Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g95 6/8 k. 24-k. 25 isig. 6
  • Ukuvakashela Emakethe Yamakamela Yase-Omdurman

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuvakashela Emakethe Yamakamela Yase-Omdurman
  • I-Phaphama!—1995
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani Ilapha?
  • Afunwa Kakhulu
  • Ukuhweba Okukhulu
  • Ikamela LaseArabia—Isithuthi SaseAfrika Esithutha Konke
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe U-Abrahama Wayenawo Ngempela Amakamela?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Lapho Amakamela Namahhashi Asendle Etshakadula Khona
    I-Phaphama!—2001
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1995
g95 6/8 k. 24-k. 25 isig. 6

Ukuvakashela Emakethe Yamakamela Yase-Omdurman

“IKUPHI i-Mowaleeh?” sibuza. Besihamba ngemoto yethu edonsa ngawo womane amasondo ukusuka enhloko-dolobha, eKhartoum, ukuya emaphethelweni angasentshonalanga e-Omdurman yasendulo, idolobha elikhulu kunawo wonke eSudan.

Azikho izimpawu zomgwaqo, kuphela imikhondo eminingi esihlabathini. Ngakho sibuza lombuzo ongenhla emadodeni athile agibele izimbongolo zawo. Lezizilwane zabo zokuthutha zithwele imigqomo yamanzi okuphuza. Lababagibeli bawusizo futhi basibonisa indlela efanele. Ngemva kwamanye amakhilomitha angu-8, sidlula ngemoto yethu emngceleni ophakeme wesihlabathi futhi sibona umbukwane, imakethe yamakamela yase-Omdurman, i-Mowaleeh.

Kungani Ilapha?

Lokhu kuhluke kakhulu ezikhungweni zezitolo ezineziphephetha-moya eNtshonalanga. Lemakethe ingaphandle elangeni elikhipha umkhovu etsheni laseSahara Desert. Njengoba inobukhulu obungaba amakhilomitha-skwele amathathu, ingenayo imingcele ecacile, ayinazo izihlahla noma izitshalo. Eqinisweni, kunesihlabathi kuyo yonke indawo amehlo afinyelela kuyo. Kodwa ungabona namakhulu amakamela nabelusi bevunule ngesivatho sesizwe esingokwesiko esibizwa ngokuthi i-jalabeeya.

Njengoba sibuka uthuli oluphuzi olucolekile lupheshethwa umoya kulolugwadule olomile, siyazibuza, ‘Kungani bamisa lemakethe kulendawo?’ Ngokushesha impendulo iba sobala. Kubonakala ithange elikhulu lamanzi avela emthonjeni ojulile, elishintsha ukubukeka kwalendawo. Lomthombo wamanzi ayigugu wenza lena kube indawo efanelekile yemakethe enjena. Eziningi zalezizilwane zizothunyelwa eGibithe naseLibya zisuka lapha.

Njengoba sisondela, sihlangatshezwa abelusi bama-Arabhu abamomothekayo. Umnikazi wamakamela ngamunye ubuthela amakamela akhe ndawonye. Siphawula ukuthi eziningi zalezizilwane zigotshwe umlenze wangaphambili wesobunxele wabe usuboshwa. Kungani bekhubaza izilwane zabo okwesikhashana? Kunenkolelo-ze yokuthi umlenze wesobunxele okaSathane! Ngaphandle kwalokho, ukubopha umlenze owodwa kwenza lesisilwane singazuli futhi kwenze kube lula ngabathengi ukuzihlola.

Afunwa Kakhulu

Kungani ikamela liyinto efunwa kangaka? Kungenxa yokuthi lihlonyiswe kahle kakhulu ukuze libhekane nezimo ezinzima zasogwadule; liyisilwane sokuthutha esihle kulendawo eyomile. Amakhala alo amade, anjengomklayo avaleka ngokushesha lapho kunesiphepho sasogwadule. Amadlebe alo asemuva nekhanda futhi agcwele uboya obuvimba isihlabathi ukuze singangeni. Isifumbu salo esikhulu, esiqukethe ngokuyinhloko amafutha, siyindawo yokugcina ukudla phakathi nohambo olude. Isifuba namadolo alo agxushekile kulivikela esihlabathini esishisayo nasezinambuzaneni eziyingozi. Ngaphezu kwalokho, amakamela ayakwazi ukudla izitshalo zasogwadule eziqinile nezinameva kakhulu ezitholakalayo futhi angahamba izinsuku eziningi ngaphandle kokuphuza amanzi.a

Ngokuthakazelisayo, amakamela amaningi awazona izilwane zokuthutha. Amanye athengwa nje ukuze kubekelelwe imali. Phela, kuze kube muva nje, amakamela ayesetshenziselwa ukukhokha ilobolo! Eziningi zalezizilwane ziyogcina ngisho nasethunjini. Khona kanye e-Omdurman, izindawo eziningi zokudlela zithengisa inyama yekamela eyosiwe. Esinye isidlo esithandwayo, isidlo sekamela esinosawoti esibizwa ngokuthi i-basturma, ngokuvamile senziwa ngenyama yekamela futhi sibhekwa njengesibiliboco eGibithe nakwamanye amazwe aseMpumalanga Ephakathi.

Akumangalisi-ke ukuthi imakethe yamakamela yase-Omdurman iba matasa lapho lamakamela ase-Arabiya anesifumbu esisodwa elethwa kabili ngesonto, amaningi evela entshonalanga yeSudan. Abathengi cishe bazungezwa abelusi bama-Arabhu abazimisele ukubukisa ngemihlambi yabo.

Ukuhweba Okukhulu

Umuntu ofuna ukuthenga uyoqale ahlolisise lezizilwane ngeso eliqeqeshiwe nelibukhali. Uyothinta isifumbu ukuze aqiniseke ukuthi sigcine amafutha anele. Nokho, amakamela abekwa intengo ngokobukhulu nobudala bawo. Anonyaka owodwa ubudala abizwa ngokuthi ama-heowar, aneminyaka emibili ubudala abizwa ngokuthi ama-mafrood, kanti elithi wad laboon igama lamakamela aneminyaka emithathu ubudala. Nokho, izilwane eziyigugu kakhulu yilezo esezifinyelele enkathini yokuthomba. Izinsikazi zifinyelela lapho cishe eminyakeni emine ubudala, kanti amaduna cishe kweyisishiyagalombili. Lawa abizwa ngokuhlukile ngokuthi ama-heek nama-sudaies. Lapho eseboniswe esinye salezizilwane esezikhulile, ofuna ukuthenga uyosihlola ukuze abone ukuthi lesisilwane sesithombile ngempela yini.

Lapho umthengi elithanda ikamela, ukuhweba kuyaqala. Ikhono lokuhweba libalulekile eMpumalanga Ephakathi! Amazwi athi “Be esm Allah” (Ngegama likaNkulunkulu) amazwi okuqala ashiwoyo. Manje ukubonisana ngentengo kuyaqala. Lezizingxoxo ziqhubeka ngokuthula, ngaphandle kokuklabalasa, ngaphandle kokujaha. Uma umthengi nomthengisi bengavumelani, bamane baphethe ngokuthi “Yeftaah Allah” (UNkulunkulu uyovula elinye ithuba).

Nokho, silapha ukuze sizobona, hhayi ukuzothenga. Njengoba sesithé ukuhlala isikhashana elangeni lasemini elikhipha umkhovu etsheni, sesilungele ukuya ekhaya. Nokho, amakamela abonakala engakhathazekile ngokushisa. Ngakho-ke, sikhumbula indlela ‘lemikhumbi yasogwadule’ eyenziwe yafanelana ngayo nendawo ephila kuyo. Ngokungangabazeki lokhu kuyosho ukuqhubeka kwebhizinisi kulemakethe yamakamela yase-Omdurman ehlaba umxhwele.

[Umbhalo waphansi]

a Bheka isihloko esithi “Ikamela LaseArabia—Isithuthi SaseAfrika Esithutha Konke” ku-Phaphama! ka-June 8, 1992.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela