Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 8/22 k. 28-k. 29
  • Ukubuka Okwezwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubuka Okwezwe
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Uhlobo Lwe-HIV YaseNdiya
  • Usizo Esomisweni SaseZimbabwe
  • Indabuko Efanayo?
  • Umlilo Osuvuthe Iminyaka Eyikhulu Ucinyiwe
  • Umfutho Wegazi Ophakeme Nokukhohlwa
  • Igebe Lokukhulumisana
  • Izingozi Zezimoto—Kungani?
  • Ukuphanga Ulwandle
  • Iplanethi Etholakale Ngengozi
  • Isimangaliso Kubalimi Belayisi
  • Ukulahlwa Kwenkolo Nezombangazwe
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1997
  • Ilayisi—Ulithanda Libilisiwe Noma Liluhlaza?
    I-Phaphama!—1995
  • Intuthuko Ekulweni Nengculaza
    I-Phaphama!—2004
  • Isomiso Esiqothulayo E-Afrika EseNingizimu
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 8/22 k. 28-k. 29

Ukubuka Okwezwe

Uhlobo Lwe-HIV YaseNdiya

Ososayensi e-National AIDS Research Institute ePune, eNdiya, bebambisene neqembu labacwaningi eliholwa uDkt. Max Essex, we-AIDS Institute yaseHarvard, batholé uhlobo lwe-HIV oluvame kakhulu eNdiya. Yi-HIV-1C, okucatshangwa ukuthi idluliselwa izikhathi ezinhlanu kuya kweziyishumi ngaphezu kwe-HIV-1B, evame eYurophu naseMelika. Ngokwe-Indian Express, uDkt. Essex wathi izinga lokusakazeka kwe-HIV eNdiya kungenzeka liphakeme kakhulu kunakwezinye izingxenye eziningi zomhlaba. UDkt. V. Ramalingaswami ongusosayensi waphawula ukuthi emithini embalwa okuthenjwa ukuthi ingavimbela ingculaza, akukho nowodwa ophumelelayo kuyi-HIV-1C.

Usizo Esomisweni SaseZimbabwe

Eminyakeni yamuva nje, ngokuvamile oFakazi BakaJehova baye banikeza usizo ezindaweni ezihlaselwe inhlekelele. Umoya wabo wobuKristu uyadingeka ikakhulukazi emazweni asathuthuka njengeZimbabwe, lapho isomiso siye sahlasela khona izifunda eziningi zalelizwe. Kwanikelwa ngokudla nezingubo zokugqoka eziningi ngenxa yalenjongo, futhi ihhovisi legatsha le-Watch Tower Society eZimbabwe lazaba ngokuphumelelayo lezi zinto koFakazi nakubangane babo abasezindaweni ezikude kulelizwe. Ngaphezu kokudla nezingubo zokugqoka, oFakazi baseZimbabwe banikela ngamaRandi angu-29 000, futhi i-Watch Tower Society yasebenzisa amanye amaRandi angu-79 100 ukuze yenze lomsebenzi wokusiza. INhlangano kanye noFakazi ababethintekile bazwakalisa ukwazisa kwabo okujulile ngokuphana ngothando okwaboniswa abafowabo abangamaKristu.

Indabuko Efanayo?

Ngokwe-International Herald Tribune yaseParis, isihloko esithile ephephabhukwini lamaJesuit elinethonya i-Civiltà Cattolica siqinisekisa ukuthi “kungenzeka uNkulunkulu wakhuluma ngezincwadi ezihlukahlukene njengeKoran yamaSulumane, amaVeda neBhagavad-Gita yamaHindu nangemibhalo engcwele yobuTao baseChina nobuShinto baseJapane.” Lesi sihloko sisikisela ukuthi lezi zincwadi kanye nezinye “azizona nje izincwadi ezivamile noma ifilosofi, kodwa kunalokho ‘ziyisambulo’—uNkulunkulu ekhuluma ngomuntu.” Ngenxa yokuthi izihloko zaleli phephabhuku zihlolwa ngandlela-thile abacusumbuli baseVatican, kuye kwabuzwa ukuthi lemibono imelela umbono kapapa yini kulendaba. I-Tribune yaphawula ukuthi encwadini yakhe ethi Crossing the Threshold of Hope, uJohn Paul II waphawula ukuthi isonto lalifuna kwezinye izinkolo lokho okunendabuko efanayo nezimfundiso zaleli sonto.

Umlilo Osuvuthe Iminyaka Eyikhulu Ucinyiwe

Eminyakeni engaphezu kweyikhulu edlule, inqwaba yamalahle angambiwe eChina yokhelwa umlilo, futhi iye yaqhubeka ivutha kwaze kwaba muva nje. Lomlilo wawuhlanganisa amakhilomitha-skwele angaba yisithupha futhi wawushisa amathani angu-300-000 amalahle minyaka yonke. Imizamo yokucima lomlilo omkhulu iye yehluleka iminyaka eminingi. Nokho, kubikwa ukuthi ekugcineni abacimi-mlilo baye baphumelela ekucimeni lomlilo. Ukuze bacime leli langabi, abacimi-mlilo basebenzisa iziqhumane ukuze bambe imigodi base bethela isihlabathi, amatshe, namanzi kulamalangabi.

Umfutho Wegazi Ophakeme Nokukhohlwa

“Ukuhlola okuthile okusha kubonisa ukuthi abesilisa asebeqinile abanomfutho wegazi ophakeme kungenzeka babe nenkumbulo ephazamisekile, ukwahlulela, nokugxilisa ingqondo lapho befika eminyakeni engaphezu kwengu-70,” kubika i-Psychology Today. Abacwaningi bathola ukuthi lapho umfutho wegazi wenyuka ngezinga eliyishumi, amathuba okuphazamiseka kokusebenza kobuchopho anda ngamaphesenti angu-9. “Siyazi ukuthi umfutho wegazi ophakeme uhlobene nesifo sohlangothi nesifo senhliziyo,” kusho uLenore Launer, Ph.D., umqondisi walokhu kuhlola, enezela: “Lokhu kumane kungesinye isizathu sokuwunciphisa.”

Igebe Lokukhulumisana

Iphephandaba i-Courier-Mail laseBrisbane, e-Australia, libika ukuthi ukuhlola kwamuva nje kutholé ukuthi kuyivelakancane ukuba intsha engabafundi ezikoleni eziphakeme ibe nengxoxo engathi sína noyise, uma kwenzeka ikhulumisane nabo. Lokhu kuhlola kwabonisa ukuthi iningi lentsha lichitha imizuzu engaphansi kwengu-15 ngosuku noyise, kuyilapho lichitha cishe ihora ngosuku lixoxa nonina. Kuyethukela ukuba abazali bakhulume nezingane zabo ngokuziphatha noma bahlole ukuthi zinhlelo zini zethelevishini noma ama-video eziwabukayo. Ingxoxo phakathi kwamadodana noyise ngokunokwenzeka yayiba ngezinto eziwubala, njengezimoto nezemidlalo. Ukukhulumisana kwamadodana nonina ngokuyinhloko kwakuba ngabangane, isikole, nangezindlela zokuzijabulisa kodwa kwakwethukela ukuba kuxoxwe ngezinto ezingathi sína. Ngokuvamile ukukhulumisana phakathi kwendodakazi noyise kwakulinganiselwe kuphela ekwenzeni amahlaya noma ekudlalisaneni.

Izingozi Zezimoto—Kungani?

Umbiko othile owanyatheliswa umnyango wezokuthutha waseBrazil ubonisa ukuthi amaphesenti angaba ngu-90 ezingozi zezimoto abangelwa iphutha lomshayeli noma ukuba budedengu. Ngokwalombiko, ngokuvamile abashayeli bazethemba ngokweqile lapho beshayela esimweni sezulu esihle noma emigwaqweni emikhulu eyithafa. Lombiko futhi wambula ukuthi izingozi zezimoto ezibangelwa imigwaqo emibi namaphutha emotweni zibangela ukufa kwabantu abangu-25 000 nokulimala kwabangu-350 000 unyaka ngamunye eBrazil.

Ukuphanga Ulwandle

“Ekuncintisaneni ngamandla ukuze kutholakale izidakamizwa ezintsha nezingaba nenzuzo, ‘abantu abafuna izinto eziphilayo’ abasebenzela izinkampani ezithaka imithi bathatha izinto eziphilayo eziningi kakhulu olwandle ngaphandle kokucabanga ngemiphumela,” kusho i-New Scientist. NgokukaMary Garson, isazi sokusebenza kwamakhemikhali ezintweni eziphilayo zasolwandle e-University of Queensland, e-Australia, amaphesenti angu-98 amasampula athathwayo ayalahlwa ngaphandle kokuhlaziywa ngokuningiliziwe. Ngokwesibonelo, amakhilogremu angu-450 e-acorn worm namakhilogremu angu-2400 e-sponge akhipha imiligremu elilodwa vó lomuthi ngamunye wokulwa nomdlavuza, amakhilogremu angu-1600 e-sea hare akhiqiza amamiligremu ayishumi e-peptide esetshenziswa ekwelapheni i-melanoma, futhi kwakudingeka amakhilogremu angu-847 esibindi se-moray eel ukuze kutholakale amamiligremu angu-0,35 kuphela e-ciguatoxin yokucwaninga. “Asinakumane sikhiphe ngobuningi into ephilayo olwandle—kungakhathaliseki ukuthi iyinzuzo kangakanani—ngaphandle kokuba siqiniseka ukuthi asiyiqothuli,” kusho uGarson.

Iplanethi Etholakale Ngengozi

Muva nje isazi sezinkanyezi esiyimfundamakhwela uGeorge Sallit saseBradfield, okuyidolobhana laseNgilandi, sitholé iplanethi encane ngesibonakude eshedeni lengadi yaso. Savuma: “Kwenzeka ngengozi ngempela. Ngathatha isithombe futhi lapho ngisibhekisisa ngaqaphela ukuthi kwakuyiplanethi eyayihamba kancane.” I-Sallit One, njengoba leplanethi entsha isibizwa kanjalo, inobukhulu obungamakhilomitha angu-30 kuphela futhi iqhele ngamakhilomitha ayizigidi ezingu-600 emhlabeni. Ijikeleza phakathi kwe-Mars ne-Jupiter. I-Times yaseLondon ibika ukuthi isibonakude esasetshenziswa siwuhlobo olusetshenziswa nge-computer olungamasentimitha angu-30 olubiza amaRandi angu-27 000 kodwa olusebenzisa izimiso ze-computer eziklanyelwe ukusetshenziswa kuyisibonakude i-Hubble. Kungenzeka ukuthi kunezinkulungwane zamaplanethi amancane kanjalo, noma ama-asteroid, esimisweni sethu sonozungezilanga.

Isimangaliso Kubalimi Belayisi

Sekuyiminyaka eminingi abalimi belayisi e-Asia besebenzisa izifutho ngokweqile ezilimweni zabo ekuqaleni kwenkathi yezilimo ukuze babulale izibungu zezinundu ezihlala emacembeni, ezicekela phansi amacembe ezitshalo zelayisi. Nokho, ukuhlola kwamuva nje kubonisa ukuthi izitshalo zelayisi zingalahlekelwa ingxenye yamacembe azo ngaphandle kokuthinteka kwelayisi ezilikhiqizayo. Abanye abalimi baseVietnam babeqikelela ukuthi bangasebenzisi izifutho ekuqaleni konyaka—kuyilapho abalimi base-Asia besebenzisa amaphesenti angu-30 kuya kwangu-50 ezibulala-zinambuzane—kodwa bathola ukuthi isivuno asithintekanga nakancane.

Ukulahlwa Kwenkolo Nezombangazwe

Ngokwephephandaba i-Australian, “umuntu osemusha wase-Australia” akanasithakazelo neze kwezombangazwe noma enkolweni. Lesi siphetho sisekelwe ekuhlolweni kwabafundi abaneminyaka engu-13 nengu-16 ubudala, okwahlanganiswa uthisha wase-University of Sydney uDkt. Jennifer Bowes. Izinto eziza kuqala kulentsha ngokulandelana kokubaluleka kwazo zimi kanje: “ukuba nabangane abaseduze, ukuthola imfundo enhle, ukuba nomsebenzi olondekile, ukuthuthukisa amakhono ami, ukusondelana nomkhaya wakithi, ukulondoloza umhlaba ngenxa yezizukulwane ezizayo, ukuvikela izilwane, ukuba nekhaya elihle, ukuvakashela kwamanye amazwe, ukuhola izindodla zemali, ukwenza okuthile ukuze kuqedwe ukungcola, ukushada, ukusiza abaswele, ukusiza izwe lakithi, ukwenzela umphakathi okuthile okubalulekile, ukuba nethonya ngandlela-thile kwabanye abantu.” Izinto ezimbili ezazingabalulekile kwezingu-18 ezabalwa ‘kwakuwukulandela izimiso zenkolo yami’ kanye “nokushisekela ezombangazwe.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela