Umuhlwa—Umngane Noma Isitha?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EKENYA
“KUMBE! Mchwa!” Sababaza kanjalo esinye isikhonzi esingumKristu njengoba sasiphakamisa idamu elithwalekayo elakhiwe ngamapulangwe sikanye nabanye beyiqembu. Babenethemba lokulisebenzisa njengedamu lokubhapathizela emhlanganweni wesifunda woFakazi BakaJehova eKenya. Nokho, badumala lapho bethola ukuthi ingxenye enkulu yalamapulangwe yase idlekile. Yingakho lesisikhonzi sasho amazwi okukhungatheka. Uma ehunyushwa, asho ukuthi: “Hawu! Imihlwa!”
Mhlawumbe asikho esinye isinambuzane esivame ukuhlotshaniswa nokonakalisa impahla njengomuhlwa omncanyana. Kodwa ingabe lesisilokazane siyisitha somuntu ngempela? Ukuze sithole impendulo, ake sihlolisise umuhlwa.
Inqaba Yemihlwa
EKenya, kuvamile ukuba umuntu abone amakhaya emihlwa aphakeme. Lawa ayizakhiwo ezinjengoshimula eziphumela ngaphezu komhlabathi zibe amamitha angaba mahlanu kuya kwayisithupha ukuphakama. Leziziduli, ezifana nezinqaba zikakhonkolo, zakhiwa ngobunyoninco kangangokuba imihlwa iye yabizwa ngokuthi izingcweti zabaklami bezakhiwo. Ingabe akukhungathekisi yini ukucabanga ukuthi izinambuzane ezincanyana zingamisa izinqaba ezinjalo ezihlaba umxhwele, nakuba zihamba kancane kakhulu ngezinyawo zazo—futhi ziyizimpumputhe?
Ngaphakathi esidulini kunenkimbinkimbi yamakamelo nemihubhe ehlelwe ngokucophelela. Futhi lelidolobha elikhulu eliphithizelayo linesimiso esiphumelelayo sokukhipha amanzi, esokungenisa umoya, ngisho nesokulawula izinga lokushisa. Umoya oshisayo uphuma ngezimbobo ezingaphezulu esidulini. Umoya opholile ungena ngezansi. Ukuze kuphole ngokwengeziwe kusetshenziswa isimiso esilula somhwamuko: Imihlwa ichela izindonga zayo ngamanzi ngokuzikhwifa. Njengoba lamanzi ehwamuka, apholisa umoya futhi asize ekujikelezeni komoya. Kanjalo ikhaya lemihlwa lihlala lisezingeni lokushisa elipholile elingu-30° C. ubusuku nemini!
Umphakathi Wemihlwa
Okumangalisa ngisho nangokwengeziwe umphakathi wayo. Kwezinye iziduli zemihlwa kuhlala imiphakathi esebenza ngokuphumelelayo, noma izihleke, ezinezakhamuzi ezifinyelela ezigidini ezinhlanu. Njengoba isihleke singenayo nakancane inxushunxushu, siyisibonelo sekhono lokusebenza ngokuphumelelayo. Umkhaya womuhlwa wakhiwa izigaba ezintathu, okungukuthi, izisebenzi, amasosha, naleyo ezalayo. Izisebenzi zakha iziduli ngokoqobo, zisebenzisa amathe azo njengosimende.
Amasosha yilawomalungu omkhaya ayizilwi. Njengoba ehlome ngemihlathi enamandla namazinyo acijile, avikela inqaba kubahlaseli, abanjengezintuthwane ezingamabutho. Futhi asebenza njengabalindi ukuze avikele izisebenzi lapho ziphuma esidulini ziyofuna ukudla. Uma kudingekile, lamasosha aphendukela empini yamakhemikhali; indlala ethile ekhethekile isebenza njengesibhamu esikhwifa amanzi, ikhipha uketshezi olubulalayo.
Akhokhelwa kanjani amasosha ngezinkonzo azenzayo? Phela, kubonakala sengathi imihlathi yawo mikhulu kangangokuba awakwazi ukuhlafuna ukudla azidlele ngokwawo. Ngakho lapho isosha lilambile, livele linwaye ikhanda lesisebenzi ngezimpondo zalo. Lokho kusho ukuthi, “Ngifunze!” Isisebenzi sisabela ngokufaka ukudla osekuhlafuniwe emlonyeni walelisosha.
Ekamelweni lasebukhosini, elimbozwe isigayegaye sobumnyama, kuhlala imihlwa ezalayo—inkosi nendlovukazi. Indlovukazi inkulu kakhulu uma iqhathaniswa nomlingani wayo omncanyana. Isisu sayo, esikhukhumaliswe amaqanda, siwubufakazi bamandla ayo okuzala angavamile. Kulinganiselwa ukuthi ingazalela amaqanda angu-4 000 kuya kwangu-10 000 ngosuku. Akumangalisi ukuthi abanye baye babiza indlovukazi ngokuthi “umshini ozilawulayo wokuzalela amaqanda.”
Nokho, lombhangqwana wasebukhosini awunaso isikhathi sokuba wodwa, njengoba unakekelwa iqembu lemihlwa eyizisebenzi. Lezizisebenzi ziyayizungeza indlovukazi, zinakekela izidingo zayo eziphuthumayo futhi ziyinika ukudla. Njengoba amaqanda ebekelwa, izisebenzi ziwathutha ngemihlathi yazo ziwayise ekamelweni eliyinkulisa.
Abangane Noma Izitha?
Nakuba abantu abambalwa bengaphika ukuthi lezizinambuzane zihlaba umxhwele, abaningi basazibheka njengeziyinkathazo—izitha! UDkt. Richard Bagine, inhloko yoMnyango Wesayensi Yezilwane Ezingenamgogodla weMinyuziyamu Yesizwe yaseKenya, watshela i-Phaphama!: “Kuyiqiniso ukuthi imihlwa ibhekwa abantu njengesinye sezinambuzane ezicekela phansi kunazo zonke. Kodwa ososayensi bayibheka ngendlela ehlukile imihlwa. Endle, imihlwa ingamalungu awusizo omphakathi wezitshalo nezilwane.
“Okokuqala, igaya izakhi zezitshalo ezingasaphili izenze zibe izithako ezilula. Ngalendlela, imihlwa ivuselela izakhi ezidingwa izitshalo. Okwesibili, iwumthombo wokudla obalulekile. Idliwa cishe yizo zonke izinhlobo zezinyoni nayizilwane ezincelisayo eziningi, ezihuquzelayo, ezihlala kokubili emanzini nasezweni, nezinye izinambuzane. Abantu abaningi basentshonalanga nasenyakatho yeKenya nabo bayakujabulela ukunambitheka kwayo okunoshukela, nokumnandi; inamafutha namaprotheni amaningi. Okwesithathu, isiza ekwakheni umhlabathi. Imihlwa ihlanganisa umhlabathi ongaphezulu nongaphansi lapho yakha futhi ilungisa izidleke zayo. Igaya izingcezu ezinkulu zezakhi zezitshalo ezingasaphili izenze zibe izingcezu ezincane, yenza umquba. Njengoba ihamba phakathi emhlabathini, yenza imigudu yomoya namanzi okudingwa izimpande zezitshalo. Kanjalo imihlwa ithuthukisa isimo somhlabathi, ukwakheka nokuvunda kwawo.”
Nokho, kungani imihlwa ihlasela izindawo zabantu zokuhlala? UDkt. Bagine uthi: “Eqinisweni, abantu baye bathatha izindawo zemihlwa zokuhlala futhi basusa iningi lemithombo yezitshalo esetshenziswa imihlwa. Imihlwa kumelwe idle ukuze iphile, futhi ngokuvamile idla izitshalo ezingasaphili. Lapho iphucwa zona, imihlwa idla izakhiwo ezenziwe abantu, ezinjengezindlu nezinqolobane.”
Ngakho nakuba ngesinye isikhathi umuhlwa ungase ubonakale uyinkathazo, ngokuqinisekile awusona isitha sethu. Eqinisweni, uyisibonelo esimangalisayo senhlakanipho kaJehova yokudala. (IHubo 148:10, 13; Roma 1:20) Futhi ezweni elisha likaNkulunkulu elizayo, njengoba umuntu efunda ukuphila ngokuvumelana nomphathi wezilwane, ngokungangabazeki uyofinyelela esimweni lapho eyowubheka njengomngane umuhlwa omncanyana, hhayi njengesitha.—Isaya 65:25.
[Izithombe ekhasini 17]
Isiduli semihlwa esinjengenqaba esivamile
Ngaphakathi: Imihlwa eyizisebenzi
[Isithombe ekhasini 18]
Umuhlwa oyisosha, ngekhanda lawo elikhulu nezindlala ezikhiqiza amakhemikhali abulalayo, ukuhlomele ukuvikela isihleke semihlwa
[Isithombe ekhasini 18]
Indlovukazi, isisu sayo sikhukhumaliswe amaqanda
[Isithombe ekhasini 18]
Indlovukazi neqembu layo labalindi