Ukhona Yini Ongamethemba?
NGEMVA kokudilika koDonga LwaseBerlin ngo-1989, ziningi izimfihlo ezavela. Ngokwesibonelo, uLydiaa wathola ukuthi ngesikhathi kubusa ama-Socialist eMpumalanga Jalimane, i-Stasi, noma Inkonzo Yezokuphepha Yombuso, yayinombhalo ogciniwe wezinto ayezenza ngasese. Uma kwammangalisa uLydia ukwazi ngalowo mbhalo, washaqeka lapho ethola ukuthi ubani owayenike i-Stasi leyo mininingwane—umyeni wakhe. Wayekhashelwe umuntu okwakufanele akwazi ukumethemba ngokuphelele.
URobert wayeyikhehla ‘elalimethemba futhi limhlonipha kakhulu’ udokotela walo, kubika i-Times yaseLondon. Kuthiwa lo dokotela ‘wayenomusa futhi enozwela.’ Kungazelelwe, uRobert washona. Ingabe wayemelwe inhliziyo noma wayeshaywe unhlangothi? Cha. Iziphathimandla zaphetha ngokuthi lo dokotela wayevakashele uRobert ekhaya, wamjova ngomjovo obulalayo engazi, nomkhaya wakhe ungazi. Kusobala ukuthi uRobert wabulawa umuntu ayemethemba ngokuphelele.
ULydia noRobert badunyazwa ngendlela eshaqisayo abantu ababebethemba, imiphumela yaba mibi kakhulu. Kwezinye izimo imiphumela ayibi mibi kangako. Noma kunjalo, akuyona into engavamile ukudunyazwa umuntu esimethembayo. Umbiko owakhishwa inhlangano ephambili yaseJalimane ehlola uvo lwabantu, i-Allensbacher Jahrbuch der Demoskopie 1998-2002, waveza kokunye ukuhlola ukuthi amaphesenti angu-86 abantu okwakhulunywa nabo ayedunyazwe abantu ayebethemba. Mhlawumbe kwake kwenzeka okufanayo nakuwe. Ngakho akufanele simangale ukuthi iphephandaba laseSwitzerland i-Neue Zürcher Zeitung labika ngo-2002 ukuthi “sekungamashumi amaningi eminyaka buncipha ubuhlobo obusekelwe ekwethembaneni emazweni aseNtshonalanga athuthukile.”
Kwakheka Kancane Kancane, Kuphela Ngokushesha
Kusho ukuthini ukwethemba abanye? Ngokwesinye isichazamazwi ukwethemba abanye kusho “ukukholelwa ukuthi bathembekile futhi baqotho nokuthi ngeke benze ngamabomu into ezokulimaza.” Ukwethemba umuntu kwakheka kancane kancane kodwa kungaphela ngokuphazima kweso. Njengoba bebaningi kangaka abantu abathola ukuthi badunyazwe umuntu abebemethemba, akumangalisi ukuthi abantu bayanqikaza ukwethemba abanye abantu. Ngokwemiphumela yokunye ukuhlola eyakhishwa eJalimane ngo-2002, “ingaphansi koyedwa kwabathathu intsha ebethembayo abanye abantu.”
Singase sizibuze: ‘Ukhona yini umuntu esingamethemba ngempela? Kuyasiza yini ukwethemba umuntu sibe sizibeka engozini yokudumala?’
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Okunye ukuhlola kwaveza ukuthi amaphesenti angu-86 abantu okwakhulunywa nabo ayedunyazwe abantu ayebethemba