Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 8/22 k. 31
  • Ubumsulwa—Kungani Bufanele?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ubumsulwa—Kungani Bufanele?
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kuthiwani Ngezifungo Zokuzigcina Umsulwa?
    Intsha Iyabuza
  • Ingabe Kubonisa Ukuphila Engqondweni Ukuba Msulwa?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe OFakazi BakaJehova Bayihlelo?
    Imibuzo Evame Ukubuzwa
  • Kungani Kufanele Uhlale Umsulwa?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 8/22 k. 31

Ubumsulwa—Kungani Bufanele?

“IHLELO lobumsulwa”—yileyo ndlela uRandall Balmer, iphini likaprofesa wezenkolo eBarnard College/Columbia University, abiza ngayo ukuthambekela okubonakala kwanda phakathi kwentsha kokuhlehlisa ubuhlobo bobulili ize ikhule.

Akumangalisi ukuthi isikhuthazo esikhulu sokugwema ubulili sivela ezinhlanganweni zenkolo. “Kodwa isisusa sehlelo lobumsulwa asisona esingokwenkolo, kodwa esezwe,” kuphawula uDkt. Balmer. “Isisusa sangempela sokuhlala umsulwa ukwesaba—hhayi ukwesaba isijeziso saphezulu, kodwa ukwesaba izifo ezibulalayo.” Ngakho, uqhathanisa “ihlelo leNcasakazi uMariya,” elaliveza ukugwema ubulili njengombono ongokwenkolo, “nehlelo lobumsulwa” lanamuhla, eliveza ukugwema ubulili njengendaba yezempilo.

“Kuwumbono odabukisayo ngesimo senkolo eminyakeni yawo-1990 ukuthi ukwesaba izifo kubusa indlela yokuziphatha,” kuqhubeka uDkt. Balmer. “Abaholi benkolo, bezimisele ukungacasuli muntu, baye basikisela ukuziphatha okungacindezeli, noma bangenza lutho ngokuphelele. Ngakho kushiyelwa kososayensi nezikhulu zempilo yomphakathi ukululeka intsha ngendlela yokuziphatha ngokobulili.”

Nokho, akunjalo ngamaKristu eqiniso. Cabangela uChad, osemusha okhuliswa njengomunye woFakazi BakaJehova. Intombazane ethile yeza kuChad futhi yaqala ingxoxo. Kodwa ngokushesha kwaba sobala ukuthi izisusa zayo zazingaphezu nje kokujabulela ingxoxo. “Khona-ke kwangikhanyela ngokushesha,” kusho uChad. “Ngangingenakumdumaza uJehova. Ngicabanga ukuthi kufanele ngithokozise uJehova ngaso sonke isikhathi, ngayivalelisa ngahamba.”

NjengoChad, intsha eningi phakathi koFakazi BakaJehova ilondoloza ukuziphatha okuhle hhayi nje ukuze ibe nempilo enhle kodwa ngokuyinhloko ukuze ithokozise uMdali wayo, uJehova uNkulunkulu. Akukhona ukwesaba izifo okubusa ukuziphatha kwayo. Kunalokho, lentsha ilandela iseluleko somShumayeli 12:1: “Futhi khumbula uMdali wakho emihleni yobusha bakho.”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela