Intsha Iyabuza . . .
Kungani Ngihluleka Ukufunda?
“Ngangingafuni ukubuyela ekhaya,” kukhumbula uJessica, “ngiyobhekana nabazali bami. Ngangiphinde ngahluleka ezifundweni eziningana.”a Njengoba eneminyaka engu-15, uJessica uhlakaniphile futhi muhle. Kodwa njengentsha eningi, unenkinga enkulu ngamamaki akhe.
NGOKUVAMILE ukungaphumeleli kahle esikoleni kuwumphumela wesimo sengqondo esingesihle ngemfundo noma ngothisha wakho. Kodwa akunjalo ngoJessica. Umane akuthole kunzima kakhulu ukubamba izinto ezinzima. Ngokusobala, lokhu kwenza kwaba nzima ukuba uJessica aphumelele esifundweni sezibalo. Futhi ubunzima bokufunda benza kwaba nzima ngaye ukuba aphumelele kwezinye izifundo.
Ngakolunye uhlangothi, uMaria akakwazi ukubhala kahle amagama. Ngaso sonke isikhathi uyawafihla amaphuzu awabhale emihlanganweni yobuKristu ngenxa yokuba enamahloni ngamaphutha akhe okubhala amagama. Nokho, akekho ongahlakaniphile phakathi kukaJessica noMaria. UJessica unekhono kubantu abakhonzayo njengomlamuleli omiswe yisikole, noma umxazululi wezinkinga, lapho kuvela inkathazo phakathi kwabafundi akanye nabo. Futhi ngokwezemfundo uMaria uphakathi kwabangamaphesenti ayishumi abanamamaki amahle ekilasini labo.
Inkinga: uJessica noMaria banenkinga yokufunda. Ochwepheshe bakholelwa ukuthi amaphesenti amathathu kuya kwayishumi azo zonke izingane angase abe nobunzima obufanayo ekufundeni. UTania, owevile eminyakeni engu-20, uphethwe yilokhu okubizwa ngokuthi i-Attention Deficit Hyperactivity Disorder (ADHD).b Uthi: “Ngithwala kanzima emihlanganweni yobuKristu, esifundweni somuntu siqu, nasemithandazweni ngenxa yokuhluleka ukulalelisisa noma ngisho nokuhlala ngithule. Inkonzo yami iyathinteka ngenxa yokuthi ngisuka kwenye indaba ngiye kwenye ngokushesha kangangokuba kuba nzima ngomuntu ukuba aqonde engikushoyo.”
Lapho ingahambisani nokungahlaliseki, lenkinga ibizwa ngokuthi i-Attention Deficit Disorder (ADD). Abantu abanalenkinga ngokuvamile bachazwa njengabakhi bamaphupho. Ngokuqondene nalabo abane-ADD, isazi sezinzwa uDkt. Bruce Roseman sathi: “Bahlala phambi kwencwadi futhi emizuzwini engu-45, abenzi lutho.” Ngesizathu esithile banenkinga yokugxilisa ingqondo.
Abacwaningi bezokwelapha bakholelwa ukuthi muva nje baye baqala ukuqonda imbangela yalezi zinkinga. Nokho, kuningi okungakaziwa. Futhi imingcele phakathi kwezinkinga ezihlukahlukene nokukhubazeka okuphazamisa ukufunda ayibi sobala ngazo zonke izikhathi. Kungakhathaliseki ukuthi iyini imbangela eqondile noma igama elinikwa inkinga ethile—kungakhathaliseki ukuthi inkinga eyokufunda, ukukhumbula, ukulalelisisa, noma eyokuba ongahlaliseki—inkinga enjalo ingayiphazamisa imfundo yomuntu futhi ingabangela ukuhlupheka okukhulu. Uma unenkinga yokufunda, ungabhekana kanjani nayo?
Inselele Yokubhekana Nayo
Cabanga ngoJessica, okukhulunywe ngaye esingenisweni. Ezimisele ukunqoba inkinga yokufunda, waqhubeka ezama ukufunda izincwadi ezihlukahlukene. Kwaba noshintsho lapho ethola incwadi yezinkondlo eyathumba ukunakekela kwakhe. Wathola incwadi efana naleyo, nayo wakujabulela ukuyifunda. Kamuva waba nesithakazelo ezincwadini ezinezindaba eziwuchungechunge, futhi kancane kancane ukufunda akuzange kusaba inkinga enkulu. Isifundo okumelwe sifundwe ukuthi ukuphikelela kunomvuzo. Nawe ungayinqoba inkinga yokufunda noma okungenani ungenza intuthuko enkulu eholela kulokho ngokungayeki.—Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:9.
Kuthiwani ngokubhekana nenkinga yesikhashana yenkumbulo? Isihluthulelo esibalulekile sokuxazulula lenkinga sisesishweni esithi: “Ukuphindaphinda kuwumthombo wokubamba.” UNicky wathola ukuthi ukuphindaphinda ngokuzwakalayo lokho akuzwile nakufundile kwamsiza ukuba akhumbule izinto. Kuzame. Kungase kukusize nawe. Ngokuphawulekayo, ezikhathini zeBhayibheli abantu babevame ukuphimisela amagama, ngisho nalapho bezifundela. Ngakho, uJehova wayala umlobi weBhayibheli uJoshuwa wathi: “Kumelwe ufunde [uMthetho kaNkulunkulu] ngokunyenyeza imini nobusuku.” (Joshuwa 1:8, NW; IHubo 1:2, qhathanisa ne-NW.) Kungani kwakubaluleke kangaka ukuphimisela? Kungoba ukwenza kanjalo kwakuhilela izinzwa ezimbili—ukuzwa nokubona—futhi kwakusiza ekugxiliseni kakhudlwana okufundwayo engqondweni yomfundi.
KuJessica, ukufunda izibalo nakho kwakuwumsebenzi onzima. Nokho, wazama ukufunda imithetho yezibalo ngokuyiphindaphinda—ngezinye izikhathi echitha isikhathi esingangengxenye yehora emthethweni ngamunye. Imizamo yakhe yaba nomvuzo ekugcineni. Ngakho phindaphinda! Umkhuba owukuhlakanipha ukugcina iphepha nepeni lomsizi liseduze lapho ulalele ekilasini noma ufunda ukuze ubhale amaphuzu.
Kubalulekile ukuba uzinikele ekufundeni. Kwenze umkhuba ukusala ngemva kwesikole futhi ukhulume nothisha bakho. Bazi othisha bakho. Batshele ukuthi unenkinga yokufunda kodwa uzimisele ukuyinqoba. Iningi lothisha lizolangazelela ukukusiza. Ngakho lusebenzise usizo lwabo. UJessica wenza lokho futhi wathola ukusekela okuningi okudingekayo kuthisha onozwela.
Funda Ukugxilisa Ingqondo
Kuyasiza nokuzibekela isimiso sokuba nomgomo nomvuzo. Ukuzibekela umgomo othile—njengokuqeda ingxenye yesabelo somsebenzi wesikole—ngaphambi kokuvula ithelevishini noma umculo owuthandayo kungakushukumisela ekubeni ugxilise ingqondo. Qiniseka ukuthi imigomo oyibekayo ingefinyelelekayo.—Qhathanisa neyabaseFilipi 4:5.
Ngezinye izikhathi ukwenza ushintsho oluthuthukisayo endaweni ekuzungezile kungasiza. UNicky wahlela ukuhlala phambili ekilasini eduze nothisha ukuze agxilise ingqondo kangcono. UJessica wakuthola kuzuzisa ukwenza umsebenzi wesikole nomngane wakhe okhuthalele ukufunda. Ungase ukuthole kuwusizo ukumane wenze ikamelo lakho libe elipholile nelinethezekile.
Ukunciphisa Ukungahlaliseki
Uma uthambekele ekubeni ongahlaliseki, ukufunda kungaba okuhlangenwe nakho okubuhlungu. Nokho, abanye ochwepheshe bathi ukungahlaliseki kungalawulwa ukuvivinya umzimba. “Buyanda ubufakazi bokuthi ikhono lomuntu ngamunye lokwazi kahle ukwaziswa okusha noma lokukhumbula ukwaziswa kwakudala lithuthukiswa ushintsho olwenzeka ebuchosheni olulethwa ukuvuseleleka okwenziwa ukuvivinya umzimba,” kuphawula i-U.S.News & World Report. Ngakho, ukuvivinya umzimba ngokusesilinganisweni—ukubhukuda, ukugijima, ukudlala ibhola, ukugibela ibhayisikili, ukushibilika eqhweni, nokunye—kungaba okulungele kokubili umzimba nengqondo.—1 Thimothewu 4:8.
Kuvamile ukuba abantu abanezinkinga zokufunda belashwe ngemithi. Kubikwa ukuthi amaphesenti angaba ngu-70 entsha ehlushwa i-ADHD aye anikezwa izidakamizwa ezinikeza amandla aye elapheka. Ukuthi uyakwamukela yini ukwelashwa ngezidakamizwa noma cha kuyindaba okumelwe inqunywe nguwe nabazali bakho ngemva kokucabangela ukungathi sína kwenkinga, nemiphumela emibi engase ibe khona, nezinye izici.
Londoloza Ukuzihlonipha Kwakho
Nakuba inkinga yokufunda ingenakubhekwa njengenkinga engokomzwelo, ingaba nemiphumela engokomzwelo. Inhlanganisela yokusolwa okuqhubekayo nokugxeka kwabazali nothisha, nemiphumela yesikole engemihle noma ephansi, nokuntula abangane abaseduze ingakubangela kalula ukuncipha kokuzethemba. Enye intsha ifihla lomuzwa ngokuthukuthela nokusongela.
Kodwa akumelwe ulahlekelwe ukuzethemba ngenxa yezinkinga zokufunda.c Omunye uchwepheshe osebenzelana nentsha enezinkinga zokufunda uthi: “Injongo yami iwukushintsha isimo sabo sengqondo ngokuphila—sisuke ekutheni ‘Ngiyisilima, futhi akukho engingakwenza kahle’ . . . siye ekutheni ‘Ngiyayinqoba inkinga, futhi ngingenza okuningi ngokwengeziwe kunalokhu engake ngacabanga ukuthi ngingakwenza.’”
Nakuba kungekuningi ongakwenza ngesimo sengqondo sabanye, ungasithonya esakho. UJessica wenza lokho. Uthi: “Lapho ngizahlulela ngokusekelwe kulokho izingane ezazikusho esikoleni nokugcona kwazo, ngangifuna ukubaleka esikoleni. Kodwa manje ngizama ukungakunaki lokho ezikushoyo futhi ngiqhubeke ngenza okusemandleni ami. Kunzima, futhi kudingeka ukuba ngilokhu ngizikhumbuza, kodwa kuyasebenza.”
UJessica kwakudingeka abhekane nelinye iqiniso. Umfowabo omdala wayengumfundi owayephumelela ngamalengiso kuzo zonke izifundo zakhe. “Lokhu kwakuvame ukushabalalisa ukuzethemba kwami,” kusho uJessica, “kwaze kwaba yilapho ngiyeka ukuziqhathanisa naye.” Ngakho ungaziqhathanisi nezingane zakini.—Qhathanisa neyabaseGalathiya 6:4.
Ukukhuluma nomngane wakho omethembayo nakho kungakusiza ukuba ubheke izinto ngendlela efanele. Umngane weqiniso uyonamathela kuwe ngokwethembeka njengoba uzama ukuthuthuka. (IzAga 17:17) Ngakolunye uhlangothi, umngane wamanga uyokudumaza noma akwenze ube nombono ongafanele wokuzazisa. Ngakho-ke khetha abangane bakho ngokucophelela.
Uma unenkinga yokufunda, cishe uthola ukulungiswa okwengeziwe kunenye intsha. Kodwa ungakuvumeli lokho kukwenze ube nombono ophambene. Bheka ukuyala ngendlela yokwesaba uNkulunkulu, njengokuthile okubaluleke kakhulu. Khumbula, ukuyala okunikezwa abazali bakho kuwubufakazi bokuthi bayakuthanda futhi bakufunela okungcono kakhulu.—IzAga 1:8, 9; 3:11, 12; Heberu 12:5-9.
Cha, izinkinga zakho zokufunda akumelwe zikudonsele phansi. Ungenza okuthile ngazo futhi uphile ukuphila okuletha ukwaneliseka. Kodwa kunesizathu esikhulu nakakhulu sethemba. UNkulunkulu uye wathembisa ukuletha izwe elisha lokulunga lapho ulwazi luyoba luningi khona futhi lapho zonke izinkinga ezingokwengqondo nezingokomzimba ziyolungiswa. (Isaya 11:9; IsAmbulo 21:1-4) Ngakho zimisele ukufunda okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu nezinjongo zakhe, futhi wenze ngokuvumelana nalolo lwazi.—Johane 17:3.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
b Siza ubheke uchungechunge oluthi “Ukuqonda Izingane Ezingalawuleki” kumagazini ka-November 22, 1994, nesihloko esithi “Ingabe Ingane Yakho Inezinkinga Zokufunda?” kumagazini wesiNgisi i-Phaphama! ka-May 8, 1983.
c Bheka isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Ngingakwakha Kanjani Ukuzethemba?” kumagazini i-Phaphama! ka-October 8, 1983.
[Isithombe ekhasini 13]
Zinikele ekufundeni