LISEKHONA YINI ITHEMBA NGOMHLABA?
UMOYA
SIYAWUDINGA umoya, hhayi ukuze siphefumule nje kuphela. Umoya uvikela umhlaba wethu emisebeni yelanga eyingozi. Ngaphandle komoya amazinga okushisa nokubanda emhlabeni wonke angehla aze abe ngaphansi kuka-0°C.
Izinto Ezingcolisa Umoya
Umoya ongcolile ungabulala izinto eziphilayo emhlabeni. Ngokombiko we-World Health Organization abantu abambalwa kuphela emhlabeni abaphefumula umoya ohlanzekile.
Umoya ongcolile ungabangela izinkinga zokuphefumula, umdlavuza wamaphaphu nesifo senhliziyo. Umoya ongcolile ubulala abantu abangaba ngu-7 000 000 unyaka ngamunye.
Umhlaba Wethu Unendlela Yokuzivuselela
Umhlaba wethu wadalwa ngendlela yokuthi ukwazi ukunikeza zonke izinto eziphilayo umoya ohlanzekile ngendlela ehlelekile. Lokhu kungenzeka kuphela uma abantu beqikelela ukuthi abayingcolisi imvelo. Ake sicabange ngezibonelo ezimbalwa.
Kuyinto eyaziwayo ukuthi izihlahla ziyakwazi ukumunca isikhutha esisemoyeni. Kodwa okungaziwa ukuthi izihlahla ezimila emanzini ziwenza kahle kakhulu lo msebenzi. Lezi zihlahla ezimila emanzini zidlala indima ebalulekile ekuhlanzeni umoya wethu ngokuphindwe izikhathi ezinhlanu kunamahlathi athandwa izimvula.
Ucwaningo lwakamuva luveza ukuthi uhlaza oluntanta emanzini njengesitshalo okuthiwa i-kelp asigcini nje ngokubamba isikhutha kodwa futhi siyasiqeda. Amahlamvu alesi sitshalo agcwele umoya okusenza sintante ibanga elide. Lo moya uyaphela bese la mahlamvu amumethe isikhutha azike olwandle. Lezi zitshalo zihlala lapho amakhulu eminyaka.
Umkhathi wethu wakwazi ukuzivuselela ekungcolisweni okuyingozi ngesikhathi yonke into ime nse phakathi nobhubhane lwe-COVID-19 ngo-2020, lapho izimboni emhlabeni wonke zingasebenzi nezimoto zingahambi. Ngokombiko ‘we-2020 World Air Quality Report,’ amaphesenti angaphezu kwangu-80 amazwe okwenziwa kuwo lolu cwaningo kwatholakala ukuthi ayenomoya ohlanzekile ngokushesha lapho yonke into ime nse.
Imizamo Eyenziwayo Ukuze Kuxazululwe Le Nkinga
Ukuya esikoleni nasemsebenzini ngebhayisikili kunganciphisa ukungcola komoya
Uhulumeni uyaqhubeka egqugquzela izimboni ukuba zinciphise ukwenza izinto ezingcolisa umoya. Nososayensi balokhu beqhubeka bezama ukuthola izindlela ezintsha zokunciphisa ukungcoliswa komoya. Ngokwesibonelo, enye indlela iwukusebenzisa amabhaktheriya ukuze ashintshe ukungcola akwenze kungalimazi. Ochwepheshe babuye beluleke abantu ukuba bahambe ngezinyawo noma ngamabhayisikili esikhundleni sokuhamba ngezimoto nokuba behlise izinga lokusebenzisa izinto ezisebenza ngogesi emizini yabo.
Abanye ohulumeni banikeza izakhamuzi izitofu zesimanje ukuze kuncishishwe ukungcola komoya kodwa abantu abaningi abakabi nazo
Kodwa kusekuningi okufanele kwenziwe, njengoba umbiko ka-2022 wezinhlangano zamazwe ubonisa, kuhlanganise nowe-World Health Organization noweBhange Lomhlaba.
Lo mbiko uthi ngo-2020, cishe ingxenye eyodwa kwezintathu yabantu emhlabeni wonke basebenzisa izinto ezingcolisa umoya lapho bepheka nalapho besebenzisa ezobuchwepheshe. Ezindaweni eziningi, bambalwa abantu abakwazi ukuthenga izitofu ezintsha noma abakwazi ukuthola ezinye izinhlobo zikawoyela.
Okushiwo YiBhayibheli—Isizathu Sokuba Nethemba
“Yilokhu uNkulunkulu weqiniso, uJehova, akushoyo, uMdali wamazulu . . . Lowo owendlala umhlaba nomkhiqizo wawo, Lowo owenza abantu abakuwo baphefumule.”—Isaya 42:5.
UNkulunkulu wadala umoya esiwuphefumulayo nezinqubo zokuwuhlanza, futhi unamandla angenamkhawulo uyabathanda abantu. Ngakho-ke, kunengqondo yini ukucabanga ukuthi ngeke enze lutho ngokungcoliswa komoya? Bheka isihloko esithi “UNkulunkulu Uthembisa Ukuthi Lisekhona Ithemba Ngomhlaba.”