Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Isosha Laba UmKristu Amehlo ami agcwala izinyembezi lapho ngifunda isihloko esithi “Ngaqeqeshelwa Ukubulala, Manje Nginikeza Ukuphila.” (September 8, 1994) Umuntu wasePalestine abize umJuda ngokuthi “mfowethu”—ubunye obunjalo bungatholakala enhlanganweni kaJehova kuphela!
K. T. O., Malaysia
I-Chop Yakho Ngiyabonga ngesihloko senu esithakazelisayo esithi “I-Chop Yakho—Isignesha Yakho.” (May 22, 1994) Mina nomyeni wami sifunda iBhayibheli nendela engumBuddha yaseTaiwan. Yaphawula ngendlela lesi sihloko esasinembe ngayo! Yabe isibhalela unina oseTaiwan imtshela ukuba asithumele i-chop ebhalwe igama lethu. Sajabula kakhulu!
K. J., United States
Isithukuthezi Ngisanda kufunda uchungechunge oluthi “Ingabe Ukuphila Kwakho Kunesithukuthezi? Ungakushintsha!” (January 22, 1995), futhi mangisho ukuthi zangisiza kakhulu. Bengingakaze ngizicabange njengomuntu onesithukuthezi, kodwa nganginganelisekile neze ngokuphila kwami ngenxa yesimiso sami esingashintshi. Lesi sihloko sangenza ngabheka izinto kabusha.
S. V., United States
Iziqhingi ZaseCanary Ngemva kokufunda isihloko sika-November 22, 1994 esithi “Iziqhingi ZaseCanary—Isimo Sezulu Esincwaba, Indawo Ekhangayo,” ngithanda ukudlulisa ukwazisa kwami ngaso nangezinye izihloko ezifuze lesi ezikuyi-Phaphama! Zisenza siwuqaphele ngokwengeziwe futhi zikhulise ukwazisa kwethu umhlaba wethu omuhle nendalo kaJehova ehlukahlukene. Siyabonga ngokusithathisa lolu “hambo” olujabulisayo.
D. G., United States
Izithunywa Zevangeli Ngazijabulela kakhulu izihloko zenu ezinhle ezithi “Izithunywa Zevangeli—Amanxusa Okukhanya Noma Obumnyama?,” ikakhulukazi ingxenye yesithupha, ethi “Ukwenza Abafundi Beqiniso Namuhla.” (December 22, 1994) Ibandla lethu liye lazuza kakhulu ngokusebenza nombhangqwana oyizithunywa zevangeli ezaqeqeshwa eGileyadi. Iseluleko sawo esihlakaniphile nentshiseko kuye kwangithonyela ekubeni ngenze inkonzo yesikhathi esigcwele ibe umsebenzi wokuphila kwami.
J. K., Botswana
Ukumelana NobuNazi Ngashukunyiswa isihloko esithi “Asizange Siyisekele Impi KaHitler.” (October 22, 1994) Sasinesithombe ‘seSimemezelo Esiqinisekile’ sababhishobhi abayisithupha base-Austria sokusekela ubuNazi. Omunye walabo babhishobhi uyena kanye owangiqinisa ngo-1928 ngesikhathi ngifundela ubuJesuit. Kuyangihlekisa “ukuqiniswa” okunjalo okwenziwa umuntu owayengakwazi kwayena ukuqina okholweni lobuKristu! Leyompi yangenza ngayeka ukuzihlanganisa neSonto LamaKatolika. Ngahamba nasezweni lakithi. Nakuba ngendlela yami ngazama ukumelana nempi, ngangingenaso isibindi esinjengesabakwaWohlfahrts. Ngisabakhumbula oFakazi BakaJehova ababili abenqaba ukuphatha izibhamu. Babulawa ngaso leso sikhathi. Ngiyabazisa abantu abanjalo.
P. K., Chile
Intsha Iyabuza Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingazithuthukisa Kanjani Izingubo Zami Zokugqoka?” (January 22, 1995) Sangenza ngasukuma ngayohlela ikhabethe lami lezingubo elaligcwele nswí. Zonke izinsuku benginenkinga yokuthola into engizoyigqoka, naphezu kwenqwaba yezingubo enginazo. Kodwa ngiyabonga ngamacebiso enu awusizo, ukuthola into engizoyigqoka sekulula ngokwengeziwe manje.
T. B., Hawaii
Ngiyabonga ngemibono emihle kakhulu esezihlokweni ezithi “Izimfashini—Yini Ezenza Zikhange?” nesithi “Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?” (November 22 no-December 8, 1994) Njengomdala ongumKristu, ngiyavuma ukuthi akulula njalo ukugwema ukuphoqelela izindinganiso zami kwabanye. Kodwa izinkulumo zenu ezinjengokuthi “ukucabangela imizwa nezimo zengqondo zabanye” nethi “ukugwema izitayela zokugqoka nokuziphatha abanye abangase bazibheke njengezeqisayo” ziyazifinyelela izinhliziyo.
D. Č., Croatia