Ukunqoba Izithiyo
ASIZANGE siwukhethe umkhaya noma isizwe esazalelwa kuso, futhi asizange sinqume ukuthi yiliphi isiko eliyololonga ukucabanga kwethu. Izinto ezinjalo sasingenakuzilawula. Sonke sibhekana nesikhathi nesimo. Kodwa singayilawula indlela esibabheka ngayo abanye nendlela esiziphatha ngayo kubo.
IBhayibheli lichaza indlela esingakwenza ngayo lokho. Cabangela izimiso ezimbalwa eziyosisiza ukuba sinqobe izithiyo zokukhulumisana nalabo okungenzeka bangabesizinda esingafani nesethu.
“UNkulunkulu owenza izwe nakho konke okukulo . . . wenza ngomuntu oyedwa zonke izizwe zabantu, ukuba zihlale kubo bonke ubuso bomhlaba.” (IzEnzo 17:24, 26) Sonke singamalungu omkhaya wesintu ofanayo futhi ngaleyo ndlela sinezici eziningi ezifanayo. Ukubheka izinto esifana ngazo kwenza kube lula ukukhulumisana. Sonke sifuna abangane abahle futhi sidinga ukuzizwa sithandwa futhi sihlonishwa. Wonke umuntu ufuna ukugwema ubuhlungu obungokomzimba nobungokomzwelo. Abantu bawo wonke amasiko bayawuthanda umculo nobuciko, bayawaxoxa amahlaya, bakholelwa ekuboniseni ubuntu kwabanye, futhi bafuna izindlela zokujabula.
‘Ningenzi lutho ngokubanga noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo bhekani abanye njengabaphakeme kunani.’ (Filipi 2:3) Lokhu akusho ukuthi kufanele sibheke abanye njengabaphakeme kunathi kuzo zonke izinto. Kunalokho, kufanele siqaphele ukuthi kwezinye izici ekuphileni, abanye baphakeme. Akufanele neze sicabange ukuthi thina noma isiko lethu yilona kuphela elihle.
“Khona-ke ngempela, uma nje sinesikhathi esihle sakho, masisebenzeni okuhle kubo bonke.” (Galathiya 6:10) Ukumane uthathe isinyathelo kuqala sokuba nobungane nokuba usizo kwabanye, kungakhathaliseki ukuthi siyini isizinda sabo esingokwesiko, kungaba nengxenye enkulu ekuvaleni igebe lokukhulumisana.
“Nikwazi lokhu, bafowethu abathandekayo. Wonke umuntu kumelwe asheshe ngokuphathelene nokuzwa, ephuze ngokuphathelene nokukhuluma, ephuze ngokuphathelene nolaka.” (Jakobe 1:19) Abantu abakwazi ukukhulumisana kumelwe benze okungaphezu kokukhuluma; kumelwe babe izilaleli ezinobubele.
“Isiluleko enhliziyweni yomuntu sinjengamanzi ajulileyo, kepha umuntu oqondileyo uyakusikhipha.” (IzAga 20:5) Kuphaphamele ukuqonda imizwa nezizathu ezibangela ukuziphatha komuntu okusobala. Bazi kangcono abantu.
‘[Nakekelani], hhayi ngesithakazelo somuntu siqu izindaba zenu kuphela, kodwa futhi ninakekele ngesithakazelo somuntu siqu nezabanye.’ (Filipi 2:4) Yiba nobubele ngokubheka izinto ngendlela omunye umuntu azibheka ngayo. Ungabi nobugovu.
Ukuhlukahluka Kwamasiko Phakathi KoFakazi BakaJehova
Ukuthi lezi zimiso ziyasebenza ngempela kubonakala ebunyeni obuphawulekayo boFakazi BakaJehova, abakhuthele emazweni angu-232 emhlabeni. Bangabantu abavela “kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi” futhi abazimisele ukwenza ngokuvumelana nesiqondiso sikaJehova sothando kuzo zonke izinto.—IsAmbulo 7:9; 1 Korinte 10:31-33.
OFakazi ngabanye abalideleli isiko labanye. Nalabo ababa oFakazi abalilahli isiko abakhuliswa ngalo, ngaphandle kwalapho lingavumelani nezimiso eziseBhayibhelini. Ezimweni ezinjalo benza ushintsho ekuphileni kwabo. Bayaqaphela ukuthi kuwo wonke amasiko kunezici ezincomekayo nokuthi lezi zici ziyathuthukiswa ngisho nokuthuthukiswa kubantu abamukela ukukhulekela kweqiniso.
Balwela ukubona iplanethi yethu ngendlela uNkulunkulu ayibona ngayo—iyakhazimula, iluhlaza futhi yinhle—ijikeleza emkhathini. Iyiplanethi enabantu namasiko amahle ahlukahlukene. OFakazi BakaJehova babheke phambili esikhathini lapho bonke abasemhlabeni beyojabulela ukuphila njengomkhaya onobunye ngempela.
[Isithombe ekhasini 8]
OFakazi BakaJehova baye bafunda ukunqoba izithiyo ezingokwesiko