Indlela Umoya Osemkhathini Wethu Oyovikelwa Ngayo
INGABE abantu bayokuyeka ngokuzithandela ukungcolisa isibhakabhaka? Ingabe ileyondlela oyovikelwa ngayo umoya osemkhathini wethu?
Cha. Ukuvikela umoya oyigugu osemkhathini wethu akuxhomekile ekuvumelaneni kwabantu nezimfuneko ezimelene nokungcola. Kunalokho, ukungenela kwaLowo onegunya eliphakeme kunawo wonke yikhona okungayikuletha umoya ohlanziwe kuphela kodwa nomhlaba ohlanzekile.
Ukuthi uMdali uyawukhathalela umhlaba wethu, kanye nokuphila okukuwo, kuboniswa indlela emangalisayo awuklama ngayo. Wawenza ukuba uhlale phakade naphakade.—IHubo 104:5, 24.
Amalungiselelo Okuwulondoloza
Ngokwesibonelo, umoya osemkhathini wadalwa ngendlela yokuthi uzilungise futhi uzihlanze. Cabangela i-ozone esongqimbeni olungaphezulu lomoya osemkhathini. Ungqimba lwe-ozone lwenziwa ngokuhlakanipha ukuze luvimbe imisebe ye-ultraviolet ebingaba ingozi kubantu emhlabeni. Ngesikhathi esifanayo, luvumela ukuba kudlule ukukhanya okungenangozi okudingwa ukuphila okusemhlabeni.
Sifundile ngaphambili ukuthi ungqimba lwe-ozone lonakaliswa kakhulu ama-chlorofluorocarbon enziwe umuntu, akhuphukela ongqimbeni olungaphezulu lomoya osemkhathini. Luyovuselelwa kanjani lolungqimba lwe-ozone oluyisivikelo? Ngokumangalisayo, uMdali waludala ngendlela yokuba luzilungise. Yebo, i-ozone iyakheka njalo ongqimbeni olungaphezulu lomoya osemkhathini—eqinisweni, yakhiwa yiyo kanye leyomisebe eyingozi ehlungwa i-ozone! Ngaleyondlela lapho ukungcola okubangelwa umuntu kubhubhisa i-ozone ngokushesha, i-ozone ethile iyavuselelwa ngesikhathi esifanayo.
Kungokufanayo nasongqimbeni olungezansi lomoya osemkhathini, lapho kutholakala khona iningi lamathani omoya angaphezu kwezigidi zezigidi eziyizinkulungwane ezinhlanu. Imijikelezo engokwemvelo ngokushesha ihlanza lomoya ezintweni eziwungcolisayo ngezindlela eziphawulekayo. I-World Book Encyclopedia iyaphawula: “Umoya usakaza izinto ezingcolisayo, bese imvula neqhwa kuzifaka enhlabathini.”
Ngokusobala-ke, uma abantu bebengayeka ukungcolisa umoya, noma bakunciphise kakhulu lokhu kungcola, ngokushesha umoya kuyo yonke indawo ubuyoba mtoti ube nephunga elimnandi. Kodwa incwadi engenhla iveza inkinga, ichaza: “Ezindaweni eziningi, umoya ungcoliswa izinto ngokushesha okukhulu kunendlela isimo sezulu esingakwazi ukuzihlanza ngayo.”
Khona-ke, kuyoqedwa kanjani ukungcolisa komuntu umoya osemkhathini ngobugovu?
Umhlaba Ohlanziwe Useduze
Ukungcola kuyonqandwa uNkulunkulu ngokwakhe kuphela, lapho engenela. IBhayibheli libikezela ukuthi ‘uzobhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Ngeke avumele abantu abanobugovu ukuba baqhubeke phakade bengcolisa lomhlaba omuhle nomoya wawo osemkhathini osekela ukuphila. Uyathembisa: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.”—IHubo 37:9.
Abenzi bobubi bayobhujiswa kanjani bonke? Ngohulumeni kaNkulunkulu wasezulwini, uMbuso wakhe, oyothatha indawo yohulumeni babantu abangafaneleki. IBhayibheli liyathembisa: ‘UNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo buyakuchoboza, buqede yonke lemibuso, bona uqobo bume phakade.’ (Daniyeli 2:44) Lohulumeni woMbuso kaNkulunkulu yilowo uJesu afundisa abalandeli bakhe ukuba bawuthandazele: “Mawufike umbuso wakho; mayenziwe intando yakho emhlabeni njengasezulwini.”—Mathewu 6:10.
Intando kaNkulunkulu ngomhlaba wethu iwukuba abantu babuswe uMbuso wakhe futhi ngaleyondlela bajabulele ukuphila endaweni engangcolisiwe. Yingakho uNkulunkulu ezimisele ‘ukubhubhisa ababhubhisa umhlaba.’ (IsAmbulo 11:18) Yeka ukuthi leso kuyoba isenzo sokukhululwa esinamandla kangakanani!
Ake ucabange uhlala emhlabeni ongenakho konke lokhu kungcola abantu abanobugovu abaye bakunqwabelanisa phezu kwawo! Ngalesosikhathi umoya oyigugu osemkhathini wethu uyobuyiselwa esimweni esinempilo. Lokhu kuyokwenzeka lapho kugcwaliseka lesisithembiso seBhayibheli: “Bheka, itabernakele likaNkulunkulu likubantu; uyakuhlala nabo, babe-ngabantu bakhe, yena uNkulunkulu abe-nabo, azesule izinyembezi zonke emehlweni abo; ukufa akusayikuba-khona; nokudabuka, nokukhala, nobuhlungu akusayikuba-khona; ngokuba okokuqala kudlulile.”—IsAmbulo 21:3, 4; 2 Petru 3:13.
Yini okumelwe uyenze ukuze usindele ezweni elisha lokulunga elithenjiswa uNkulunkulu? Kudingeka ukuba ufunde ngalowo uNkulunkulu amthumela emhlabeni njengommeleli waKhe futhi ulandele izimfundiso zakhe. (Johane 3:16; 7:29) Lona, uJesu Kristu, wathi lapho ethandaza kuNkulunkulu: “Ukuphila okuphakade yilokhu ukuba bazi wena-Nkulunkulu wedwa oqinisileyo, nomthumileyo, uJesu Kristu.”—Johane 17:3.
[Isithombe ekhasini 10]
Umhlaba ohlanzekile, oyipharadesi elingangcolisiwe useduze