Heyi, Kwangathi Ngingathola Umoya Ohlanzekile!
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
LAPHO uphefumula, ingabe uhogela umoya ohlanzekile? Ukungcoliswa komoya kosuku lwanamuhla “kuyisitha esikhulu kunokubhema,” kusho udokotela ocashunwe kuyi-Times yaseLondon. ENgilandi naseWales, umoya ongcolile ubulala abantu abalinganiselwa ku-10 000 minyaka yonke. Emhlabeni wonke, ikakhulukazi emadolobheni amakhulu, isimo singesingathi sína.
Iningi lisola imboni yezimoto ngokungcolisa umoya osemkhathini. Ukuze kuncishiswe intuthu eyingozi ephuma enjinini, izimoto ezintsha emazweni amaningi manje seziza zifakwe ama-catalytic converter, anciphisa ukungcoliswa komoya. Ama-hydrocarbon asentuthwini ephuma emaphayiphini ezimoto kanye nama-nitrogen oxide ne-carbon monoxide kuye kwehla ngamaphesenti angu-12 kunamazinga ango-1970. Abantwana abakuma-pram basengozini ngokukhethekile ngoba baqhutshwa ezingeni elifanayo nalelo izimoto ezikhipha kulo intuthu. Kodwa ukungcoliswa komoya kusongela nabagibeli bezimoto. Kubikwa ukuthi ukungcola kukhulu ngokuphindwe kathathu ngaphakathi ezimotweni kunangaphandle. Enye ingozi ivela ekuhogeleni iphunga le-benzene elivela kuphethiloli lapho ufakwa emotweni yakho.
Manje uhlobo oluvame kakhulu lokungcoliswa komoya emhlabeni wonke “iziNhlayiyana Zokungcola Ezisemoyeni,” kusho umbiko wokwaziswa okuphathelene nendawo ezungezile weZizwe Ezihlangene ka-1993-94. Kuyabonakala ukuthi izinhlayiyana ezincane zomsizi, noma zokungcola, zikwazi ukungena zijule emaphashini futhi zifake amakhemikhali alimazayo.
Ukuncipha kongqimba lwe-ozone phezu kwembulunga kungundab’uzekwayo kwabezindaba. Nokho, phansi emhlabathini ukushisa kwelanga kuthonya ama-nitrogen oxide nezinye izici eziguquguqukayo zomoya ongcolile ukuze kwakhe amazinga aphezulu e-ozone. Lamazinga aye aphindeka kabili eBrithani phakathi naleli khulu leminyaka. Lemimoya yonakalisa upende nezinye izinto zokwakha, ibangele izifo ezihlahleni, ezitshalweni, nasezivunweni, futhi kubonakala sengathi ibangela izinkinga zokuphefumula kwabanye abantu. Nakuba okuningi kokungcoliswa kwe-ozone kwenzeka emadolobheni, ngokumangalisayo izindawo zasemaphandleni yizona ezikhahlamezeka kakhulu. Ezindaweni zasemadolobheni, ama- nitrogen oxide asebenzisa i-ozone engadingeki, kodwa lapho lama-oxide esakazekile, i-ozone yenza umonakalo ngokukhululekile.
Ngaphezu kwalokho, ukungcoliswa komoya “kuphakeme ngokuphindwe izikhathi ezifinyelela ku-70 endlini kunangaphandle,” kubika i-Times. Lapha umoya ungcoliswa iphunga lezinto ezenza umoya unuke kamnandi, amabhola okubulala izimvemvane, ngisho nezingubo ezivela elondolo. Ukubhema ugwayi ngokufanayo kuyanezela ezingozini ezingokwempilo endlini.
Yini-ke ongayenza ukuze uvikele umkhaya wakho? I-Times yaseLondon inikeza ukusikisela okulandelayo.
• Nciphisa ukusebenzisa imoto. Uma kungenzeka, hlanganyela into yokuhamba nabanye. Shayela kahle. Uma uvimbelekile ngenxa yobuningi bezimoto emgwaqweni noma uma kwenzeka uma isikhathi esingaphezu kwemizuzu emibili, cima injini. Uma kungenzeka, ezinsukwini ezishisayo paka imoto yakho emthunzini ukuze unciphise ukungcoliswa komoya okubangelwa ukuhwamuka kukaphethiloli wemoto.
• Khetha ukuzivivinya ekuseni ngovivi lapho ngokuvamile amazinga e-ozone esephansi ngaphandle.
• Kunqabele ukubhema endlini.
• Gcina amafasitela egumbi lokulala evuleke kancane ebusuku ukuze kwehle izinga lomswakama futhi kuphume nezinto ezenza umzimba usabele kabi.
Ngokungangabazeki uyavuma: Heyi, kwangathi ngingathola umoya ohlanzekile!