Ukubuka Okwezwe
Ingabe “Ukukipita” Akusona Isono?
I-Guardian Weekly ithi i-Board of Social Responsibility yeSonto LaseSheshi itshele isonto muva nje ukuthi “ukukipita” akusesona isono. Kubikwa ukuthi leli bhodi litshele isonto nokuthi “amabandla angafunda emibhangqwaneni engashadile, kuhlanganise nongqingili besilisa nabesifazane, futhi kufanele agweme isilingo sokufisela ‘inkathi yokuchuma komkhaya.’” I-Guardian icaphuna umfundisi uPhilip Hacking esabela ngokuthi: “Lokhu kwenza iSonto libe inhlekisa futhi kubangela ukucindezeleka okukhulu kumaKristu amaningi athembekile.”
Ukuphelelwa Ikhono Lokufunda Nokubhala
Abantu abangaba izigidi ezintathu eJalimane baphelelwe ikhono lokufunda nokubhala kahle ngenxa yokungalisebenzisi. UJohannes Ring, unobhala weReading Foundation (iNhlangano Yezokufunda), wachaza ukuthi intuthuko yemithombo yezindaba esebenzisa imishini ikhulisa lenkinga. I-Frankfurter Allgemeine Zeitung ibika ukuthi eNgqungqutheleni Yomhlaba Wonke Yokulwa Nokungafundi, uRing wathi ukwanda kwalolu hlobo lokungafundi ngokwengxenye kubangelwa ukusetshenziswa kabanzi kwethelevishini, ama-computer, nemidlalo yama-video.
Phuza Amanzi Ukuze Ukwazi Ukucabanga
Ingabe unenkinga yokugxilisa ingqondo? I-Asiaweek isikisela ukuthi mhlawumbe kudingeka uphuze amanzi amaningi. Lomagazini ubika ukuthi othisha nabazali bezinye izingane zesikole zaseHong Kong batshelwe muva nje ukuthi ukuphuza amanzi amaningi kusiza abafundi balwe nokucobeka. Abazali batshelwa ukuthi izingane kufanele ziphuze izingilazi zamanzi ezingu-8 kuya kwezingu-15 ngosuku. Ucaphuna incwadi ethi The Learning Brain, lombiko ubhekisela ekuhloleni okubonisa ukuthi ukuphelelwa amanzi emzimbeni kunganciphisa ikhono lokufunda. I-Asiaweek ithi ukuphuza amanzi ahlanzekile kungcono kunokuphuza iziphuzo, ikhofi, itiye, noma ngisho namajusi, eqinisweni okungase kushukumise umzimba ukuba ukhiphe amanzi.
Isixwayiso Ngezibulala-zinambuzane
Ngokwabacwaningi e-University of California eBerkeley, amaMelika athola izibulala-zinambuzane eziningi emikhiqizweni yasendlini kunasezithelweni nemifino efuthiwe. Izifutho zamaphela, amabhande anamfukayo okubamba izimpukane, izifutho zezimbungulu, amabhola okubulala inundu, nemikhiqizo enjengaleyo inamakhemikhali anobuthi. Ngaphandle kokufakela izinkulungwane zabantu ubuthi ngonyaka, eminingi ibangela izingozi zempilo ezihlala isikhathi eside. I-UC Berkeley Wellness Letter itusa ezinye izinyathelo eziphephile: Lungisa noma ufake okokuvimbela izinambuzane futhi uvale imifantu phansi nasezindongeni ukuze unqande izinambuzane; faka ukudla nodoti epulasitikini; sebenzisa isiphunga-zimpukane; shanela izimvuthuluka; hlanza omata; zigeze njalo izinto zikavolo futhi uzifake ezikhwameni ezivalekayo. I-Letter isikisela ukuthi uma amaphela ephikelela, zama ukusebenzisa izithiyo ezinamfukayo noma ufafaze i-boric acid ngemva kwamakhabethe, kodwa vikela abantwana nezilwane ezifuywayo ekuthinteni lemikhiqizo.
Izinhlelo Ze-TV Zabantwana—Zinobudlova Ngokweqile
Ukuhlolwa kwesiteshi sethelevishini saseMelika kuye kwaphetha ngokuthi “kunobudlova bokulwa obubi” obuningi kakhulu ezinhlelweni eziningi ezenzelwe abantwana. Ngokwe-Wall Street Journal, ukuhlola okwenziwa e-University of California eLos Angeles kwaveza ukuthi izinhlelo zopopayi ezihlukahlukene ziqukethe “ubudlova obuyingcaca.” Ngokuvamile lezi zinhlelo zisakazwa ngoMgqibelo ekuseni, lapho abantwana bengayile esikoleni futhi kungenzeka abazali babo abakavuki. Nakuba lezi zinhlelo zingezintsha, lokhu kuhlola kwathola ukuthi “ukusikisela kobubi nokulwa okuphikelelayo kulezi zinhlelo kubonisa ukuthambekela kwamuva nje okubonakala kwanda.”
Isihlahla Esiyisimangaliso
Ososayensi baseBrithani sebethole izimbewu ezingahlanza amanzi aphuzwayo ngaphandle kokusetshenziswa kwamakhemikhali abizayo. Izimbewu ezigayiwe zesihlahla i-Moringa oleifera sasenyakatho yeNdiya ziheha futhi zinamathele amagciwane, okungathike kamuva asuswe noma asefwe, kubika i-Times yaseLondon. Lezi zimbewu ezingasetshenziswa ngezindlela ezihlukahlukene zingasetshenziselwa nokwenza amafutha okupheka, insipho, izimonyo, amafutha ezibani, kanye nomuthi wezifo zesikhumba. Kulula ukutshala lesi sihlahla, simelana nesomiso, singavimbela umoya, futhi sikhipha ngisho namafutha nenkafunkafu yokwenza iphepha. Ngenxa yalokho, abacwaningi batusa ukuba kutshalwe lezi zihlahla ukuze kutholakale izimbewu ezizosiza ekuvimbeleni ukufa kwezigidi minyaka yonke okubangelwa ukuphuza amanzi angcolile.
Ukuzaca Ngokweqile?
Emphakathini okukhathalela ngokweqile ukubukeka, abaningi bacabanga ukuthi cishe akunakwenzeka ukuzaca ngokweqile. Ukuhlola kwamuva okuqinisekisa izingozi ezingokwempilo zokukhuluphala kungase kubonakale kuwusekela lombono ovamile, kodwa umsunguli walokhu kuhlola, uJo-Ann Manson waseHarvard University, ufuna kwaziwe ukuthi ukuzaca ngokweqile nakho kuyingozi engokwempilo. Ucashunwa kuyi-Wall Street Journal ethi: “Ngicabanga ukuthi ungazaca ngokweqile ngokudla ngendlela engafanele, ngokuvivinya umzimba ngokweqile, noma ngokubhema.” Iveza idlanzana lodokotela abazibukela phansi izingozi zokunciphisa ukudla ngokweqile, le- ibala ezinye izingozi zokuba ozacile ngokwemvelo, mhlawumbe ngamaphesenti angu-20 ngaphansi kwesilinganiso sesisindo uma kubhekwa ubude bomuntu. Lezi zingozi i-anorexia, i-osteoporosis, ukuphazamiseka kwama-hormone, ukuwa, ukuchachamba kwamathambo, kanye nokuphuza ukululama.
Ukulunywa Inyoka—Okungafanele Ukwenze
Lapho kuziwa ekwelapheni izisulu ezilunywe izinyoka, ochwepheshe abavumelani ngaso sonke isikhathi. Nokho, ngokukamagazini i-FDA Consumer, ochwepheshe bezokwelapha abaningi base-United States “cishe bavumelana ngazwi linye ngemibono yabo yokuthi yini okungafanele yenziwe.” Uma uqhele emtholampilo ngemizuzu engu-30 kuya kwengu-40, iseluleko siwukuthi: Ungabeki iqhwa enxebeni, ungasebenzisi amabhandishi aqinisayo noma uvuselele amangqamuzana ngamaza kagesi, futhi ungalivuli inxeba. Ukutusa okwamukelwa kabanzi kuwukuthi kungakhathaliseki ukuthi inyoka ibonakala inesihlungu noma cha, wonke amanxeba okulunywa inyoka kufanele asingathwe njengezimo eziphuthumayo zokwelapha, futhi isisulu kufanele siphuthunyiswe esibhedlela. Isinyathelo esingcono kakhulu sokuvikeleka “ukungazikhathazi izinyoka. Abantu abaningi balunywa inyoka ngoba bezama ukuyibulala noma ukusondela kuyo,” kusho i-FDA Consumer.
Isixwayiso Kubadlali Bebhola Likanobhutshuzwayo
Ebholeni likanobhutshuzwayo, eliwumdlalo othandwa kakhulu emhlabeni, abadlali bangashaya ibhola ngekhanda. Nokho, iphephandaba i-Jornal do Brasil libika ukuthi lokhu kungalimaza ubuchopho uma kwenziwa njalo. Ngokokuhlola okuthile kwamuva, abadlali bebhola likanobhutshuzwayo bangalahlekelwa inkumbulo nokusebenza kobuchopho ngendlela efanele ngenxa yokushaya ibhola ngekhanda. Nakuba ungemubi kakhulu, lomonakalo uyefana nalowo ogasela abashayi sibhakela abathile abashaywa ikhanda njalo. Isazi sezinzwa uPaulo Niemeyer Filho sisikisela ukuthi abadlali kufanele bagweme ukushaya ibhola ngekhanda lapho liza ngamandla livela phezulu noma lapho limanzi, okwenza ibhola lisinde. Abanye ochwepheshe bakholelwa ukuthi ukushaya ibhola ngekhanda ngokweqile kungase kulimaze namehlo abadlali.
Ukumomotheka Ngobuqotho Kuyathathelwana
Ngokwabacwaningi baseFinland uDkt. Jari Hietanen wase-University of Tampere noDkt. Veikko Surakka we-Institute of Biomedicine e-University of Helsinki, kunezinhlobo ezimbili zokumomotheka. Olunye uhlobo lokumomotheka lwaziwa ochwepheshe ngokuthi ukumomotheka kokuhlalisana nabantu. Lokhu kushukunyiswa nje umuzwa wesibopho futhi kuhilela kuphela imisipha yezihlathi. Ngakolunye uhlangothi, ukumomotheka ngobuqotho kuveza imizwa yangempela yokujabula futhi akushukumisi nje kuphela imisipha yezihlathi kodwa kushukumisa nemisipha ezungeze amehlo. Ukuhlola kwamuva nje kwaseFinland kubonisa ukuthi ukumomotheka ngobuqotho kuyathathelwana. Ngokuthungatha nokubika ukunyakaza kwemisipha okuncane kakhulu, abacwaningi bathola ukuthi abantu ababahlola babeshukumiseleka ukuba bamomotheke ngokumane nje babuke umfanekiso womuntu omomotheka ngobuqotho. Lokhu kusabela akuzange kube khona lapho abantu abahlolwa bebuka izithombe zabantu abanokumomotheka kokuhlalisana nabantu.
Abafundi Bezinkanyezi Bayahluleka
Ngokwephephandaba laseJalimane i-Zeit, muva nje abafundi bezinkanyezi abangu-44 eNetherlands bangena ngokuzithandela ekuhlolweni okwenziwa i-Dutch Society of Skeptics. Laba bafundi bezinkanyezi banikezwa izinhlu ezimbili. Olunye lwalunezindawo nezinsuku zokuzalwa zabantu abangu-7. Olwesibili lwalunikeza ukwaziswa okuningi ngomuntu ngamunye kulaba abangu-7. Laba bafundi bezinkanyezi bacelwa ukuba bahlanganise umuntu ngamunye ohlwini lokuqala nencazelo abacabanga ukuthi ngeyakhe ohlwini lwesibili ngokusebenzisa amakhono okufunda izinkanyezi okuthiwa banawo. Baphumelela kangakanani? Ingxenye yalaba bafundi bezinkanyezi ayizange ithole ngisho nempendulo eyodwa enembile, futhi akekho owakwazi ukuhlanganisa ngokunembile abantu abangaphezu kwabathathu. Ukuhlola kwangaphambili kwakuveze imiphumela efanayo, kodwa laba bafundi bezinkanyezi bathi babenikezwe ukwaziswa okunganembile. Nokho, kulesi simo, imibandela yalokhu kuhlola yayibekwe yilaba bafundi bezinkanyezi ngokwabo.