Ingabe Ukhona Umuntu Ongamethemba?
“Wayengomunye wabantu abambalwa abangaphandle komkhaya wakithi abazali bami ababemethemba ngokuphelele. . . . Wayeshaya sengathi ungumuntu okahle futhi okhathalelayo owayengasoze enze noma yini esilimazayo. . . . Wayengomunye wabantu abambalwa ekuphileni kwami engangibethemba ngokuphelele.”
YILEYO ndlela omunye wesifazane osemusha achaza ngayo indlela ayemethemba ngayo udokotela womkhaya wakubo. Ngokudabukisayo, wayethemba umuntu okwakungafanele amethembe. Kusukela lapho eneminyaka engu-16 ubudala, lodokotela wayemxhaphaza ngokobulili. “Waqamba amanga futhi wangikhohlisa,” kusho lona wesifazane etshela izikhulu zenkantolo ezakhipha isahlulelo ngaleso sikhathi.—I-Toronto Star.
Ukuthemba Kuphelile Yonke Indawo
Ukuthemba, njengembali enhle kodwa entekenteke, kungasishulwa futhi kunyathelwe phansi kalula. Kuyanyathelwa yonke indawo! UMichael Gaine, owayengunobhala wokhadinali ababili ababengababhishobhi abakhulu eNgilandi wathi: “Kwake kwaba nesikhathi lapho wonke umuntu ayemethemba khona umpristi. Lapho imikhaya yayimphathisa abantwana bayo ukuba abanakekele. Angikulindele lokho manje. Sihlukaniswe unomphela nalokho kwethembeka.”—I-Guardian Weekend.
Osomabhizinisi bakhohlisa izimbangi zabo. Abakhangisi abanamaqhinga badukisa futhi baxhaphaze amakhasimende. Omunye umphathi ongenanembeza waphanga imali yempesheni yezinkampani zakhe siqu, waphanga izisebenzi imali yazo ezaziyiqongelela. Izisebenzi zivame ukuphanga abaqashi bazo. Ngokwesibonelo, umbiko othile waphawula ukuthi “amabhizinisi aseCanada alahlekelwa ama-dollar angaba izigidi eziyizinkulungwane ezingu-20 [amaRandi ayizigidi eziyizinkulungwane ezingu-55] ngonyaka ngenxa yokweba kwezisebenzi.”—I-Canadian Business.
Akuzona zonke izazi zezombangazwe ezingenakwethenjwa. Kodwa bambalwa kakhulu abantu abathuswa imibiko enjengolandelayo: “Emasontweni amabili ngemva kokubulawa kowesifazane othile oyisazi sezombangazwe saseFrance okwakuphikiswana kakhulu ngaso, amaphoyisa adalula ukukhohlisa kwezombangazwe nokubopha uzungu kobugebengu osekuyisikhathi eside kugubuzele ukusebenza kukahulumeni ogwini lwaseMediterranean.”—I-Sunday Times yaseLondon.
Ngokuvamile, ukuthembana kuyawohloka ebuhlotsheni obuseduze. Amadoda nabafazi abathembekile kubangane babo bomshado. Abazali baxhaphaza abantwana. Abantwana bakhohlisa abazali. Lapho kuvulwa izinqolobane zokugcina imilando ze-Stasi, amaphoyisa omshoshaphansi asezweni elaliyiMpumalanga Jalimane, kwavela “isimiso esisabalele sokukhohlisa” kwabantu ababhekwa njengabangane. Omunye umbiko uthi ochungechungeni lokudalula, “ithonya le-Stasi ladlulela esikoleni, esontweni, ekhaya, ngisho nasendaweni yokuvuma izono.”—I-Time.
Umlobeli othile wephephandaba e-Ireland wabhala: “Siye sakhohliswa, sadukiswa futhi saxhashazwa futhi sadelelwa yilabo esababeka ezikhundleni zokuphatha.” (The Kerryman) Ngenxa yokuthi baye bakhohliswa, abantu abaningi abathembi muntu. Yini esingayenza ukuze siqiniseke ukuthi asethembi umuntu okungafanele simethembe? Izihloko ezimbili ezilandelayo zizohlola lombuzo.