Wathinta Ukuphila Kwabaningi
NGO-NOVEMBER 19, 1994, uKathy Roberson wafa eneminyaka engu-26 ubudala. Wayeya ngokwethembeka emihlanganweni yobuKristu kwaze kwaba isonto afa ngalo. Ukulwa kwakhe nomdlavuza kusukela eneminyaka engu-9 kwalotshwa ngakho ku-Phaphama! ka-August 22, 1994, ngaphansi kwesihloko esithi “Lapho Ukuphila Kungelula.” Ngemva kokufunda lesi sihloko, abaningi emhlabeni wonke basabela ngezincwadi futhi bachaza indlela isibonelo sikaKathy sesibindi esabathinta ngayo ngokujulile.
Intsha Ikhuthazwa Ukuba Ikhonze UNkulunkulu
ULoida, waseSpain, wabhala: “Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi ngakhala lapho ngifunda okuhlangenwe nakho ngokukhuthazela kukaKathy. Ngangikwesaba ukufa, kodwa ngosizo lwalesi sihloko, ngiyaqonda ukuthi, njengoba asho, ‘okubaluleke ngempela akukhona ukuthi siyaphila noma siyafa manje, kodwa ukuthi siyasizuza yini isibusiso sikaJehova uNkulunkulu, Lowo ongasinikeza ukuphila okuphakade.’”
UMari, waseJapane, wabhala: “Ngenxa yokuthi ngicishe ngilingane noKathy futhi ngabhapathizwa ngosuku olufanayo, ukufunda okuhlangenwe nakho kwakhe kwakufana nokufunda incwadi eyisikhuthazo evela kumngane omkhulu. Ithemba ayenalo lokuthi indaba yakhe yayiyoshukumisa abaningi ukuba basebenzise impilo yabo, hhayi ekuphishekeleni izithakazelo eziyize, kodwa ngokuhlakanipha enkonzweni kaJehova langivusa amadlingozi, njengoba nje sengizoqala ubuphayona obuvamile [inkonzo yesikhathi esigcwele].”
UNoemi, wase-Italy, wabhala okufanayo, ethi isifiso sikaKathy sokuba abasha basebenzise impilo yabo, hhayi ekuphishekeleni izithakazelo eziyize, kodwa ngokuhlakanipha enkonzweni kaJehova “siyoba isikhuthazo entsheni eningi, kuhlanganise nami.” UNoemi wanezela: “Ngibheke phambili ekumboneni ezweni elisha lapho konke lokhu kuyobe sekudlulile. Lapho nje ngiqeda esikoleni esiphakeme, ngizoqala ukuphayona.”
“Ngineminyaka engu-18 ubudala,” kubhala uRachelle waseFlorida, e-U.S.A., “futhi sekuyisikhathi eside ngicabangela umsebenzi wobuphayona. Lapho ngifunda isihloko esithi ‘Lapho Ukuphila Kungelula,’ ngakuthola kukhuthaza kakhulu ukubona umuntu osemusha njengami ekhuthazelela ubunzima obungaka. UKathy ungishukumisele ukuba ngisebenzise impilo yami, njengoba asho, ‘hhayi ekuphishekeleni izithakazelo eziyize, kodwa ngokuhlakanipha enkonzweni kaJehova.’”
Izithunywa zevangeli ezithile zasesiqhingini saseChuuk, eMicronesia, zabhala: “Amaphayona esinawo lapha ampofu ngokwezinto ezibonakalayo. Nokho, okuhlangenwe nakho kukaDade Roberson kwawasiza ukuba akwazise lokho anakho. Aqaphela ukuthi nakuba empofu ngokwezinto ezibonakalayo abusisiwe ngokuba nemizimba eyimiqemane ewavumela ukuba akhonze uJehova isikhathi esigcwele. Kwakuyisikhumbuzo esihle sokuba abonge ngalokho anakho futhi asebenzise amandla awo enkonzweni kaJehova.”
Iqembu labafundi abangu-16 elalisesikoleni samaphayona eFrance lashukumiseleka ukuba lithumelele uKathy isithombe seminduze esinalesi sikhuthazo: “Ngeke sikukhohlwe ukusinxusa kwakho ukuba sisebenzise isikhathi sethu ekukhonzeni uMdali wethu omkhulu.”
Osemusha othile waseFrance wabhala: “Njengoba sibasha futhi siyizisulu eziyinhloko zikaSathane, ngezinye izikhathi sikuthola kunzima ukuhlala siqotho kuJehova. Nokho, lapho sifunda izindaba ezinhle nezishukumisa ngalendlela, sithola amandla amasha nentshiseko, sazi ukuthi abanye abasebasha, njengoKathy, bagcina ubuqotho babo naphezu kokuhlupheka. Yeka isibonelo esihle!”
“Ngicishe ngibe ngangawe futhi ngingumqemane,” kubhala uNadine wase-Ohio, e-U.S.A. “Ezikhathini eziningi ngivumela izinto ezincane ukuba ziphazamise ukukhonza kwami uJehova. Ukufunda indaba yakho kwangenza ngahlolisisa ukuphila kwami, ngiqaphela ukuthi siningi kangakanani isikhathi esiyigugu engisichithile. Uye waba isikhuthazo kimi.”
Owesifazane othile osemusha waseBrazil wathi: “Wangithinta inhliziyo ngokuqondile futhi wakhulisa isifiso sami sokukhonza uNkulunkulu wethu ngokugcwele.”
Osemusha othile waseCanada wabhala: “Ngineminyaka engu-15 ubudala. Eminyakeni emibili edlule, ngathola ukuthi ngiphethwe i-autoimmune hepatitis. Ngosizo lokuhlangenwe nakho kukaKathy Roberson, ngaqaphela ukuthi naphezu kwesimo sami sempilo, nami ngingamkhonza ngokwethembeka uJehova lapho kusenesikhathi nokuthi kumelwe ngilindele ngesineke isimiso sikaNkulunkulu esisha esithenjisiwe ukuze ngilulame ngokuphelele.”
UJennette waseNew Jersey, e-U.S.A., wabhala: “Zonke izithiyo ahlangabezana nazo nokholo alubonisa kusisiza sonke ukuba sizimisele ukuqhubeka silwela ukwenza okwengeziwe enkonzweni kaJehova naphezu kwanoma ibuphi ubunzima esingase sibe nabo. Ngihlela ukusebenzisa okuhlangenwe nakho kwakhe kwezinye zezifundo zami zeBhayibheli ukuze ngizikhuthaze ukuba zibeke imigomo yenkonzo yobuphayona lapho ziqeda esikoleni.”
Nabadala Bakhuthazwa
Owesifazane othile waseCalifornia, e-U.S.A., wabhala: “Ngempela uye wakubekela eceleni konke okungabalulekile ekuphileni kwethu futhi wasibonisa into ebalulekile ekuphileni—ubuhlobo bethu noJehova.” Wanezela: “Nakuba sengimdala, kwangishukumisa okuhlangenwe nakho kwakho nethemba onalo. Kuye kwangisiza ukuba ngibukeze izinto eziza kuqala kimi.”
Enye incwadi evela eCalifornia yathi: “Obhekane nakho kufana nokuvivinywa okukhulu engike ngafunda ngakho abafowethu nodadewethu abaye babhekana nakho eJalimane noma eMalawi noma kwenye indawo. Manje ngineminyaka engu-68, ngakho ngiye ngabona, ngezwa, futhi ngafunda okuhlangenwe nakho okuningi. Indaba yakho iyoba isibusiso kwabasha nabadala.”
Owesifazane othile waseSouth Carolina, e-U.S.A., wavuma: “Angiyona ingane. Ngineminyaka engaba ngu-70 ubudala.” Wabhala ezwakalisa ukwazisa: “Ufana noJobe. Nginethemba lokuthi bonke abasha nabadala bayokuqaphela ukukhuthazela kwakho.”
Enye incwadi yathi: “Ukholo nokuzimisela kukaKathy kwangithinta inhliziyo. Ngineminyaka engaba ngu-57 ubudala, futhi omunye wemigomo yami kwakuwukusebenzisa isikhathi esengeziwe enkonzweni kaJehova lapho ngithatha umhlalaphansi, kodwa muva nje kutholakale ukuthi nginomdlavuza. Yeka ukuthi ngizisola kanjani ngokuthi lapho ngisemusha futhi ngingumqemane, angizange ngimenzele okwengeziwe uJehova! Akekho noyedwa kithi ongabikezela ukuthi ukugula okungathi sína kuyomephuca nini lelo lungelo.”
Umdala ongumKristu wabhala: “Ngizosigcina efayelini elikhethekile lesi sihloko ukuze ngisifunde lapho kwenzeka okuthile okungalindelekile ekuphileni okungavivinya ukholo lwami. Futhi lesi sihloko ngizosigcina efayelini lami lokwalusa ukuze ngikhuthaze abazalwane abathandekayo abahlaselwa ubunzima njengoba lesi simiso sisondela ekupheleni.”
Ngempela, luyasiqinisa ukholo nesibindi esiboniswa yiwo wonke amalungu obuzalwane bethu bomhlaba wonke. (1 Petru 5:9) Sonke sibheke phambili, njengoKathy, ekugcwalisekeni kwesithembiso seBhayibheli sesikhathi lapho ‘ukufa kungeke kusaba khona.’ (IsAmbulo 21:3, 4) Yeka ukuthi kuyoba isikhathi esihle kangakanani lapho ‘abakhé khona bengeke basasho ukuthi: Ngiyagula.’—Isaya 33:24.
[Isithombe ekhasini 20]
UKathy Roberson