Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g 9/07 k. 10-k. 11 isig. 5
  • Ingabe Ukuvimbela Inzalo Kungqubuzana Nezimiso Zokuziphatha?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Ukuvimbela Inzalo Kungqubuzana Nezimiso Zokuziphatha?
  • I-Phaphama!—2007
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuphila Kuyigugu
  • Ukuqhathanisa Ukuhlakanipha Komuntu NokukaNkulunkulu
  • Ingabe Kulungile NgamaKristu Ukuba Asebenzise Izinto Zokuvimbela Inzalo?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ukulawula Inzalo—Ubani Okumelwe Anqume? Uwena Noma Isonto?
    I-Phaphama!—1989
  • Ubani Okufanele Anqume Ubukhulu Bomkhaya?
    I-Phaphama!—1996
  • Imibuzo Eyishumi Ngocansi Iyaphendulwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
I-Phaphama!—2007
g 9/07 k. 10-k. 11 isig. 5

Umbono Webhayibheli

Ingabe Ukuvimbela Inzalo Kungqubuzana Nezimiso Zokuziphatha?

UCABANGANI? Ingabe akulungile ukuba abantu abashadile bavimbele inzalo? Kungenzeka impendulo yakho ixhomeke ezinkolelweni zakho ezingokwenkolo. ISonto LamaKatolika lifundisa ukuthi noma isiphi isenzo esihloselwe ukuvimbela inzalo “siwububi obedlulele.” Imfundiso yamaKatolika ikhuthaza umbono wokuthi isenzo ngasinye sobuhlobo bobulili phakathi kwabantu abashadile kumelwe sivule ithuba lokukhulelwa. Ngakho-ke eSontweni LamaKatolika, ukuvimbela inzalo “akwamukelekile.”

Abantu abaningi bakuthola kunzima ukwamukela lo mbono. Isihloko se-Pittsburgh Post-Gazette esasikhuluma ngalolu daba saphawula ukuthi “amaKatolika angaphezu kwezingxenye ezintathu kwezine e-United States athi isonto kufanele likuvumele ukusetshenziswa kwezindlela zokuvimbela inzalo ezenziwe umuntu. . . . Futhi nsuku zonke abantu abayizigidi abawunaki lo mthetho ovimbelayo.” Omunye wabo, uLinda, ongumama wezingane ezintathu, uvuma ngokukhululekile ukuthi uyazisebenzisa izinto zokuvimbela inzalo, kodwa uthi: “Unembeza wami ungitshela ukuthi angoni.”

IZwi likaNkulunkulu lithini ngale ndaba?

Ukuphila Kuyigugu

UNkulunkulu ubheka ukuphila komntwana njengokuyigugu, ngisho nasezigabeni zokuqala zokukhula kwakhe. Inkosi yakwa-Israyeli uDavide yabhala ngaphansi kokuphefumulelwa: “Wangigcina ngihenqelwe esiswini sikamama. . . . Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho.” (IHubo 139:13, 16) Ukuphila okusha kuqala lapho umuntu ekhulelwa, futhi uMthetho KaMose ubonisa ukuthi umuntu wayengalandisa uma elimaza umntwana ongakazalwa. Empeleni, u-Eksodusi 21:22, 23 uyachaza ukuthi uma owesifazane okhulelwe noma umntwana ongakazalwa efa ngengozi ngenxa yokulwa kwamadoda amabili, le ndaba kwakufanele ilethwe phambi kwabahluleli abamisiwe. Kwakufanele bahlaziye izimo nokuthi leso senzo senziwe ngamabomu yini, kodwa isahlulelo sasingaba “umphefumulo ngomphefumulo,” noma ukuphila ngokuphila.

Lezo zimiso ziyasebenza endabeni yokuvimbela inzalo ngokuthi ezinye izindlela zokuvimbela inzalo kubonakala zikhipha isisu. Lezi zindlela zokuvimbela inzalo zingqubuzana nezimiso zikaNkulunkulu zokuhlonipha ukuphila. Kodwa iningi lezindlela zokuvimbela inzalo azisikhiphi isisu. Kuthiwani ngokusetshenziswa kwazo?

Akukho ndawo lapho iBhayibheli liyala khona amaKristu ukuba azale. UNkulunkulu watshela abantu ababili bokuqala nomkhaya kaNowa: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” Kodwa lo myalo awuphindwanga kumaKristu. (Genesise 1:28; 9:1) Ngakho, imibhangqwana eshadile ingazinqumela ukuthi iyafuna yini ukuba nomkhaya, ukuthi izoba nezingane ezingaki nokuthi izozithola nini. ImiBhalo ngokufanayo ayikulahli ukuvimbela inzalo. Ngakho, ngokweBhayibheli, ukuthi indoda nomkayo bakhetha ukusebenzisa indlela yokuvimbela inzalo engasikhiphi isisu noma cha kuyisinqumo sabo ngempela. Kodwa kungani iSonto LamaKatolika likulahla ukuvimbela inzalo?

Ukuqhathanisa Ukuhlakanipha Komuntu NokukaNkulunkulu

Izincwadi zamaKatolika zichaza ukuthi ekhulwini lesibili C.E., amaKristu okuzisholo aqala ukwamukela isimiso sokuziphatha samaStoyiku, esasithi okuwukuphela kwenjongo esemthethweni yobuhlobo bobulili emshadweni ukuzala. Ngakho lo mbono wawusekelwe kumafilosofi, hhayi emiBhalweni. Wawungasekelwe ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu kodwa ekuhlakanipheni kwabantu. Le filosofi yaqhubeka amakhulu eminyaka futhi yasekelwa abefundisi bamaKatolika abahlukahlukene.a Kodwa le mfundiso yaholela embonweni wokuthi ukuhlanganyela ubulili ngenjongo yokuzijabulisa kuphela kuyisono, futhi ngenxa yalokho, ubuhlobo bobulili obuvala ithuba lokuzala buwukuziphatha okubi. Kodwa imiBhalo ayikufundisi lokhu.

Isebenzisa ulimi olusankondlo, incwadi yeBhayibheli yezAga ichaza injabulo etholakala ngobuhlobo obufanele bobulili phakathi kwendoda nomkayo: “Phuza amanzi embizeni yakho, nemifudlana ephuma phakathi kowakho umthombo. . . . Mawubusiswe umthombo wakho, ujabule ngomfazi wobusha bakho, indluzelekazi ethandekayo nembuzi ebukekayo yasezintabeni. Amabele akhe mawakujabulise kakhulu ngazo zonke izikhathi. Kwangathi njalo ungagajwa uthando lwakhe.”—IzAga 5:15, 18, 19.

Ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nomkayo buyisipho esivela kuNkulunkulu. Kodwa injongo akukhona nje ukuzala kuphela. Futhi ubuhlobo bobulili buvumela umbhangqwana oshadile ukuba ubonisane isisa nothando. Ngakho uma umbhangqwana unquma ukuvala amathuba okukhulelwa ngokusebenzisa indlela ethile yokuvimbela inzalo, lokho kuwukukhetha kwawo, futhi akukho muntu okufanele awahlulele.—Roma 14:4, 10-13.

[Umbhalo waphansi]

a Kwakusekhulwini le-13 lapho uGregory IX ashaya khona lokho i-New Catholic Encyclopedia ekubiza ngokuthi “umthetho wokuqala kawonkewonke owashaywa upapa ngokumelene nokuvimbela inzalo.”

WAKE WAZIBUZA?

◼ Ingabe kuyisono ukuba indoda nomkayo babe nobuhlobo bobulili?—IzAga 5:15, 18, 19.

◼ Yini amaKristu okufanele ayikhumbule uma esebenzisa izinto zokuvimbela inzalo?—Eksodusi 21:22, 23.

◼ Abanye kufanele bayibheke kanjani imibhangqwana eshadile esebenzisa izinto zokuvimbela inzalo?—Roma 14:4, 10-13.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 11]

UNkulunkulu watshela abantu ababili bokuqala nomkhaya kaNowa: “Zalani nande nigcwalise umhlaba.” Kodwa lo myalo awuphindwanga kumaKristu

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela