Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Icala Lasenkantolo Ngeke ngingakudlulisi ukwazisa kwami ngesihloko esithi “AmaKristu Abhekena Nenkantolo Ephakeme YaseJerusalema Futhi.” (November 8, 1994) Ngasifunda izikhathi eziningana futhi kwangihlaba umxhwele okwenzeka. Ngenxa yokuthi u-Ariel Feldman wathatha ukuma okuqinile emelela okulungile kwanikezwa ubufakazi obumangalisayo.
A. I. B., Brazil
Amabhethri Emsebenzini wokuziphilisa ngisebenza ngamabhethri futhi ngithanda ukunibonga ngesihloko esithi “Ukubuka Okwezwe” ngaphansi kwesithi “Amabhethri Ayingozi.” (August 22, 1994) Kodwa kwakunento eyodwa ebalulekile eyayingekho eziyalezweni zokudumisa izimoto ngezintambo ezixhunywe kwenye imoto ekumagazini i-Snow Country, okuyilena, ikhebuli emnyama kufanele ixhunywe ekugcineni.
P. R., Canada
Siyabonga ngokusikisela kokuphepha.—ED.
I-Phaphama! Iletha Induduzo Ngafunda isihloko esithi “Omagazini Abanikeza Induduzo Engokoqobo” (January 8, 1995), futhi nami ngiye ngaphumelela ukuhambisa i-Phaphama! esindala. Ngokuvamile abantu bajabulela noma yiluphi usizo abalutholayo ngezinkinga zabo. Omunye wesifazane wangitshela ukuthi indodana yakhe yayine-Attention Deficit Hyperactivity Disorder. Ngamhambisela umagazini othi “Ukuqonda Izingane Ezingalawuleki” (November 22, 1994), futhi wacela amanye amakhophi angu-30 azowanikeza abangane!
D. Q., United States
Ngemva kokufunda isihloko esithi “Omagazini Abanikeza Induduzo Engokoqobo,” ngafuna omagazini bami abadala ukuze ngithole engangingabahambisela izisebenzi ezenza umsebenzi eziwufundele. Okwamanje ngisavakashele inkulisa, izindawo eziningana ezigcina izidumbu emakhazeni, isikhungo okuboshwe kuso intsha, isikole somphakathi, neBhodi Yemfundo yesifundazwe. Ngokushesha bahamba bonke omagazini!
D. R., United States
Ukungashadi Ngiyabonga ngesihloko esithi “Lapho Ukungashadi Kuyisipho.” (February 8, 1995) Lapho ngihlala khona, umshado uyinto enkulu; abazalwane nodade abangamaKristu bakubelesela ngokuthi shada. Ngangingakaze ngicabange kakhulu ngomshado kwaze kwaba yilapho sengineminyaka engu-30. Ngase ngiqala ukuzwa isidingo somngane. Ngiyambonga uJehova ngokulungiselela lesi sihloko ngesikhathi ebese nginomuzwa wokuthi ngeke ngisakwazi ukukhuthazela.
E. M. A., United States
Eminyakeni emibili edlule ngaba iphayona, umvangeli wesikhathi esigcwele, futhi njengoba kudlula isikhathi, ngiqaphela ngokwengeziwe ukuthi kwanelisa kanjani ukukhonza uJehova “ngaphandle kweziphazamiso.” Nganquma ukuhlala ngingashadile—lesihloko safika ngesikhathi esifanele.
G. V., Italy
Izimfashini Esihlokweni senu esithi “Intsha Iyabuza . . . Izimfashini—Ingabe Kufanele Ngizilandele?” (December 8, 1994), nakhuluma ngokudweba imifanekiso emzimbeni. Ngamangala ukuthi anizange nibhekisele emyalweni okuLevitikusi 19:28: “Aniyikuzigcaba emizimbeni yenu.”
L. D., United States
Ngempela lamazwi angasinika ukuqonda okuthile indlela uNkulunkulu acabanga ngayo kulendaba. Nokho, amaKristu awekho ngaphansi koMthetho kaMose. (Kolose 2:14) Ngakho abantu ngabanye kumelwe bazinqumele ukuthi yini abayoyenza mayelana nalokhu. Izingozi zempilo ezibikiwe kanye nedumela umuntu ozidwebe imifanekiso emzimbeni angase azakhele lona kwabanye kuyizici ezengeziwe umKristu okufanele azicabangele ngokungathi sína.—ED.
Ezinyangeni eziyisithupha ezidlule ngalandela imfashini futhi ngagcina sengidwebe umfanekiso eqakaleni lami. Njalo uma ngibuka iqakala lami, ngikhumbula isinqumo sami. Ngiyazibuza nje ukuthi yiziphi izinsolo abanye okungenzeka banazo ngobuntu bami. Ngikhathazeka nangokuthi ngingase ngikhubekise abanye ebandleni. Ngiyocabangisisa ngesikhathi esizayo lapho kufika imfashini.
S. C., United States