Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 10/8 k. 31
  • Ukuhlafuna Okuwukuzigwaza Ngowabo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlafuna Okuwukuzigwaza Ngowabo
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Kufanele Uhlafune I-betel Nut?
    I-Phaphama!—2012
  • Uthi Lokuxubha Amazinyo
    I-Phaphama!—2003
  • Ukubuka Okwezwe
    I-Phaphama!—1999
  • Igama Elisha Ledili Elidala Elonakele
    I-Phaphama!—1995
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 10/8 k. 31

Ukuhlafuna Okuwukuzigwaza Ngowabo

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENDIYA

IZOSHA zokukhangisa eziphindaphindwa emsakazweni zikhuthaza abantu ukuba bawusebenzise. Izilomo zamabhayisikobho zibukisa ngawo kuma-TV, komagazini nasemaphephandabeni njengokuthile okungaholela endleleni yokuphila ejabulisayo nengcono kakhulu. Kodwa umbhalo obhalwe ngamagama amancane uxwayisa ngokuthi ukusebenzisa lomkhiqizo kungalimaza impilo yakho. Uyini? Uyinto eluthayo nelimazayo eyaziwa ngokuthi i-pan.

I-pan isetshenziswa e-Asia—ikakhulukazi eNdiya. Esimweni sayo semvelo iyingxube ye-betel nut egayiwe, ugwayi, kanye nezinye izithako ezithuthukisa ukunambitheka. Ugwayi ne-betel nut kwenza i-pan ibe ngeluthayo. Lokhu kubekwa eqabungeni le-betel-pepper eligcotshwe ngenamfunamfu yomcako ne-catechu, umkhiqizo wesitshalo esishwaqayo. Leli qabunga liyagoqwa ukuze kusongwe lokhu okuphakathi, bese kufakwa konke emlonyeni. Uhlobo oluthandwa kakhulu yi-pan masala, izithako ezifanayo zihlanganiswa zomile bese zifakwa ezikhwameni ezincane eziphatheka kalula futhi zisetshenziswe nganoma isiphi isikhathi.

Ukuhlafuna kuthatha isikhathi eside futhi kubangele amathe amaningi, okudingeka akhafulwe izikhawu. Iningi lemizi lapho i-pan ithandwa kakhulu khona inezitsha zokuphimisela, kodwa uma kungekhona ekhaya, indlela noma udonga kuba yileso sitsha. Lokhu kubangela amabala ansundu abonakala ezindongeni zezitebhisi zezakhiwo eziningi eNdiya.

Ngokokuhlola kwe-Tata Institute of Fundamental Research, amaphesenti ayishumi eziguli ezintsha zomdlavuza eNdiya, unyaka ngamunye, kuba ezomdlavuza womlomo—cishe ziphinda kabili isilinganiso somhlaba. UDkt. R. Gunaseelan, udokotela ohlinza umlomo nezingxenye zawo, usekela odokotela abahlinzayo kulo lonke elaseNdiya ekusoleni ngokuyinhloko ukuhlafunwa kwe-pan. Uyaphawula kuyi-Indian Express: “Zonke izinhlobo ze-pan ziyingozi emlonyeni.” Waphawula nokuthi i-pan “ngokuqinisekile ingaholela emdlavuzeni womlomo” nokuthi “ukuyihlafuna kufana nokuzibangela ukukhubazeka kobuso.” Ngakho-ke, ukusebenzisa i-pan kungasho ukuhlafuna okuwukuzigwaza ngowakho.

[Isithombe ekhasini 31]

Amaphesenti ayishumi eziguli ezintsha zomdlavuza eNdiya, anomdlavuza womlomo

[Umthombo]

WHO photo by Eric Schwab

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela