Uthi Lokuxubha Amazinyo
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EZAMBIA
I-AFRIKA—izwekazi elinabantu abanamazinyo amahle kodwa elinezixubho ezimbalwa ezikhiqizwe ezimbonini! Kungenzeka kanjani lokho? Kwabaningi, imfihlo yokuba namazinyo amahle isokhunini nje oluvamile—uthi oluhlafunwayo!
Izinti ezihlafunwayo zazisetshenziswa abaseBhabhiloni futhi kamuva abaseGibhithe, amaGreki namaRoma. Lezi “zixubho” ezincane zokhuni zazivamile nase-Arabhiya ngaphambi kwenkathi yobuSulumane. Abantu baseYurophu bayeka ukusebenzisa uthi oluhlafunwayo eminyakeni engaba ngu-300 edlule, kodwa luseyintandokazi ezingxenyeni ezithile ze-Afrika, e-Asia naseMpumalanga Ephakathi.
Isihlahla esivame kakhulu okutholakala kuso uthi oluhlafunwayo eMpumalanga Ephakathi i-saltbush, esaziwa nangokuthi i-toothbrush tree. ENtshonalanga Afrika, kusetshenziswa izihlahla zikalamula nezamawolintshi, kanti ezwekazini laseNdiya izihlahla ze-neem ziwumthombo oyinhloko wezinti ezihlafunwayo. EMpumalanga Afrika kusetshenziswa izinhlobo ezingaba ngu-300 zemithi nezihlahlana ekwenzeni izinti ezihlafunwayo. Lolu thi luwahlanza kanjani amazinyo?
Lapho umuntu ehlafuna lolu thi, imicu esesihlokweni salo iyahlukana ibe “ibhulashi” elimahhadla. Uma eqhubeka eluhlafuna, lukhipha izinhlayiya zokudla eziphakathi kwamazinyo lukhuthaze nokugeleza kwegazi ezinsinini. Ukuhlafuna kwandisa namathe, aba amanzi angokwemvelo akhuculula amagciwane futhi avimbele ukwanda kwawo.a
Kodwa uthi oluhlafunwayo alugcini nje ngokuba isixubho. Izinti nezimpande zezimila ezithile zinamakhemikhali anqanda ukwakheka kogqinsi emazinyweni (i-plaque). Kuye kwatholakala ukuthi ezinye izinti zinamakhemikhali abulala amagciwane nesikhunta. Izinti zesihlahla i-toothbrush tree, okukhulunywe ngaso ekuqaleni, zingasiza nasekuvimbeleni amalonda. ENamibia, izinti zesihlahla esaziwa ngokuthi i-muthala zinqanda ukukhula kwamagciwane abangela ukubola, izifo zezinsini nobuhlungu bomphimbo. Lesi sixubho semvelo singanqanda ukubola kwamazinyo futhi siqinise izimpande zawo kanye nezinsini. Manje ezinye izinkampani zenza umuthi wokuxubha onemicu nenhlaka ethathwe ezimileni ezinjalo.
Nokho-ke, abanye bakhetha ukusebenzisa isixubho esivamile. Kungakhathaliseki ukuthi ukhetha ukwenza kanjalo noma ukhetha ukusebenzisa uthi, njengoba kwakwenza abantu basendulo, yinye into eqinisekile: Amazinyo ahlanzekile ayingxenye ebalulekile yokunakekela impilo yakho.
[Umbhalo waphansi]
a Yiqiniso, ukudla umuntu akudlayo nako kubalulekile. Ngokuvamile imiphakathi yasemaphandleni e-Afrika idla ukudla okumahhadla nemifino eminingi kunabantu basemadolobheni. Futhi ngokuvamile idla ingcosana kashukela, ukudla okugayiwe neziphuzo ezibandayo—okuyizinto ezaziwayo ukuthi zibolisa amazinyo.
[Isithombe ekhasini 21]
Isihlahla i-“neem” singomunye wemithombo yezinti ezihlafunwayo
[Umthombo]
William M. Ciesla, Forest Health Management International, www.forestryimages.org