Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 2/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imfihlakalo “Yokuzibulala” Kwezinja
  • Imishini Yokulondeka Yomuntu Siqu
  • Izingozi Zempilo Kwezolimo
  • Abapristi BaseSheshi NoNkulunkulu Wabo Owenziwe Umuntu
  • Ukungalondeki Kwembulunga Yonke
  • Ama-pit Bull Azulayo
  • Indikimba Yesonto Entsha Yomhlaba Wonke Yase-Australia
  • Izimpahla Ezingalandiwe
  • Isakhiwo Esingcwele Esingenisa Imali Eshisiwe
  • IGibithe Inomgwaqo Ogandaywe Ngamatshe Omdala Kunayo Yonke
  • IWalsingham—Isakhiwo Esingcwele Esibangwayo SaseNgilandi
    I-Phaphama!—1994
  • Ingabe “Izinja EzingoDeveli”?
    I-Phaphama!—1992
  • IBhayibheli Lishintsha Ukuphila
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 2/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Imfihlakalo “Yokuzibulala” Kwezinja

Abantu baseRosario, e-Argentina, bafuna incazelo ezwakalayo yalokho okubonakala kuwumkhuba wezinja wokuzama “ukuzibulala” kulelodolobha. Lenkinga iye yabonakala ngokuyinhloko epaki elithandwayo laseRosario elaziwa ngokuthi iParque de España. Indawo yokungcebeleka kulelopaki iphakeme ngamamitha angu-27 ngaphezu koMfula iParaná. Phakathi nenkathi engunyaka owodwa, kuye kwaba nezenzakalo ezingaba ngu-50 lapho izinja zabaleka kubaninizo bengazelele, zaqonda ngqó onqenqemeni lwendawo yokungcebeleka, zase zigxuma zacishe zafa. Nokho, ngokochwepheshe, izinja azikwazi ukunquma ukuzibulala. Kunalokho, odokotela bezilwane bacabanga ukuthi lezizinja ziyengwa i-ultrasound noma ukundiza kwezinyoni noma ukuhamba kwezikebhe emfuleni. Zigijimela onqenqemeni, kodwa zingaqaphele, zizithola seziphonseke eweni.

Imishini Yokulondeka Yomuntu Siqu

Ngokwe-Toronto Star, abantu abaningi baseCanada bathola imishini ephathekayo yokulondeka ukuze bazivikele. Phakathi kwemishini ethandwayo kukhona “ebanga umsindo” noma “eklabalasayo”—izinhlabamkhosi zomuntu siqu ezikhipha umsindo ngezinga eliphakeme. Okunye okutholakalayo amabhodlela aqukethe amakhemikhali anephunga elibi aklanyelwe ukuthena umhlaseli amandla, nemithi eyizifutho eyenza kube lula ukuba kamuva umhlaseli atholakale, osuke esefutheke waba luhlaza njengotshani. Nokho, i-Star siyavuma ukuthi “lemishini yokulondeka yomuntu siqu ayinakuqinisekisa ukuthi umuntu ngeke abe isisulu sesenzo sobudlova. Ngokwamaphoyisa, izinyathelo zokwahlulela okuhle ezithathwe kusengaphambili, zingaba ezibaluleke ngokwengeziwe kunemishini yobuchwepheshe.”

Izingozi Zempilo Kwezolimo

Imithi yokubulala isikhunta, ukhula, nezinambuzane iye yasiza abalimi ukuba banciphise ukulahlekelwa izitshalo zabo. Nokho, umbiko we-International Labor Organization uthi amakhemikhali ezolimo ayimbangela eqondile yokufa kwezisebenzi zasemapulazini ezingaba ngu-40 000 unyaka ngamunye. Kulinganiselwa ukuthi lamakhemikhali anemiphumela emibi ngokungathi sína empilweni yabanye abantu abayizigidi ezintathu nengxenye kuya kwabayizigidi ezinhlanu nengxenye.

Abapristi BaseSheshi NoNkulunkulu Wabo Owenziwe Umuntu

ISonto LaseSheshi lisanda kuxosha omunye wabefundisi balo. Lompristi wayekufundisa obala ukungakholelwa kuNkulunkulu onamandla angaphezu kwawemvelo, ukungakholelwa eBhayibhelini, nokungakholelwa kuJesu njengomsindisi. Naphezu kokungalinaki kwakhe okusobala iBhayibheli nezimfundiso zalelisonto, ukuxoshwa kwakhe kwabangela ukuba bamzwele abanye abapristi. Abefundisi beSonto LaseSheshi abangu-75 basayina incwadi yomphakathi ecela ukuthi lendoda okukhulunywa ngayo ivunyelwe ukuqhubeka ingumpristi. Abanye abapristi bathi kunenqwaba yabefundisi baseSheshi abakanye nabo abangakholelwa kuNkulunkulu onamandla angaphezu kwawemvelo.

Ukungalondeki Kwembulunga Yonke

Ngokuphathelene ne-World Summit for Social Development ezoba ngo-March 1995, i-UNDP (United Nations Development Program) yakhipha iphepha elizwakalisa ukukhathazeka kwayo ngokungalondeki kwesintu. Leliphepha, lisekela umbiko walo kuyi-Human Development Report 1994, laphawula ukuthi “ekuqaleni kwalelikhulu leminyaka, amaphesenti angaba ngu-90 ezinkubela zempi kwakungamabutho empi. Namuhla, amaphesenti angaba ngu-90 ayizinkubela izakhamuzi ezivamile—ukushintsha okuyingozi kwalesisimo.” I-UNDP iyavuma ukuthi ukulondeka kwesintu kuyasongeleka kungakhathaliseki ukuthi uhlalaphi. I-Human Development Report yanezela ukuthi “indlala, izingxabano zezinhlanga, ukuwohloka komphakathi, ubuphekula, ukungcola nokushushumbiswa kwezidakamizwa akusezona izenzakalo ezenzeka ezindaweni ezithile kuphela, ezenzeka kuphela phakathi kwemingcele yesizwe esithile. Imiphumela yazo izwakala embulungeni yonke.”

Ama-pit Bull Azulayo

Ngokwe-New York Times amadolobha amaningi aseMpumalanga ye-United States abhekene nenkinga eyandayo yama-pit bull ayingozi azula emigwaqweni. UTom Simon, isikhulu se-Canine Control Office uthi akuwona wonke ama-pit bull ayingozi. Wathi “uma eqeqeshwe ngokufanele, angaba izinja ezikahle ngempela futhi abe izilwane ezinhle zokufuywa.” Kodwa iqiniso elibuhlungu liwukuthi lezizinja eziyingozi okukhulunywe ngazo ngenhla ziye zazalaniswa futhi zaqeqeshwa ukuba zibe izilwi ezinonya. Ezinye izinja zihlukunyezwa ngonya “ukuze zibe nolaka ngokwengeziwe,” kuchaza omunye uchwepheshe. Ngemva kokulwa ngonya nezinye izinja, izinja eziningi azibe zisakwazi ukuphinde zilwe. Lapho lokhu kwenzeka, ngokuvamile abaninizo bamane bawayeke ama-pit bull azule emigwaqweni.

Indikimba Yesonto Entsha Yomhlaba Wonke Yase-Australia

Ngo-1946, amasonto amaningi ase-Australia abumba uMkhandlu Wamasonto wase-Australia. ISonto LamaRoma Katolika alizange libe ilungu kodwa lalilokhu liba khona emihlanganweni yawo eminingi. Manje, cishe eminyakeni engu-50 kamuva, lomkhandlu usunikezwe igama elisha elithi uMkhandlu Wamasonto Esizwe ase-Australia. Inani lamalungu awo liye landa ngelungu elilodwa—iSonto LamaKatolika. ISonto LamaLuthela lamenywa ukuba lijoyine lendikimba, kodwa lenqaba, njengoba ayengemaningi amalungu alo ayeyisekela lenhlangano. I-Sydney Morning Herald yaphawula ukuthi uDavid Gill, owaqokwa ukuba abe unobhala-jikelele walomkhandlu omusha, wathi ‘bathandaza kakhulu,’ futhi wanezela: “Ngicabanga ukuthi lokho ngokwakho kuwushintsho.” Wayebhekisela emkhandlwini wangaphambili “owawuthambekele ngandlela-thile kwezombangazwe.” Kwathiwa “kwabonakala kugcizelelwa ubulungisa bomphakathi esikhundleni sokugcizelela ukusakaza iZindaba Ezinhle.” Leliphepha lanezela: “Ukuhluleka ukugxila kulokho abavangeli abakubiza ngokuthi ‘izindaba ezinhle’ kuye kwenza uqhekeko olukhulu, olungakalungiswa.”

Izimpahla Ezingalandiwe

Kwenzekani ngezimpahla ezingalandiwe ezishiywa ezinkampaneni ezinkulu zokuthutha izimpahla zase-United States? Zidayiswa eScottsboro, e-Alabama, enkampaneni ebizwa ngokuthi i-Unclaimed Baggage Center. Lapho ziyavulwa, zihlanzwe, zihlolwe ukuthi azinamali yini, bese zidayiselwa umphakathi. “Ukuthi nje nhlá ngaphakathi e-Unclaimed Baggage kungaguqula ngisho nomuntu othembela ekuhambeni ngendiza ukuba aphathe izimpahla angase akwazi ukungena nazo endizeni,” kusho i-Wall Street Journal. “Izindawo ezine eziwudedangendlale okudayiselwa kuzo zinazo zonke izinto kusukela emabhantshini esikhumba nezindobo kuya ezikibheni nakumakhamera. . . . Futhi ungathola nemishini yokuthosa izinkwa, izimonyo, izimpondo zamaphiva, amakhasethi omculo waseHungary, ngisho nebhokisi lomngcwabo.” Izikhungo zokuthutha izimpahla ngezindiza zinakekela izikhwama ezingaba izigidi ezimbili ngosuku, nakuba zithumela kubantu abangafanele noma zibeka endaweni engafanele ezingaba ngu-10 000 kuya kwezingu-20 000 kuzo, ezingaphansi kuka-200 aziphindiselwa kubaninizo. Izihambi zinikezwa izinyanga ezintathu zokulanda izimpahla zazo ngaphambi kokuba zidayiswe. “Nakuba izikhungo zokuthutha izimpahla ngezindiza zithi azibatholi abanikazi bezimpahla ezithunyelwa eScottsboro, omabhalane lapho bathi bachitha amahora amaningi bexebula futhi becisha amagama namakheli kulezizimpahla ngaphambi kokuzibekela ukudayiswa,” kusho le-Journal.

Isakhiwo Esingcwele Esingenisa Imali Eshisiwe

Isiqhingi esincane, esingaziwa kahle esiseningizimu yeJapane ngokuphazima kweso siye saduma, ngenxa yesakhiwo esingcwele sakulendawo samaShinto. Igama laso elithi Hoto, lisho “ukuba nengcebo,” futhi iqembu eligqugquzela umphakathi liye lasisebenzisa kwaba nemiphumela ekade lingayilindele nakancane. Lahlela ukuba lesisakhiwo esingcwele sidayise izikhwama abantu abangafaka kuzo amathikithi abo e-lottery. Bathi ngokusebenzisa ‘lezizikhwama zenhlanhla’ ezithengwe kulesisakhiwo esingcwele, kuyisiqinisekiso sokuba nenhlanhla kuyi-lottery. Kusukela ngalesosikhathi, “abantu abanethemba lokuzuza izindodla zemali kuyi-lottery bebelokhu bethutheleka eSakhiweni Esingcwele iHoto,” kusho i-Asahi Evening News. Nokho, akuyona “lenqwaba yabantu,” kodwa yilesisakhiwo esidayisa isikhwama ngasinye ngamaRandi angu-35 nangamaRandi angu-110, esiye senza imali eshisiwe.

IGibithe Inomgwaqo Ogandaywe Ngamatshe Omdala Kunayo Yonke

Abacwaningi besayensi yokuma komhlaba baye bathungatha umgwaqo ogandaywe ngamatshe ongamakhilomitha angu-12 onqamula ogwadule olungamakhilomitha angu-69 ngaseningizimu-ntshonalanga yeCairo. Lomgwaqo wasendulo, ogandaywe ngamatshe angamakhekheba e-limestone, i-sandstone, ngisho nangezinkuni eziqine njengetshe, kuye kwathiwa waba khona ngawo-2600 kuya ku-2200 B.C.E., phakathi nenkathi yoMbuso Omdala. Unesilinganiso sobubanzi obungamamitha amabili. Lomgwaqo wakhiwa ukuze kube lula ukuthuthwa kwamatshe asindayo esuka ezinkwalini ze-basalt eyiswa ogwini lwechibi lasendulo elalixhumene neNayile ngesikhathi idla izindwani. Lelichibi alisekho. Lamatshe amnyama ayethandwa ababusi baseGibithe yasendulo ngenxa yokuthi kwakwakhiwa ngawo amatshe amathuna futhi kugandaywa nengaphakathi lamathempeli aseGiza ayizindawo zokugcina izidumbu. “Lomgwaqo ungokunye ukunqoba kobuchwepheshe obabangelwa iGibithe yasendulo,” kusho uprofesa wesayensi yokuma komhlaba uDkt. James A. Harrell. Umgwaqo ogandaywe nge-flagstone waseKrethe, owaba khona ngemva kuka-2000 B.C.E., ngaphambili kwakuyiwona mgwaqo ogandaywe ngamatshe okwakwaziwa ukuthi mdala kunayo yonke.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela