Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g94 11/8 k. 16-k. 17 isig. 4
  • Lezizimvemvane Ezinhle Zinoshevu?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lezizimvemvane Ezinhle Zinoshevu?
  • I-Phaphama!—1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Usuku Ekuphileni Kovemvane
    I-Phaphama!—1993
  • Ukuthatha Uvemvane Isithombe
    I-Phaphama!—1992
  • Isimiso Sovemvane Sokuthola Indlela
    I-Phaphama!—2008
  • Olukhulu Noluncane Kunazo Zonke
    I-Phaphama!—1999
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1994
g94 11/8 k. 16-k. 17 isig. 4

Lezizimvemvane Ezinhle Zinoshevu?

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA

AKE wabukela yini umangele njengoba uvemvane ludlula lubhakuza? Ingabe ubuhle balo, ukuklanywa kwalo, nemibala yalo kwakuhlaba umxhwele? Njengoba lugxuma lusuka kwenye imbali luya kwenye, kubonakala sengathi luyakugabisela. Ungathanda ukusondela, mhlawumbe uthathe ngisho nesithombe, kodwa kubonakala lungami isikhathi eside ngokwanele kunoma iyiphi imbali—futhi njalo lubhakuzisa izimpiko zalo. Kodwa bewazi yini ukuthi ezinye zalezizidalwa ezinhle kukholelwa ukuthi zinoshevu?

Ake sicabangele ezimbili ezikulamakhasi—i-monarch (ngakwesokudla), enezimpiko ezinkulu ezimnyama nobunsundu obusawolintshi, kanye ne-viceroy (ngenhla), ecishe ifane ne-monarch, nakuba ngokuvamile incane. Yini ezenza zibe noshevu, futhi lokho kufeza yiphi injongo?

Izimvemvane, okunezinhlobo zazo ezingaphezu kuka-15 000, zidlula ezigabeni ezine zokukhula ukuze zibe ilezozidalwa ezimangalisayo ezinezimpiko ezintekenteke esizibona ezingadini zethu. Esinye salezizigaba ukuba isibungu. Isibungu se-monarch sidla ukhula olunoshevu, futhi ngenxa yalokho, kuthiwa siba “uvemvane olunoshevu ngempela, olungase lubulale noma iyiphi inyoni eludlayo kodwa ingaluhlanzi,” kubhala uTim Walker kuyi-Science News. Loshevu i-cardenolide, ushevu ohlasela inhliziyo. Kuthiwani ngovemvane i-viceroy?

UWalker uthi: “Esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka, ukuhlakanipha okuvamile bekubonisa ukuthi lesisinambuzane esinezimpiko sifihla umzimba oconsisa amathe ngemibala yovemvane i-monarch olunoshevu, i-Danaus plexippus.” Njengoba ungase ubone kulezizithombe, lezizimvemvane ezimbili zifana nsé ngaphandle komudwa omnyama ophakathi ezimpikweni ezingezansi ze-viceroy. Phakathi neminyaka eyikhulu edlule, izazi zokuziphendukela kwemvelo bezikholelwa ukuthi i-viceroy ishintsha izimpiko zibe njengeze-monarch enoshevu ngomzamo wokugwema ukuhlaselwa izinyoni ezase zifunde ukulugwema loluvemvane olunganambitheki. Kwakukholelwa ukuthi ngaphandle kwalokho, i-viceroy yayehla esiphundu ezinyonini.

Abacwaningi batholeni muva nje? UWalker uyabhala: “Nokho, ucwaningo olusha lubonisa ukuthi i-viceroy iye yaphumelela ekukhohliseni ososayensi, hhayi izinyoni. . . . Izazi ezimbili zezilwane ziye zabonisa ukuthi ezinyonini ezihlakaniphile, i-viceroy inganambitheka kabi njenge-monarch ebulalayo.” Kodwa kungani i-viceroy inganambitheki, ikakhulukazi njengoba izibungu zayo zidla iminyezane engenashevu, hhayi izitshalo ezinoshevu? UWalker uyabhala: “Lokhu kubonisa ukuthi izimvemvane ama-viceroy ngandlela-thile zikhiqiza amakhemikhali azo okuzivikela.”

Eqinisweni, ulwazi lwamanje lwezinambuzane lusikisela ukuthi kuningi ochwepheshe okusafanele bakufunde futhi mhlawumbe kufanele bayeke ukuncika kakhulu ‘ekuhlakanipheni kwabo okuvamile.’ Omunye umhlaziyi wabhala lokhu ngencwadi ethile yamuva nje ekhuluma ngovemvane i-monarch: “Lencwadi ephawulekayo isibonisa ukuthi lapho sifunda okwengeziwe nge-monarch kulapho kuncipha khona ‘esikwazi’ ngokuqiniseka.”

Kunalokho, kunjengoba iBhayibheli lisho: “Ufanele wena-Nkosi yethu noNkulunkulu wethu ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngokuba nguwena owadala izinto zonke, nangenxa yentando yakho zaba-khona, zadalwa.”—IsAmbulo 4:11.

Kusobala ukuthi kuningi umuntu okusafanele akufunde ngazo zonke izinhlobo zokuphila ezisemhlabeni wethu. Esinye isithiyo esiyinhloko ekutholeni ulwazi oluqondile ukwenqaba kososayensi abaningi ukwamukela ubukhona nendima ebalulekile yoMklami onguMdali. UPaul Davies, uprofesa wesayensi yokwakheka kwezinto, wabhala encwadini yakhe ethi The Mind of God: ‘Akungabazeki ukuthi ososayensi abaningi bamelene ngokuqinile nakho konke okubonisa ukuba khona kwezinto ezingaphezu kwemvelo. Bayawuklolodela umbono wokuthi kungase kube khona uNkulunkulu, noma ngisho umsuka wokudala ongewona owabantu noma isisekelo somuntu ongasekela iqiniso . . . Mina angihlanganyeli ekuklolodeni kwabo. . . . Anginakukukholelwa ukuthi ukuba khona kwethu kulendawo yonke kuyingozi nje yokumiselwa, ingozi yomlando, iphutha elazenzakalela endaweni yonke enkulu.’

Umhubi uDavide wabhala: “Isiwula sithi enhliziyweni yaso: Akakho uNkulunkulu. Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo.” Ngakolunye uhlangothi, umuntu ohlakaniphile uyomqaphela ngokuzithoba uMdali, njengoba kwenza u-Isaya umprofethi: “Usho kanje uJehova, owalidala izulu, onguNkulunkulu, owawubumba umhlaba, wawenza, wawumisa, engawudalelanga ize, wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi: NginguJehova, akakho omunye.”—IHubo 14:1; Isaya 45:18.

[Izithombe ekhasini 16, 17]

I-“monarch” (ngenhla), i-“viceroy,” (ekhasini 16). Umehluko omkhulu umudwa omnyama ezimpikweni ezingezansi ze-“viceroy.” (Imifanekiso ayisona isilinganiso esingokoqobo)

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela