Lapho Imali Ihlala Ezihlahleni
AKE sithi imali ibimila ezihlahleni futhi unaso isihlahla esinjalo. Manje cabanga isihlahla sakho sitshalwe eduze kwendlela inqwaba yomakhelwane bakho abahamba ngayo nsuku zonke. Ucabanga ukuthi lemali ibiyohlala isikhathi esingakanani esihlahleni sakho?
Uma bonke omakhelwane bakho bebengoFakazi BakaJehova, isihlahla sakho semali besiyolondeka. Kungani sisho kanjalo? Ngoba oFakazi BakaJehova balandela umyalo weBhayibheli wokuba baziphathe ngokwethembeka ezintweni zonke. (Heberu 13:18) Isenzakalo samuva nje siyakubonisa lokhu.
ENigeria, eNtshonalanga Afrika, kwatholakala imali eyiphepha engama-naira amahlanu emgwaqweni ongamamitha ayikhulu ukusuka esakhiweni esiseduze kakhulu sehhovisi legatsha le-Watch Tower Society. Owayithola wayibophela eqabungeni lesundu likakhukhunathi, ecabanga ukuthi umuntu eyayilahleke kuye lemali wayengase abuye ezoyibheka.
Nakuba oFakazi BakaJehova abaningi ababedlula nsuku zonke babeyibona ngokucacile lemali, akekho owathi yayingeyakhe. Ngemva kwezinsuku eziningi yasuswa futhi yafakwa ebhokisini lomnikelo leNhlangano.