulu lokuqala nelesibili lesikhathi sethu. . . . Bonke bangabazalwane.”

Lokho kusho ukuthini ngempela? “OFakazi BakaJehova balondoloza ukungathathi hlangothi okuqinile ngesikhathi sempi,” kuphawula i-Australian Encyclopædia. Nakuba bengase bakhethe ukuthatha lokhu kuma njengabantu ngabanye, abagxambukeli ezindabeni zikahulumeni abaphila ngaphansi kwawo. Ngaleyondlela abazange bayisekele impi kaHitler, futhi abekho phakathi kwabo abajeziswa njengezigebengu zempi phakathi nokuqulwa kwamacala kwaseNuremberg.

Omunye umJalimane owatholwa enecala futhi wabulawa kwakungu-Alfred Rosenberg, umholi woMnyango Wezindaba Zangaphandle weNhlangano yamaNazi. Evikela inkambiso yamaNazi yokuvalela oFakazi BakaJehova emakamu okuhlushwa, uRosenberg wafakaza phakathi nokuqulwa kwecala lakhe: “Umbhishobhi othile waseMelika ngomusa unginikeze iphephandaba lesonto elivela eColumbus [e-Ohio] lapho ngisesitokisini. Kulona ngithola ukuthi ne-United States yababopha oFakazi BakaJehova phakathi nempi nokuthi kuze kube ngo-December 1945, kwakusavalelwe abangu-11 000 babo emakamu.” Kuyiqiniso ukuthi oFakazi BakaJehova baye bangathatha hlangothi ngokuphelele, bengahlanganyeli ezimpini zezombangazwe. Abazange bachithe igazi, eMpini Yezwe II noma kunoma iyiphi enye impi.

EHungary, umlobi othile kumagazini i-Ring ka-November 4, 1992, wathi ngoFakazi BakaJehova: “Bangaqoma ukufa kunokuba babulale othile. Ngenxa yalokho, ngiyaqiniseka ukuthi ukube bekuphila oFakazi BakaJehova kuphela emhlabeni bekungeke kugqashuke izimpi kunoma iyiphi indawo.” UReo M. Christenson, uprofesa wesayensi yezombangazwe, kuyi-Christian Century waxoxa ngokuthi umKristu weqiniso angahlanganyela yini empini, futhi waphetha:

“Ukhona yini ngempela umuntu ongacabanga ngoJesu ejikijela izitha zakhe ngamabhomu esandla, esebenzisa isibhamu esiwuntuluntulu, esebenzisa isiciba-mlilo, eciba amabhomu enuzi noma i-ICBM engabulala noma ikhubaze izinkulungwane zomama nabantwana? Lombuzo uyinqaba kangangokuba awukufanele ukuphendulwa. Uma uJesu ayengeke akwenze lokhu kodwa afeze lokho okwakulindelekile kuye, singakwenza kanjani-ke thina kodwa sithembeke kuye?” Umbuzo oshukumisa ingqondo.

Nokho, izinkolo zezwe ziyaqhubeka zithatha uhlangothi empini. AmaKatolika ayaqhubeka ebulala amaKatolika, futhi abezinye izinkolo babulala abantu benkolo yabo noma amalungu amanye amasonto. Ukuze silandele izimfundiso zikaJesu Kristu, kudingeka ukholo olunamandla nesibindi, njengoba kubonisa indaba elandelayo engokoqobo.

[Isithombe ekhasini 7]

Ukhona yini ngempela umuntu ongacabanga ngoJesu esebenzisa isibhamu esiwuntuluntulu empini?

[Umthombo]

U.S. National Archives photo

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela