Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Iplanethi Esongelwayo Ngibhala ngochungechunge oluthi “Iplanethi Yethu Esongelwayo—Ingabe Ingavikelwa?” (January 8, 1996) Kuhle ukukwazi ukufunda okuthile okukhuthazayo. Isihloko sesithathu kulolu chungechunge sisinikeza ithemba lePharadesi, lapho kungeke kudingeke sikhathazeke ngezinto eziphilayo noma ngezimbobo ezisongqimbeni lwe-ozone! Nginethemba lokuphila kulelo Pharadesi nomkhaya wami nabangane.
A. C., United States
Salithanda ibhokisi elifundisayo elalisekhasini 8 no-9 elalikhuluma ngezinkinga ezifana nokugawulwa kwamahlathi, ukuntuleka kwamanzi, nezinto eziphilayo ezisengozini. Lezi zihloko zasenza saqonda isimo esibucayi iplanethi yethu ezithola ikuso manje. Sizizwa silondekile ngokwazi ukuthi ukuphela kwekhambi lalenkinga engathi sína likuMdali wethu.
O. P. no-F. J. O., Spain
Umbiko KaJessica Ngisanda kuqeda ukufunda “Umbiko KaJessica” kumagazini ka-January 8, 1996. Ube isikhuthazo ngempela kimi! Lapho ngibona osemusha onezimfanelo ezinhle ekhonza uJehova ngokujabula nangokuthembeka okungaka, kungenza ngiziqhenye. Indaba kaJessica ingikhumbuza ngesidingo sokunikeza ubufakazi ngawo wonke amathuba.
A. H., United States
Ngathola Injongo Ekuphileni Isihloko esithi “Ngangingenanjongo Kodwa Ngathola Injongo Ekuphileni” (January 8, 1996) sayithinta ngempela inhliziyo yami. Njengoba ngangisifunda, ngazibona ngokwami. Nami ngangizulazula ngokungenanjongo nginombono ofiphele ngekusasa. Kodwa ngamenyelwa eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova futhi ngaqala isifundo seBhayibheli. Manje ngihlanganyela ngenjabulo emsebenzini wokushumayela wesikhathi esigcwele ukuze ngisize abanye babone ithemba elimangalisayo uJehova aye wangibonisa lona.
C. R., United States
Ukwelapha Ukungabi Nanzalo Isihlokwana sengosi ethi “Ukubuka Okwezwe” esithi “Ithemba Elisha Lemibhangqwana Engenanzalo?” sadonsa ukunakekela kwami. (September 22, 1995) Ngasibonisa isazi sesayensi yezinto eziphilayo, futhi sathi asikaze sizwe ngalenqubo echazwayo, lapho isidoda esisodwa sowesilisa sifakwa khona ngenalithi encane eqandeni “elingaphakathi kowesifazane.”
E. K., Germany
Isihlokwana sethu sasisekelwe embikweni womnyango wezindaba waseFrance i-France-Presse owawukhuluma ngesifundo esanikezwa udokotela waseDenmark u-Anders Nyboe Andersen. Ngeshwa, ezinye izinto azibikwanga ngendlela efanele. UDkt. Andersen watshela i-“Phaphama!” ukuthi ukufakwa kwesidoda eqandeni empeleni kwenzelwa ebhodleleni, okusho ukuthi, ngaphandle komzimba wowesifazane. Iqanda elivundile libe selifakwa kowesifazane. Siye sakusho ngendlela efanele ukuthi lenqubo ingasebenzisa “isidoda somyeni wakhe kunokuba kusetshenziswe esomuntu ongaziwa onikele ngaso—ngaleyo ndlela kugwenywe izinkinga ezibucayi zokuziphatha nezenkolo.” Ngenxa yalokho, umbhangqwana ongamaKristu kuzodingeka wenze isinqumo sawo siqu ngokuphathelene nalenqubo. (Bheka “INqabayokulinda” yesiNgisi ka-June 1, 1981, ikhasi 31.)—ED.
Umngane Ophambukayo Ngibhala ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kufanele Ngenzeni Uma Umngane Wami Engena Enkathazweni?” (January 22, 1996) Omunye wabangane bami abakhulu wasuswa ekuhlanganyeleni ngonyaka odlule. Ngangikhungathekile. Ngaba nomuzwa wokuthi ngangingazange ngimsize ngokwanele, ngangingachithanga isikhathi esanele nginaye, futhi ngangingabanga umngane omuhle kakhulu. Lapho ngifunda ukuthi kwakungelona iphutha lami ukuthi ushiye iqiniso, ngezwa sengathi umthwalo omkhulu usukile emahlombe ami!
L. T., United States
Kimina umuntu osondelene nami owaqala “ukulandela indlela yokuphila engabazekayo” kwakungeyena nje umngane wami kodwa umama wami omnene nongenakuthathelwa indawo. Ekugcineni ngaya kubadala bebandla ngokuphathelene nesimo sakhe, futhi wasuswa ekuhlanganyeleni. Ngazisola ngokutshela abadala. Manje ngifuna ukulwa nemizwa yami yokuba necala eyiphutha ngokusebenzisa ukusikisela okukulesi sihloko.
I. Y., Japan