Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 10/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1995
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 10/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Umdlavuza Wamabele Ngibonga kakhulu ngokunyathelisa uchungechunge oluthi “Umdlavuza Wamabele—Wesatshwa Yibo Bonke Abesifazane.” (April 8, 1994) Bengizihlola ngezikhathi ezithile kodwa ngimane ngicabange ukuthi izindlala zami ziqinile. Njengoba bengingaqiniseki, bengingenzi lutho ngakho. Nokho, ngemva kokufunda lesisihloko, ngaya esibhedlela futhi ngathola ukuthi nginomdlavuza. Kwenziwa amalungiselelo okuba ngihlinzwe. Ngibonga ngokusuka enhliziyweni.

T. Y., Japan

Selokhu ngahlinzwa, bengingathandi ukufunda noma yini ekhuluma ngomdlavuza. Ngakho lapho kukhishwa lomagazini, angizange ngiwujabulele. Kodwa ngokuvamile ngibafunda bonke omagazini be-Phaphama! ngibaqede, futhi ngalobobusuku nganquma ukufundafunda kodwa ngiyeke uma ngifikelwa ukwesaba. Nokho, angikwazanga ukuwubeka phansi. Wawubhalwe kahle kakhulu, ufundisa, futhi ucabangela ngempela.

G. K., United States

Lesisihloko sangisiza ngabona indlela uJehova akuqonda ngayo ukwesaba kwethu ukubhekana nesifo esisongela ukuphila. Ngangivame ukucabanga ukuthi abantu babuthaka noma bantula ukholo uma bezizwa ngalendlela. Ngempela singisize ukuba ngibone isihawu esijulile sikaJehova.

K. G., United States

Uma kukhona umagazini owake wakhuluma nomuntu, lowo ngokuqinisekile wakhuluma nami. Mina nomyeni wami sasihleli phansi sibala intilibathwa yezitatimende zezikweletu zokuhlinzelwa kwami umdlavuza wamabele. Njengoba sisayina amasheke amaningi, indoda yeposi yaletha lomagazini i-Phaphama! Ngafunda lesisihloko ngalo lolosuku, nginesithakazelo esingaphezu kwesivamile. Ngibongela bonke abesifazane abazothola isikhuthazo kulezizihloko.

E. J., United States

Amadolobha Ngineminyaka engu-16 ubudala futhi ngahlabeka umxhwele lapho ngifunda uchungechunge oluphathelene namadolobha. Ezifundweni zesayensi yokwakheka komhlaba sacelwa ukuba sinikeze inkulumo emfushane ngesihloko esisithandayo. Ngasekela eyami esihlokweni esithi “Umuzi Owawunabantu Abaningi.” (January 22, 1994) Ngemva kokufunda inkulumo yami ngokuzwakalayo ekilasini, bonke bashaya ihlombe. Ngiyabonga ngokungisiza ngithuthukise ukuqonda kwami isayensi yokwakheka komhlaba.

T. R., Germany

Esihlokweni esithi ‘Asizakhele Umuzi,’ nathi: “Ngo-1900, iLondon kwakuyilona lodwa idolobha emhlabeni wonke elalinenani labantu abayisigidi.” (January 8, 1994) Kodwa kumagazini olandelayo, nathi: “Phakathi nawo-1800 [idolobha lase-Edo, manje okuthiwa iTokyo] lalinenani labantu elingaphezu kwesigidi.” Yikuphi okunembile?

S. T., Japan

Amazwi akhuluma ngeLondon ngokusobala ayeyiphutha. Ayesekelwe kuyi-“Illustrated Atlas of the World” (Rand McNally and Company) ka-1985. Nokho, kubonakala sengathi i-“World Almanac and Book of Facts 1993” inembile lapho ithi amadolobha amaningana ayenenani labantu abangaphezu kwesigidi kusukela ngo-1900. Siyaxolisa ngalokhu kudideka.—ED.

Ukuphishekela Imali Njengomfundi osemusha we-Phaphama!, lwangithinta ngempela uchungechunge oluthi “Ukuphishekela Imali—Kuyophelelaphi?” (March 22, 1994) Kimina kubonakala sengathi ontanga yami banomgomo owodwa vó: ukuqongelela imali. Nokho, ukulandela okufundiswa uJehova kuhlonipheke kakhulu kunokukhulekela izinto ezibhubhayo.

K. R., France

Ezemidlalo Ngiyabonga ngesihloko esithi “Ingabe UNkulunkulu Uthatha Uhlangothi Kwezemidlalo?” (February 8, 1994) Ngiye ngenza iphutha lokuthandazela ukunqoba emncintiswaneni wokusubatha; ngiye ngathandazela nokunqotshwa kwabancintisana nami. Manje ngiyazi ukuthi intando kaJehova ayihlangene nezemidlalo. Nginikezela ukuphila kwami kuJehova, futhi ngizizwa ngikhululeke kakhulu ngokwazi ukuthi uyilalela ngempela imithandazo yami.

J. T., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela