Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukuphila Okumbaxa-mbili Ngifisa ukunibonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ukuphila Okumbaxa-mbili—Ubani Okumelwe Azi?” (January 8, 1994) Lapho ngineminyaka engu-16 ubudala, ngaqala ukuphuza, ukubhema, nokuphola abazali bami bengazi lutho ngakho. Lezizihloko zangisiza ngempela ukuba ngibone ukuthi akukho okufihlekile emehlweni kaNkulunkulu abukhali.
T. T., Fiji
Ukuphishekela Imali Ngisanda kufunda uchungechunge oluthi “Ukuphishekela Imali—Kuyophelelaphi?” (March 22, 1994) Lezizihloko zayihlanganisa kahle kakhulu lendaba. Bengingazi ukuthi izisebenzi ezivela ngaphandle nemikhaya yazo zisabhekana nezimo ezimbi ngalendlela. Ngiyazizwela ngempela.
G. M., United States
Indlela enazichaza ngayo izimo ezimbi zasemsebenzini neholo eliphansi inembile. Iyadabukisa indlela abanye abazibheka ngayo lezizisebenzi—hhayi njengabantu abanemizwa njengathi. Yebo, ‘umuntu ubusa omunye kube ukulimala kwakhe’!—UmShumayeli 8:9.
K. V., United States
Umdlavuza Wamabele Ochungechungeni lwenu oluthi “Umdlavuza Wamabele—Wesatshwa Yibo Bonke Abesifazane” (April 8, 1994), anizange nikhulume lutho ngokuhlola okubonisa ukuthi ukuncelisa ibele kungase kunciphise ithuba lokuba nomdlavuza wamabele.
B. J. M., Germany
Siyaxolisa ngokushiya lokho. Nokho, leliphuzu lavezwa esihlokweni esithi “Ubufakazi Obusekela Ubisi LukaMama,” esakhishwa kumagazini wethu ka-September 22, 1993.—ED.
Ngachitha isikhathi esithile nodade ongumKristu owasuswa ibele. Wayeneminyaka engu-62 ubudala futhi ecindezeleke ngempela. Ngikhumbula ngiphelelwa amazwi okumsekela. Ngenxa yokukhulumela enakucaphuna kulezizihloko, manje ngingamsekela ngendlela efanele.
D. H., United States
Cishe eminyakeni emibili edlule ngahlinzelwa umdlavuza wamabele. Ukuze ngithole ukwaziswa ngalendaba, ngathenga i-encyclopedia yezokwelapha, kodwa akukuningi engakuthola. Nokho, isihloko senu sayiphendula imibuzo yami. Sangiduduza ngempela.
M. G., Italy
Eminyakeni engu-9 edlule umama wabulawa umdlavuza wamabele. Ngalesosikhathi ngangineminyaka engu-9 kuphela ubudala, futhi ngangingakuqondi neze ayebhekana nakho. Ngakhala njengoba ngifunda lezozihloko futhi ngicabanga ngaye. Ngeke ngikwazi ukunibonga ngokwanele ngokuqonda eninginikeze kona ngeminyaka embalwa yokugcina yokuphila kwakhe.
K. F., United States
Izisulu Zengculaza Ngasifunda isihloko senu esithi “Ukusiza Abanengculaza.” (March 22, 1994) Nginegciwane i-HIV futhi ngakuthola kunzima ngempela ukwamukela lesisihloko. Umkhaya wami wakhala ngenxa yobuhlungu nemizwa yokulahlwa.
B. J., United States
Ngokuqinisekile siyabadabukela bonke abanjalo abathintekile abaphakathi kwethu. Isihloko sethu sazama ukuvumelanisa izidingo zabo nokukhathazeka kweningi. Njengoba uMthetho kaNkulunkulu kwa-Israyeli wawuthatha izinyathelo ezinqala zokuvikela impilo yesizwe sisonke, sakuthola kufanelekile ukusikisela izinyathelo zokuphepha zempilo ezinengqondo. (Qhathanisa noLevitikusi 13:21, 33.) Siyaqaphela ukuthi “umuntu akudingekile esabe ngokungadingekile ukuba phakathi kwabantu abanengculaza.” Nakuba kunjalo, abaningi bayaqhubeka besaba naphezu kweziqinisekiso zodokotela. Ngakho-ke, sakhuthaza abaphethwe ingculaza ukuba bahloniphe imizwa yabanye abangase bangakhululeki ngokuboniswa kothando ngokomzimba. Lokho abantu abangenayo abakhetha ukukwenza kulendaba kuyisinqumo sabo siqu. Nokho, wonke amaKristu kufanele abe nesifiso esiqotho sokubonisa umusa nozwela kwabanayo.—ED.
Ngikhuthazeke kakhulu ngokuthi kuye kwalungiselelwa isihloko esinozwela nesibhalwe kahle kangaka. Ngikwazise kakhulu ukusikisela kokuthi nakuba kufanele sithathe “izinyathelo zokuqapha ezisebenza yonke indawo,” kufanele sibonise isihawu futhi sinikeze usizo lozwela.
M. H., United States