Ingabe Zaklanywa?
Izimbobo Zomoya Zesiduli Somuhlwa
◼ Kuthiwa iziduli zomuhlwa zakhiwe ngobunyoninco, futhi ngesizathu esihle. Lezi ziduli ezimangalisayo, ezakhiwe ngomhlabathi nangamathe, zingaphakama zifinyelele amamitha ayisithupha. Izindonga zazo ezingamasentimitha angu-45 zishiswa yilanga zize ziqine njengokhonkolo. Ezinye ziye zakhiwa ngobusuku obubodwa nje.
Maduze nemaphakathi lesiduli kuhlala unomthebe, ongabekela izinkulungwane zamaqanda usuku ngalunye. “Imihlwa eyizisebenzi” engenazimpiko nengaboni ithutha amaqanda iwafake emagumbini akhiwe ngokukhethekile. Lapho, inakekela iziphungumangathi njengoba zichanyuselwa. Kodwa mhlawumbe into eyisimanga kakhulu ngesiduli izimbobo zaso ezifaka umoya.
Cabangela lokhu: Inqwaba yezimbobo nezintuba igcina izinga lokushisa elizinzile ngaphakathi esidulini—naphezu kwezimo ezishintshashintshayo ngaphandle. Ngokwesibonelo, eZimbabwe, e-Afrika, izinga lokushisa ngaphandle lingashintshashintsha kusukela ku-2°C. ebusuku kuya kwelingaphezu kuka-38°C. emini. Kodwa, izinga lokushisa esidulini lihlala lingu-31°C. Kungani?
Izimbobo ezisezindaweni ezifanele esisekelweni sesiduli zingenisa umoya opholile, kuyilapho umoya oshisayo ukhishwa yizimbobo zesiduli eziphezulu. Umoya opholile ungena esidulini ngomhubhe ongaphansi kwenhlabathi bese ujikeleza ezintubeni nasemagumbini. Umuhlwa uyazivula futhi uzivale lezi zimbobo ukuze ulawule izinga lokushisa uma kudingeka. Kudingeka izinga lokushisa elizinzile ukuze umuhlwa ukwazi ukukhulisa isikhunta esiwukudla kwawo okuyinhloko.
Umklamo wesiduli umangalisa kangangokuthi abaklami bezakhiwo básebenzisa ubuchwepheshe obufanayo ekwakheni ibhilidi eZimbabwe. Leli bhilidi lisebenzisa amaphesenti ayishumi kuphela kagesi odingwa amabhilidi avamile angangalo.
Ucabangani? Ingabe ikhono lomuhlwa lokulawula izinga lokushisa ngaphakathi esidulini sawo lavela ngengozi? Noma lokhu kuwubufakazi bokuklama?
[Imithombo Yesithombe ekhasini 25]
Top: Stockbyte/Getty Images; bottom: Scott Bauer/Agricultural Research Service, USDA