Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • ijwyp isihloko 19
  • Kungani Ngizisika?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Ngizisika?
  • Intsha Iyabuza
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuyini ukuzisika?
  • Kungani abantu bekwenza?
  • Uma unalo mkhuba, ungawuyeka kanjani?
  • Kungani Ngizilimaza?
    I-Phaphama!—2006
  • Wathinta Ukuphila Kwabaningi
    I-Phaphama!—1995
  • Okwangenza Ngashiya Umsebenzi Ophambili
    I-Phaphama!—2010
  • Ngingayeka Kanjani Ukuzilimaza?
    I-Phaphama!—2006
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza
ijwyp isihloko 19

INTSHA IYABUZA

Kungani Ngizisika?

  • Kuyini ukuzisika?

  • Kungani abantu bekwenza?

  • Uma unalo mkhuba, ungawuyeka kanjani?

  • Ingxoxo

  • Imibuzo yokuzihlola

  • Incwadi yami yemibhalo yeBhayibheli

Kuyini ukuzisika?

Ukuzisika kuyisenzo sokuzilimaza komuntu ngenhloso ngento ebukhali. Lokho kungenye yezindlela zokuzilimaza. Ezinye zihlanganisa ukuzishisa, noma ukuzishaya. Lesi sihloko sikhuluma ngokuzisika, kodwa izimiso okuxoxwa ngazo ziyasebenza nakwezinye izindlela zokuzilimaza.

Hlola ulwazi lwakho: Amanga noma Iqiniso.

  1. Amantombazane kuphela azisikayo.

  2. Ukuzisika kuphambene nomthetho okuLevitikusi 19:28, othi: “Akumelwe nisike inyama yenu.”

Izimpendulo ezinembile:

  1. Amanga. Nakuba le nkinga ibonakala yande emantombazaneni, nabanye abafana bayazisika futhi bazilimaze nangezinye izindlela.

  2. Amanga. ULevitikusi 19:28 ubhekisela emasikweni obuqaba asendulo, hhayi emkhubeni wokuzilimaza ngenhloso okukhulunywa ngakho kulesi sihloko. Noma kunjalo, kunengqondo ukuphetha ngokuthi uMdali wethu onothando akafuni sizilimaze.—1 Korinte 6:12; 2 Korinte 7:1; 1 Johane 4:8.

Kungani abantu bekwenza?

Hlola ulwazi lwakho: Ikuphi kulokhu ocabanga ukuthi kunembe kakhulu?

Abantu bazisika . . .

  1. ngoba bezama ukudambisa ubuhlungu benhliziyo.

  2. ngoba bezama ukuzibulala.

Impendulo enembile: A. Abantu abaningi abazisikayo abafuni ukufa. Bamane bafuna ukuqeda ukukhungatheka kwabo.

Phawula lokho enye intsha eye yakusho ngomkhuba wayo wokuzisika.

UCelia: “Kwakungenza ngizizwe kangcono.”

UTamara: “Kwakubonakala kuyikhambi lapho ngikhathazekile. Ubuhlungu obungokoqobo babungcono kunobuhlungu obungokomzwelo.”

UCarrie: “Ngangikuzonda ukuzizwa ngidabukile. Ukuzisika kwakwenza ngingacabangi ngosizi lwami kodwa ngicabange ngobuhlungu obungokoqobo engibuzwayo.”

UJerrine: “Njalo lapho ngizisika, ngangicishe ngingaboni nokuthi kuqhubekani lapho ngikhona futhi ngangicabanga ukuthi akudingeki ngibhekane nezinkinga zami. Ngangilujabulela lolo shintsho.”

Uma unalo mkhuba, ungawuyeka kanjani?

Ukuthandaza kuJehova uNkulunkulu kungaba isinyathelo esibalulekile ukuze uphunyuke. IBhayibheli lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.

Ukusikisela: Qala ngokwenza imithandazo emifushane, mhlawumbe umane nje utshele uJehova ukuthi, “udinga usizo.” Ngokuhamba kwesikhathi, uyokwazi ukukhululeka kakhudlwana bese uthululela imizwa yakho ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3, 4.

Umthandazo awuyona nje indlela yokukwenza uzizwe kangcono. Uyindlela engokoqobo yokukhuluma noYihlo osezulwini, othembisa lokhu: “Impela ngizokusiza. Impela ngizoqhubeka ngikubambé ngokuqinile ngesandla sami sokunene sokulunga.”—Isaya 41:10.

Abaningi abebenenkinga yokuzisika bathole induduzo nangokukhuluma nabazali noma omunye umuntu omdala abamethembayo. Cabangela lokhu okulandelayo okushiwo abasha abathathu abenza lokho kanye.

Ingxoxo

  • UDiana, oneminyaka engu-21

  • UKathy, oneminyaka engu-15

  • ULorena, oneminyaka engu-17

Wawuneminyaka emingaki lapho uqala ukuzisika?

ULorena: Ngaqala ngineminyaka engaba ngu-14.

UDiana: Ngangineminyaka engu-18, futhi izinga engangikwenza ngalo lalihlukahluka. Ngangizisika zonke izinsuku isonto lonke noma amabili, bese ngemva kwalokho kuphele inyanga yonke ngingazange ngizisike nhlobo.

UKathy: Ngaqala ngineminyaka engu-14. Namanje ngike ngizithole sengikwenza.

Kungani wawufuna ukuzizwisa ubuhlungu?

UKathy: Ngangilwa nemizwa yokungazithandi. Nganginomuzwa wokuthi akekho umuntu ongafuna ukuba umngane wami.

UDiana: Ngezinye izikhathi ukudabuka kwami kwakungenza ngikhungatheke, ukukhungatheka kwami kungenze ngiphelelwe yithemba. Ukuphelelwa yithemba kwakukhula kuze kube ngaphezu kwamandla. Kwakuba sengathi kunesilwane esesabekayo esingaphakathi kimi futhi nganginomuzwa wokuthi kufanele ngizisike ukuze siphume.

ULorena: Ngangicindezeleka kakhulu noma ngithukuthele noma nje ngizizwe ngidangele. Ngangizizwa ngingcolile, ngakho ngangifuna ukukhipha yonke leyo mizwelo emibi. Ngezinye izikhathi ngangiba nomuzwa wokuthi kufanele ngizwe ubuhlungu.

Ingabe ukuzilimaza kwakukwenza uzizwe kangcono?

UDiana: Kunjalo. Ngangizizwa ngingcono ngemva kwalokho, njengokungathi kunomthwalo owethulwe emahlombe ami.

UKathy: Kuthi akube yindlela ethile yokukhala. Ngangizizwa ngingcono ngemva kokuzisika ngendlela efanayo naleyo abanye abazizwa ngayo ngemva kokukhala kakhulu.

ULorena: Ukuzilimaza kwakufana nokubhoboza imbotshana yokukhipha imizwelo engemihle engaphakathi kimi. Yayingaphumi ngamandla; yayiphuma kancane kancane futhi inciphe imizwelo engemihle.

Ingabe wawesaba ukutshela othile ngalokhu owawukwenza?

ULorena: Yebo. Ngangesaba ukuthi abantu bazocabanga ukuthi ngingumuntu oxakile. Kanti futhi ngangingafuni ukuba abantu bazi ngempilo yami.

UDiana: Abantu babehlale bengitshela ukuthi bacabanga ukuthi nginesibindi, futhi ngangifuna bahlale bekholelwa yilokho. Ngaba nomuzwa wokuthi ukucela usizo kwakuyowushintsha lowo mbono ababenawo.

UKathy: Ngangesaba ukuthi abantu bazocabanga ukuthi ngiyinto edabukisayo, okwakuyongenza ngizizwe kabi nakakhulu ngalokho engiyikho. Ngaphandle kwalokho, nganginomuzwa wokuthi kufanele ngibuzwe lobu buhlungu engangingizizwisa bona.

Yini eyakwenza washintsha?

ULorena: Ngatshela umama ngalokho engangikwenza. Ngathola nosizo lukadokotela, owangisiza ngakwazi ukulawula imizwa engafanele. Ngabuyela kulo mkhuba izikhathi ezimbalwa, kodwa ukuthuthukisa izinga lami lokufunda iBhayibheli kwangisiza. Ngazigcina ngikhuthele nasenkonzweni yobuKristu. Mhlawumbe ngiyohlale ngilwa nemizwa yokuzenyeza, kodwa uma ifika, ngizama ukuba ingangilawuli.

UKathy: Udadewethu ongumKristu ongishiya ngeminyaka eyishumi ubudala, wayebona ukuthi kukhona okwakungahambi kahle kimi, futhi ekugcineni ngamthululela isifuba. Ngamangala ukuthi naye wake waba nenkinga yokuzisika. Akuzange kube nzima kimi ukukhuluma naye ngoba naye wayeke wabhekana nakho. Ngathola nosizo lukadokotela, owasiza mina nabazali bami ukuba siqonde ukuthi kwakwenzekani kimi.

UDiana: Ngolunye usuku kusihlwa ngangisemzini womunye umbhangqwana engiwethembayo, umyeni kadade waphawula ukuthi kukhona okwakungahambi kahle. Wabe esengincenga ukuba ngibatshele ukuthi ngikhathazwa yini. Umkakhe wangibamba wanganga ngendlela umama ayevame ukwenza ngayo ngesikhathi ngiseyintombazanyana. Ngavele ngakhala, naye wakhala. Kwakunzima ukubatshela ukuthi ngangikade ngizilimaza, kodwa ngiyajabula ukuthi ngabatshela.

IBhayibheli likusize kanjani?

UDiana: IBhayibheli lingisize ukuba ngiqaphele ukuthi ngeke ngikwazi ukuyinqoba ngingedwa le nkinga. Ngidinga usizo lukaJehova uNkulunkulu.—IzAga 3:5, 6.

UKathy: Ukufunda iBhayibheli—nokwazi ukuthi elikushoyo kuvela kuNkulunkulu—kunginikeza induduzo ejulile!—2 Thimothewu 3:16.

ULorena: Uma ngihlangana nemiBhalo engithintayo, ngiyibhala phansi ukuze ngiphinde ngiyihlole kamuva.—1 Thimothewu 4:15.

Ingabe ukhona umBhalo owakuthinta ngokukhethekile?

UDiana: IzAga 18:1 zithi: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” Ngezinye izikhathi ngikuthola kunzima ukuba phakathi kwabantu, kodwa lo mBhalo ungenze ngaqaphela ukuthi ukuzihlukanisa kwami kuyingozi.

UKathy: Amavesi amabili engiwathanda kakhulu, uMathewu 10:29 no-31, lapho uJesu athi khona ngisho nondlunkulu akwenzeki ufe kodwa uJehova uNkulunkulu angakuqapheli lokho. Wabe esenezela: “Ningesabi: Nina nibaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.” Ngisho namanje, ukufunda lawo mazwi kuyangikhumbuza ukuthi ngibalulekile kuJehova.

ULorena: Ngiyayithanda indinyana eku-Isaya 41:9, 10, lapho uJehova ethi kubantu bakhe: “Angizange ngikwale. Ungesabi, ngoba nginawe. . . . Ngizokuqinisa.” Lapho ngicabanga ngento eqinile, ngicabanga ngento okungangeneki kuyo, isakhiwo esinezindonga zamatshe. Lo mBhalo unginika amandla, ngazi ukuthi uJehova uyangithanda nokuthi uhlala eseduze nami.

Imibuzo yokuzihlola

  • Lapho usukulungele ukuthola usizo, ubani ongamthululela isifuba?

  • Yini ongayisho kuJehova uNkulunkulu ngesimo obhekene naso?

  • Zikhona izinto ezimbili ongazisho (ezingahlangene nokuzilimaza) ongazisebenzisa ukuze ukhululeke ekucindezelekeni nasekukhathazekeni?

Incwadi yami yemibhalo yeBhayibheli

Ukusikisela: Uma uhlangana nevesi leBhayibheli elikuqinisekisa ngothando lukaJehova noma elingakusiza ukuba uthuthukise umbono ofanele ngawe nangamaphutha akho, ubhale lowo mBhalo kuleyo ncwadi. Bhala nomusho owodwa noma emibili ebonisa ukuthi kungani lelo vesi libalulekile kuwe. Ukuze sikusize ngesiqalo, nayi imiBhalo uDiana, uKathy noLorena abayithola iwusizo.

  • AmaRoma 8:38, 39

    “La mavesi angibonisa ukuthi uJehova uyangithanda, ngisho nalapho nginomuzwa wokuthi izinto sezizimbi kakhulu.”—UDiana.

  • IHubo 73:23

    “ImiBhalo efana nalo ingiqinisekisa ngokuthi angingedwa. Kuba njengokungathi uJehova ulapha eceleni kwami.”—UKathy.

  • 1 Petru 5:10

    “Impumuzo ingase ingafiki ngokushesha; kungase kudingeke sihlupheke ‘isikhashana.’ Kodwa ekugcineni, uJehova angasiqinisa ngokwanele ukuba sikwazi ukukhuthazelela noma yini.”—ULorena.

Eminye imiBhalo yokucatshangelwa

  • IHubo 34:18

  • IHubo 54:4

  • IHubo 55:22

  • Isaya 57:15

  • Mathewu 11:28, 29

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela