Okungaphambili—Isikhathi Esihle Kunazo Zonke!
NGOKWEBHAYIBHELI, uNkulunkulu wayehlose ukuba uhlanga lwesintu luphile phakade epharadesi lomhlaba wonke. (Genesise 1:28; 2:8, 9) Ngokusobala, siye sadedela kude nenjongo kaNkulunkulu yasekuqaleni. Kwenzekani?
Umbhangqwana wokuqala ongabantu awumlalelanga uNkulunkulu, okwabangela ukungapheleli nokufa kuwo nakuyo yonke inzalo yawo. (Genesise 2:16, 17; 3:6, 7, 17-19; Roma 6:23) IBhayibheli liyachaza: “Isono safika ezweni ngamuntu munye, futhi isono sakhe saletha nokufa. Ngenxa yalokho, ukufa kuye kwasakazeka kulo lonke uhlanga lwesintu ngoba wonke umuntu wonile.”—Roma 5:12, Today’s English Version.
Naphezu kwalesisimo, injongo kaNkulunkulu ayikashintshi. “Izwi lami linjengeqhwa nemvula okwehla emkhathini ukuze kumatise umhlaba. Kwenza izitshalo zikhule futhi kunikeza imbewu etshalwayo nokudla okudliwayo. Liyoba njalo nezwi engilikhulumayo . . . Lizokwenza konke engilithumela ukuba likwenze.” (Isaya 55:10, 11, Today’s English Version) Yini uNkulunkulu athembisa ukusenzela yona?
IZIBUSISO NGAPHANSI KOMBUSO KANKULUNKULU Ukuphila Okuphakade
“Abalungileyo bazakudla ifa lomhlaba, bahlale kuwo njalonjalo.”—IHubo 37:29.
“Ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:4. Ukulondeka
“Kusengumzuzwana, omubi angabe esabakho; kuyakuthi lapho uhlola indawo yakhe, uyakube engasekho.”—IHubo 37:10.
Umsebenzi Owanelisayo
“Abantu bayokwakha izindlu futhi bahlale kuzo—ngeke zisetshenziswe omunye umuntu. Bayotshala izivini futhi bajabulele iwayini—ngeke liphuzwe abanye. Njengezihlahla, abantu bami bayophila ukuphila okude. Bayozijabulela ngokugcwele izinto abazisebenzele.”—Isaya 65:21, 22, TEV. Impilo
“Abakhé khona abayikusho ukuthi: Ngiyagula; abantu abahlala khona bayakuthethelelwa ububi babo.”—Isaya 33:24. Akukho Ukukhubazeka
“Amehlo ezimpumputhe ayakuvulwa, zivuleke nezindlebe zezithulu. Khona unyonga luyakutshekula njengendluzele, nolimi lwesimungulu luyakuhuba.”—Isaya 35:5, 6. Inala Yokudla
“Kuyakuba-khona inala kakolweni ezweni esiqongweni sezintaba.”—IHubo 72:16. Ukuthula
“Wozani nibone izenzo zikaJehova, izincithakalo azenzileyo emhlabeni. Uphelisa ukulwa kuze kube-semikhawulweni yomhlaba.”—IHubo 46:8, 9.
LOKHO OKUDINGEKA UKWENZE
Yini okumelwe uyenze ukuze ujabulele lezizibusiso ezithenjiswe uNkulunkulu? IBhayibheli liyaphendula kuJohane 17:3: “Lokhu kusho ukuphila okumi phakade, ukungenisa kwabo ulwazi ngawe, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo owamthuma, uJesu Kristu.” Yebo, ngokufunda ngoNkulunkulu—igama lakhe, injongo yakhe, nemithetho yakhe—sithola isiqondiso. Ngaphezu kwalokho, ngokufunda ngoJesu—ukuphila kwakhe emhlabeni, umhlatshelo wakhe wesihlengo ngenxa yezono zethu, isikhundla sakhe njengoMbusi woMbuso kaNkulunkulu—singaqiniseka ngokuthi injongo kaNkulunkulu iyogcwaliseka.
Ukubekezelela kukaNkulunkulu ububi kuye kwabonisa ngaphandle kokungabaza ukuthi umuntu, njengesihambi esisendaweni esingayijwayele, akanakuziqondisa izinyathelo zakhe. (Jeremiya 10:23) Ngempela, ngohulumeni abanhlobonhlobo—kusuka emibusweni yomashiqela kuya emibusweni yentando yeningi—umuntu uye wazama zonke izindlela angazicabanga. Nokho, ukuphumelela kwakhe kuye kwalinganiselwa.
Yeka indlela esingabonga ngayo ngokuthi uMbuso kaNkulunkulu uyophendula umthandazo oshiwo izigidi: “Intando yakho mayenzeke nasemhlabeni, njengasezulwini.” (Mathewu 6:10) Izibusiso zoMbuso kaNkulunkulu ziyojatshulelwa emhlabeni lapho ngokushesha ususa bonke ohulumeni babantu. IBhayibheli liyathembisa: “Ezinsukwini zalawomakhosi uNkulunkulu wasezulwini uyakumisa umbuso ongasoze wachithwa nobukhosi bawo bungayikushiyelwa kwabanye abantu, kepha uyakuchoboza, uqede yonke lemibuso, wona uqobo ume phakade.”—Daniyeli 2:44.
Yeka isikhathi esihle leso okuyoba yiso! Ulwazi lweBhayibheli ngempela lungasinikeza ithemba. Yebo, lezi izikhathi ezinzima—futhi ziba zimbi nakakhulu. Kodwa lokho kumane nje kubonisa ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina zalesisimiso esibi sezinto. Ngokushesha lezizikhathi ezimbi ziyositshekelwa yisikhathi esihle kunazo zonke ngaphansi koMbuso kaNkulunkulu!