I-Robin Enobungane
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
ESIKHATHINI eside ngaphambi kokuba amahlathi akithi eNorthumberland abe nombala wasekwindla onsundu ngokubomvu, i-robin yenza kucace ukuthi ikhona. Isifuba sayo esibomvu ngokugqamile nengoma yayo emtoti kunezela imibalabala nenjabulo engadini yethu. Yeka ukuthi ingumngane othokozisa kangakanani!
I-robin ibonakala kalula ngamahlombe nekhanda layo okuluhlaza ngokunsundu; isifuba sayo, umphimbo, nesiphongo okubomvu ngokusawolintshi; nesisu sayo esimhloshana. Lenyoni eyindilinga, ehlala iphapheme, ima ngeqholo, inobude obungamasentimitha angu-14 ukusuka enhloko kuya esisileni sayo. Akumangalisi ukuthi ngo-1961, i-robin yaqokwa njengenyoni yesizwe yaseBrithani.
I-robin yaseBrithani incane kuneyaseMelika, leyo abakhi bamakoloni bakuqala abavela eNgilandi abayinikeza igama elithi robin, okuyigama ababelijwayele. Nokho, i-robin yaseBrithani ihlukile.
Lapho kusondela ikwindla, i-robin iqapheleka kakhulu engadini eBrithani. Ima isondele kumuntu olimayo ilindele ukuqhamuka komsundu. Ngezinye izikhathi, lapho olimayo ehlaba ikhefu, i-robin iqhwakela efosholweni ukuze ihlolisise indawo. Lenyoni enesibindi yaziwa ngisho nangokulandela umkhondo wemvukuzane ukuze ihlole iziduli zayo ezintsha. Ukudla kwe-robin kuyahlukahluka—izinambuzane, izimbewu, namajikijolo, kanye nemisundu.
Yeka indlela okujabulisa ngayo ukuthola isidleke sama-robin! Noma imuphi umnyango noma ifasitela elivulekile leshede liyawukhanga umbhanqwana walezi zinyoni ofuna ukukhwelana. Izidleke zingakhiwa ngokushesha ezitsheni ezindala zezimbali noma emagedleleni alahliwe, ezintanjeni zocingo, noma ngisho nasemaphaketheni ejazi lokusebenza engadini! Ukuhlakanipha kwama-robin ekutholeni izindawo ezingavamile zokwakha izidleke akunakulinganiselwa.
I-robin ingenye yezinyoni okulula kakhulu ukuziqeqesha ukuba zidlele esandleni sakho. Njengoba ubusika busondela futhi umthombo wayo wokudla ongokwemvelo uncipha, beka ukudla okuncane entendeni yesandla—izingcezu zikashizi noma izinhlava—nokunye entweni enganyakazi eseduze. Ngemva kokudla kabili noma kathathu kulendawo yamuva, i-robin iyoba nesibindi futhi ithathe ukudla esandleni sakho esivuliwe. Nakuba ingase ingahlali eminweni yakho, kusukela ngaleso sikhathi kuqhubeke i-robin iyohlala ikubheka njengomngane wayo. Iyobe ingakukhohliwe lapho ibuya ngokulandelayo—njengoba nawe uyobe ungamkhohliwe umngane wakho, i-robin!