Ubani Okufanele Anqume Ubukhulu Bomkhaya?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRAZIL
ENEZINSUKU ezintathu kuphela ubudala, umntwana ongumfana washiywa dengwane esikhwameni sepulasitiki esiteshini esingaphansi komhlaba. Kodwa iphephandaba laseBrazil laphawula ukuthi imikhaya eminingana yayifuna ukumthatha lomntwana.
Nakuba isenzakalo esinjalo siyivelakancane, liyanda inani lezingane ezingafunwa nezishiywa dengwane emhlabeni wonke. Ngokuvamile abazali abanokwethenjelwa bayantuleka. Ingabe ukuvimbela inzalo kuyikhambi? Ingabe akulungile ukuba umuntu ahlele ubukhulu bomkhaya wakhe?
Ngokwe-World Health Organization, ukukhulelwa okungamaphesenti angu-50 emhlabeni wonke kusuke kungahleliwe. Ngokuvamile akukhona nje ukuthi ukukhulelwa akuhleliwe kodwa futhi akufunwa.
Abaningi bafuna ukukugwema ukukhulelwa, mhlawumbe ngenxa yempilo, indawo yokuhlala, noma izinkinga zomsebenzi. Ngakho, izindlela zokuvimbela inzalo, njengamaphilisi okuvimbela inzalo noma ama-condom, zijwayelekile. Ukukhishwa kwezisu nokuvalwa kwenzalo ngokuhlinzwa nakho kuyasetshenziswa njengezindlela zokuvimbela inzalo. Ngokuqondene nokukhishwa kwezisu eBrazil, iphephandaba i-Estado de S. Paulo liyabika: “I-World Health Organization ilinganisela ukuthi minyaka yonke abesifazane abayizigidi ezinhlanu kuya kwezingu-13 abakhulelwayo eBrazil bakhipha izisu ngasese.” Futhi, umagazini i-Time wabika ukuthi amaphesenti angu-71 abesifazane baseBrazil abakipitile abasebudaleni bokuthola abantwana bavimbela inzalo. Kulaba, abangamaphesenti angu-41 basebenzisa amaphilisi kanti abangamaphesenti angu-44 bavalwe inzalo ngokuhlinzwa.
Ukuhlola kubonisa ukuthi amaphesenti angu-75 abantu baseBrazil acabanga ukuthi kuyadingeka ukuhlela inani labantwana. Abanye bayakulahla ukuhlelwa komndeni ngenxa yenkolelo yokudalelwa noma ngenxa yokucabanga ukuthi kuyintando kaNkulunkulu ukuba umkhaya ube ‘nabantwana abaningi ngangokuthanda kukaNkulunkulu.’ Ubani okufanele anqume ubukhulu bomkhaya—umbhangqwana noma izithakazelo zezwe noma zenkolo?
Ukuvimbela Inzalo—Kungani Kuyimpikiswano?
Nakuba likuvumela ukungahlanganyeli ubulili ngesikhathi owesifazane esezoya esikhathini, iSonto LamaRoma Katolika, okuyinkolo enkulu kunazo zonke eBrazil, liyazenqabela izindlela zokuvimbela inzalo, kungakhathaliseki ukuthi ezokukhipha isisu noma cha. UPapa Paul VI wathi: “Noma isiphi isenzo sobulili [kufanele] kube esokudlulisela ukuphila.” UPapa John Paul II wathi: “Ukuvimbela inzalo, uma kubhekisiswa kahle, kungokungemthetho ngokucacile kangangokuba akunakuthethelelwa nganoma isiphi isizathu.” Ngenxa yalokho, amaKatolika amaningi ayanqikiza ukulawula ubukhulu bemikhaya yawo, ebheka ukuvimbela inzalo njengesono.
Ngakolunye uhlangothi, iphephabhuku lezokwelapha i-Lancet lithi: “Izigidi ziyochitha ukuphila kwazo zingafundile, zingasebenzi, zingenayo indawo yokuhlala efanele futhi zingakwazi ukuthola izinkonzo eziyisisekelo zempilo, zenhlalakahle nezokuhlanzeka, futhi ukwanda kwenani labantu okungalawuliwe kuyimbangela eyinhloko yalokhu.” Ngakho, besaba ukwanda kwabantu ngokweqile nobumpofu, abanye ohulumeni bakhuthaza ukuhlelwa komndeni, naphezu kokuphikisa kwesonto. Ngokwesibonelo, “iCosta Rica yanciphisa isilinganiso senani labantwana [emkhayeni ngamunye] kusuka kwabayisikhombisa kuya kwabathathu,” kusho isazi sezinto eziphilayo uPaul Ehrlich.
Incwadi ye-UN ethi Facts for Life—A Communication Challenge ithi: “Ngemva kokuba owesifazane ebe nabantwana abane, ukukhulelwa okulandelayo kubangela izingozi ezinkulu ekuphileni nasempilweni yabo bobabili umama nomntwana. Ikakhulukazi uma ukulamanisa kungashiyani ngeminyaka engaphezu kwemibili, umzimba wowesifazane ungakhathazwa kalula ukukhulelwa ngokuphindaphindiwe, ukubeletha, ukuncelisa, nokunakekela abantwana abasebancane.”
Imikhaya emikhulu isavamile lapho ukufa kwezinsana kuphakeme khona, ikakhulukazi ezindaweni zasemaphandleni e-Afrika, e-Asia, naseLatin America. Ngani? Abaningi abazazi izindlela zokuvimbela inzalo. Njengoba kwasho elinye ilungu lesishaya-mthetho, enye imbangela kwezinye izindawo kungase kube ukuthi “indoda isazibheka njengendoda ngempela kuphela uma umkayo ekhulelwa minyaka yonke.” I-Jornal da Tarde inikeza okunye okungase kube imbangela, ikakhulukazi kwabesifazane: “Abantwana bangomunye wemithombo eyivelakancane ebajabulisayo futhi ebangela umuzwa wokuthi bafezé okuthile.” Futhi, uPaulo Nogueira Neto, owayengunobhala wezendawo ezungezile eBrazil, wathi: “Umntwana uyisiqinisekiso sokulondeka komphakathi wabantu abampofu.”
Lokho Okushiwo IBhayibheli
Ingabe bewazi ukuthi iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, likushiyela endodeni nomfazi ukunquma ubukhulu bomkhaya? Libonisa nokuthi umshado ufanelekile, kungakhathaliseki ukuthi kushadwa ngenjongo yokuzala abantwana noma yokubonisa ukusondelana komzwelo ngobuhlobo bobulili obuhloniphekile.—1 Korinte 7:3-5; Heberu 13:4.
Kodwa ingabe uNkulunkulu akatshelanga u-Adamu no-Eva ePharadesi ukuba ‘bazale, bande, bagcwalise umhlaba’? (Genesise 1:28) Yebo, kodwa akukho eBhayibhelini okubonisa ukuthi singaphansi kwalowo myalo namuhla. Umbhali uRicardo Lezcano wathi: “Kubonakala kuphikisana ngandlela-thile ukusebenzisa [ezigidini eziyizinkulungwane] zabantu isimiso esifanayo esasetshenziswa ezakhamuzini ezimbili kuphela zaleplanethi.” Ngisho noma isinqumo siwukungabi nabantwana nhlobo, lokhu ukuzikhethela komuntu siqu okufanele kuhlonishwe.
Ngokuthakazelisayo, i-New Catholic Encyclopedia iphawula ukuthi umbono woFakazi BakaJehova usekelwe eBhayibhelini. Ithi: “Ngaphandle kokuvimbela inzalo, abakushiyela esinqumweni sombhangqwana, ukuziphatha kwabo emshadweni nangokobulili kuqinile.” Iyanezela: “Babheka iBhayibheli njengeliwukuphela komthombo wabo wenkolelo nomthetho wokuziphatha.”
Ingabe ziyafaneleka zonke izindlela zokulinganisela ubukhulu bomkhaya? Cha. Njengoba ukuphila kungcwele, uMthetho kaNkulunkulu kuma-Israyeli wawuthi lowo obangela ukukhishwa kwesisu kufanele abhekwe njengombulali. (Eksodusi 20:13; 21:22, 23) Endabeni yokuvalwa inzalo ngokuhlinzwa, njenge-vasectomy, isinqumo ngesikanembeza womuntu siqu, njengoba lokhu kungashiwo ngokuqondile eBhayibhelini. “Yilowo nalowo uyothwala umthwalo wakhe siqu.” (Galathiya 6:5)a Futhi njengoba kunezindlela ezihlukahlukene zokuvimbela inzalo, isiqondiso sezokwelapha singasiza umbhangqwana ukuba unqume ukuthi ufisa ukusebenzisa indlela ethile noma cha.
Yenza Izinqumo Ongazimela
Akuzona zonke izinto ekuphileni ezihlelwayo. Kodwa ingabe ubungayithenga imoto noma indlu ngaphandle kokucabangisisa ukuthi yini ehilelekile? Imoto noma indlu ingaphinde ithengiswe, kodwa abantwana ngeke. Khona-ke, lapho kuhlelwa isikhathi sokuthola abantwana, akufanele yini kucatshangelwe amandla endoda nomfazi okunikeza izidingo zokuphila?
Ngokuqinisekile, ngeke sifune ukuba umkhaya wethu ungondleki, futhi ngeke sifune ukuba umthwalo kwabanye. (1 Thimothewu 5:8) Ngesikhathi esifanayo, ngaphandle kokudla nendawo yokuhlala, abantwana badinga imfundo, izindinganiso zokuziphatha, nothando.
Ngaphezu kokuhlaziya lokho okufunekayo ngokomsebenzi, imali, nokubekezela, impilo yomfazi kufanele icatshangelwe. Ukuhlelwa kahle kwesikhathi sokuthola abantwana kulonda ukuphila futhi kuthuthukisa impilo. I-Facts for Life ithi: “Enye yezindlela eziphumelela kakhulu zokunciphisa izingozi zokukhulelwa nokubeletha kokubili kumama nomntwana iwukuhlela ukulamanisa. Izingozi zokubeletha zinkulu kakhulu lapho ozoba umama engaphansi kweminyaka engu-18 noma engaphezu kwengu-35, noma ake wakhulelwa izikhathi ezine noma ngaphezulu, noma uma kunegebe elingaphansi kweminyaka emibili kusukela ekubeletheni kokugcina.”
Imibhangqwana ecabangela ukuba nabantwana kufanele icabangele ukuthi, njengoba iBhayibheli labikezela, sizungezwe izwe eligcwele ubugebengu, indlala, impi, nokuntenga kwezomnotho. (Mathewu 24:3-12; 2 Thimothewu 3:1-5, 13; IsAmbulo 6:5, 6) Ukubathanda ngobuqotho abantwana kuyokwenza imibhangqwana ukuba ibe nombono oqondile ngezwe esiphila kulo, iqaphela ukuthi ukukhulisa abantwana esikhathini sethu kuyinselele enkulu. Ngakho esikhundleni sokuba kube uthela wayeka nje babe nabantwana abaningi ngangokunokwenzeka benethemba lokuthi konke kuzohamba kahle, abaningi bakhetha ukunquma ukuthi umkhaya wabo uyoba mkhulu kangakanani ukuze abantwana babo bathole isilinganiso esithé xaxa senjabulo nokulondeka.
Ngaphandle kokusisiza ukuba senze izinqumo ezinokuhlakanipha ezindabeni zomkhaya, iZwi likaNkulunkulu lisinikeza ithemba eliqinile ngesikhathi esizayo. IBhayibheli libonisa ukuthi kuyinjongo yoMdali ukuba abantu baphile phakade ngokuthula nangenjabulo emhlabeni oyipharadesi. Ukuze afeze lokhu, ngokushesha uNkulunkulu uzoqeda lesi simiso esibi sezinto. Khona-ke ezweni elisha elinokulunga elingenabo ubumpofu nokwanda kwabantu ngokweqile, abantwana ngeke besalahlwa ngenxa yokungafunwa.—Isaya 45:18; 65:17, 20-25; Mathewu 6:9, 10.
Ngokusobala, ukucabangelana nokucabangela abantwana, kanye nombono olinganiselayo ngokuzala, kuyosiza umbhangqwana ukuba unqume ubukhulu bomkhaya wawo. Esikhundleni sokuyeka izinto zizenzekele, kufanele ufune isiqondiso sikaNkulunkulu ngomthandazo. “Isibusiso sikaJehova siyacebisa; akenezeli usizi kuso.”—IzAga 10:22.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka INqabayokulinda ka-May 1, 1985, ikhasi 31.
[Isithombe ekhasini 12]
Izigidi zabantwana zishiywa dengwane
[Isithombe ekhasini 13]
Abantwana badinga ukukhathalelwa ngothando