Lapho Ingculaza Iwumqedazwe Khona
EMINYAKENI engaphansi kwengu-15, ingculaza iye yasibekela ngefu elimnyama wonke amazwekazi emhlabeni. Eminyakeni embalwa nje, lesi sifo esinegalelo elinamandla siye saphenduka umqedazwe. I-WHO (World Health Organization) iye yalinganisela ukuthi emhlabeni wonke abantu abangu-5 000 bangenwa ingculaza usuku nosuku. Lokho kusho abantu abangaphezu kwabathathu ngomzuzu ngamunye! Amazwe athinteka kakhulu yilawo ampofu kakhulu, lawo okuthiwa amazwe asathuthuka. I-WHO yabikezela ukuthi ngonyaka ka-2000, lamazwe ayoba namaphesenti angu-90 abo bonke abantu abane-HIV futhi ekugcineni ayoba nabanengculaza abangamaphesenti angu-90.
Labo Ababa Izisulu Kakhulu
URose wayeneminyaka engu-27 ubudala futhi eshadile enezingane ezintathu lapho umyeni wakhe egula ngokungazelele. Wafa ezinyangeni ezimbalwa kamuva. Ngaleso sikhathi kwakungaqinisekwa ngembangela yokufa komyeni wakhe. Odokotela bathi wayenesifo sofuba. Izihlobo zathi wayethakathiwe. Izihlobo zomyeni wakhe zaqala ukuthatha izimpahla zikaRose. Abasemzini bathatha izingane ngenkani lapho engekho ekhaya. URose waphoqeleka ukuba abuyele edolobhaneni lakubo. Eminyakeni emibili kamuva waqala ukuba neziqubu zokuhlanza nesifo sohudo. Kulapho aqaphela khona ukuthi umyeni wakhe wayebulawe ingculaza nokuthi naye yayisimngenile. URose wafa eminyakeni emithathu kamuva, eneminyaka engu-32 ubudala.
Izindaba ezidabukisa njengalena sezandile. Kwezinye izindawo kuye kwaqothulwa yonke imikhaya ngisho namadolobhana.
“Inkinga Yezempilo Enkulu Kunazo Zonke Esikhathini Sethu”
Ohulumeni basemazweni asathuthuka baba senkingeni enkulu lapho bezama ukubhekana nesimo. Ngenxa yokuntuleka kwemithombo yezimali nokuba khona kwezinye izinto eziphuthumayo futhi ezibizayo, ingculaza ibonakala iyigalelo elinamandla kakhulu. Ukuntengantenga kwezomnotho emhlabeni wonke, ukuntuleka kokudla, izinhlekelele ezingokwemvelo, izimpi, imikhuba engokwesiko, nezinkolelo-ze kumane kuyandise lenkinga. Ukunakekelwa ngokukhethekile kweziguli eziphethwe ingculaza okuhilela ukusebenzisa imishini nemithi kumba eqolo. Eziningi zezibhedlela ezinkulu manje ziminyene, ziwohlokile, futhi zinezisebenzi eziyingcosana. Iningi leziguli ezinengculaza lithunyelwa emakhaya liyofela khona ukuze kutholakale indawo yenani elandayo lezinye iziguli ezintulayo. Okuhlobene nengculaza kuye kwaba ukwanda okushaqisayo kwezinye izifo ezibangenayo njengesifo sofuba. Amanye amazwe aye abika ukuthi abantu ababulawa isifo sofuba baye baphindwa kabili kuleminyaka emithathu edlule, futhi iziguli ezinengculaza ezingamaphesenti angaba ngu-80 ezisezibhedlela zinesifo sofuba.
Ithonya Lengculaza Emphakathini
Umqedazwe wengculaza awugadli nje kuphela umkhakha wezokunakekelwa kwempilo kodwa futhi ugadla nakuzo zonke izigaba zezomnotho nezomphakathi. Abangamaphesenti angaba ngu-80 kulabo abanengculaza baphakathi kweminyaka engu-16 nengu-40 ubudala, iqembu lobudala elisebenza kakhulu emphakathini. Iningi labondli bemikhaya liphakathi kwaleminyaka. Imikhaya eminingi ithembele kubo, kodwa njengoba begula futhi ekugcineni befa, abasebancane nabadala basala bengenamondli. Kunoma imuphi umphakathi wase-Afrika, lapho kufa abazali bengane, ngokwesiko ingane ithathwa izihlobo eziseduze. Nokho, namuhla, lapho abazali befa, ngokuvamile ogogo nomkhulu noma ezinye izihlobo ezisele zisuke sezindala kakhulu noma kakade zicindezelekile zizama ukunakekela izidingo zezingane zazo siqu. Lesi simo siye sabangela izintandane nokwanda kwenani lezingane zasemgwaqweni. I-WHO ibikezela ukuthi e-Afrika eningizimu yeSahara kuphela, izingane ezingaphezu kwezigidi eziyishumi ziyobe ziyizintandane ekupheleni kwaleli khulu leminyaka.
Abesifazane bathola ukuthi ubhadane lwengculaza ludabukisa ngokuphindwe kabili futhi luyacindezela. Abesifazane ngokuyinhloko yibo okudingeka banakekele abagulayo nabafayo ubusuku nemini—naphezu kwayo yonke eminye imisebenzi yasendlini okumelwe bayenze.
Lokho Okwenziwayo
Ekuqaleni kwawo-1980, izikhulu eziningi zikahulumeni, zingenalwazi ngosizi lwengculaza futhi zingayiqapheli indlela eyayiyosakazeka ngokushesha ngayo, zazingenasithakazelo futhi zizithele ngabandayo. Nokho, ngo-1986 uhulumeni wase-Uganda waqala ukulwa nengculaza. Eminyakeni engu-9 edlule, i-Uganda ibihlonishwa ‘ngokusungula imizamo ephambili kakhulu yokulwa nengculaza kuze kube namuhla.’
Namuhla, kunezinhlangano ezingaphezu kuka-600 zezizwe nezomhlaba e-Uganda ezizama ukulawula ukusakazeka kwengculaza. Lezi zinhlangano ezisiza umphakathi ziye zamisa isimiso sezikhungo ezifundisa ngengculaza kulo lonke lelizwe. Umphakathi uqasheliswa ngobhadane lwengculaza ngamadrama, ngemidanso, ngezingoma, ngezinhlelo zomsakazo neze-TV, ngamaphephandaba, nangocingo. Kanye nokunakekelwa ekhaya nosizo olungokwenyama, abanengculaza banikezwa iseluleko kanye nabafelokazi nezintandane.
Phakathi koFakazi BakaJehova, ukunakekela izintandane nabafelokazi kubhekwa njengengxenye yokukhulekela kwamaKristu. (Jakobe 1:27; 2:15-17; 1 Johane 3:17, 18) Ibandla aliwuthathi umthwalo wemfanelo wamalungu omkhaya wokunakekela abakubo. Kodwa uma engekho amalungu omkhaya aseduze, noma uma izintandane nabafelokazi bengenakukwazi ukuzinakekela, ibandla libasiza ngothando.
Ngokwesibonelo, uJoyce wayengomunye woFakazi BakaJehova abahlala eKampala, inhloko-dolobha yase-Uganda. Wayeyisisulu sengculaza futhi wafa ngo-August 1993. Ngaphambi kokufa wabhala lokhu kulandisa: “Ngakhula njengomProthestani futhi kamuva ngashada nomKatolika. Nokho, esontweni lakithi ngangibona abaningi beziphethe kabi, ngakho ngayeka ukuya esontweni. Udadewethu omdala wayetadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova, futhi lapho evakashile, wayengitshela ngezinto ayezifunda eBhayibhelini.
“Umyeni wami wayephikisana kakhulu nokutadisha kwami iBhayibheli. Ngisho nabazali bami baqala ukungiphikisa, ikakhulukazi ubaba. Lokhu kuphikisa kwaqhubeka iminyaka emibili, kodwa akuzange kungidumaze, njengoba ngangiqiniseka ukuthi ngangifunda iqiniso. Lapho ngitshela umyeni wami ukuthi ngangifisa ukubhapathizwa, wathukuthela wagan’ unwabu. Wangishaya futhi wangixosha. Ngakho ngahamba futhi ngahlala ngedwa ekamelweni elincane engangiliqashile.
“Kamuva umyeni wami wangicela ukuba ngibuye. Ngokushesha ngemva kokubuya kwami waqala ukuba buthakathaka futhi wagula. Ngamangala, njengoba ngaso sonke isikhathi ayekade engumqemane. Ekugcineni sathola ukuthi wayenengculaza. Wafa ngo-1987. Ngaleso sikhathi ngangiyiphayona elivamile [umshumayeli wesikhathi esigcwele], futhi ngisho noma ngase ngingumfelokazi onezingane ezinhlanu, ngaqhubeka enkonzweni yobuphayona.
“Eminyakeni emine kamuva, ngo-1991, ngaqaphela ukuthi ngangithole ingculaza kumyeni wami. Ngaqala ukuwohloka ngokomzimba futhi ngaqubuka emzimbeni, ngazaca ngokushesha, futhi ngaphathwa umkhuhlane njalo. Ngaqhubeka ngiphayona futhi ngangiqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-20, kodwa njengoba amandla ami ayencipha, ngazinciphisa zaba ngu-16. Ekugcineni abangu-7 kulaba bafundi babhapathizwa.
“Angikaze ngizizwe ngingedwa noma ngicindezelekile, njengoba ibandla lalingisekela ngempela. Ekugcineni, kwakudingeka ngiphuthelwe imihlangano ethile ngenxa yokuba buthakathaka ngokomzimba. Abazalwane babengiqophela yona ekhasethini, futhi ngangondliwa ngokuqhubekayo ngokomoya. Abadala bebandla benza uhlu ukuze odadewethu abangokomoya banakekele izidingo zami ngokushintshana ngisho nokuhlala nami ebusuku. Nokho kunokuthile okwakungikhathaza—izingane zami. Ngazibuza, ‘Kuyokwenzekani kuzo lapho ngingasekho?’
“E-Afrika impahla kamufi ngokuvamile ithathwa izihlobo, ngakho ngangihlala ngithandaza kuJehova ngalokhu. Nganquma ukudayisa indlu yami ngakhe izindlu ezincane eziqashisayo ukuze izingane zami zihlale zinendawo yokuhlala futhi zithole inzuzo njalo. Abazalwane ebandleni bayidayisa indlu yami futhi bakwazi ukuthenga esinye isiqephu sendawo, futhi bangakhela lapho lezi zindlu. Ngangihlala kwenye yazo futhi ngazizwa nginokuthula kwengqondo ngenxa yokwazi ukuthi izingane zami ziyonakekelwa.
“Izihlobo zami zawotha ubomvu ngenxa yokuthi ngadayisa indlu, futhi zaqala ukungimangalela emthethweni. Abazalwane baphinde bangisiza ngokubhekana nalendaba. Lasithetha icala. Nakuba manje ngibuthakathaka kakhulu, inhlangano kaJehova enothando nethemba loMbuso kuyangisiza ukuba ngibekezele. Ngenxa yesimo sami sengilaliswe esibhedlela. Ngisenodadewethu abangokomoya abanakekela izidingo zami imini nobusuku, njengoba isibhedlela singanikezi ukudla okwanele nezingubo zokulala.”
Ngemva kokuhlala izinyanga eziyisithupha esibhedlela, uJoyce wayiswa ekhaya. Wafa ngemva kwezinsuku ezimbili. Izingane zakhe ezinhlanu manje zinakekelwa udade oyiphayona ebandleni naye onezingane ezintathu.
Ikhambi
E-Uganda, lapho ingculaza isiwumqedazwe khona, uMongamel’ uYoweri Kaguta Museveni wathi: “Ngicabanga ukuthi ikhambi elingcono kunawo wonke lokubhekana nosongo lwengculaza nezinye izifo ezithathelwana ngobulili liwukuphinda siqinisekise umphakathi ngokuqondile ngenhlonipho, nangomthwalo wemfanelo umuntu ngamunye anawo kumakhelwane wakhe.” Ngamafuphi, kunesidingo sokuphindela ekubeni nomngane oyedwa womshado. Wonke umuntu uyavuma ukuthi lena indlela okuwukuphela kwayo yokulondeka nokungalawulwa ngayo ingculaza. Nokho, bambalwa abakholelwa ukuthi ingafinyeleleka indinganiso enjalo yokuziphatha.
OFakazi BakaJehova bangabanye balabo abangakholelwa kuphela ukuthi ukuziphatha okunjalo kungaba khona kodwa baziphatha kanjalo. Ngaphezu kwalokho, njengoJoyce, bakholelwa esithembisweni sikaNkulunkulu samazulu amasha nomhlaba omusha okuyohlala kukho ukulunga. (2 Petru 3:13) Ezweni elingenabo nakancane ububi, uJehova uNkulunkulu uyobe esegcwalisa isithembiso esilotshwe kusAmbulo 21:4: “Uyosula zonke izinyembezi emehlweni aso, futhi ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona. Izinto zangaphambili zidlulile.”
[Isithombe ekhasini 10]
Ubaba uthatha indodana yakhe ebulawe ingculaza ukuze iyongcwatshwa
[Umthombo]
WHO/E. Hooper