Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 10/22 kk. 3-4
  • Lapho Amazwi Eba Izikhali

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Lapho Amazwi Eba Izikhali
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Amanxeba Amazwi
  • Indlela Yokugwema Inkulumo Elimazayo
    I-Phaphama!—2013
  • Bonisa Uthando Nenhlonipho Ngokulawula Ulimi Lwakho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukuyeka Amazwi Alimazayo Usebenzise Amazwi Aphilisayo
    I-Phaphama!—1996
  • Ukwembula Izimbangela Zenkulumo Echaphayo
    I-Phaphama!—1996
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 10/22 kk. 3-4

Lapho Amazwi Eba Izikhali

“Bakhona abaphahluka njengokuhlaba kwenkemba.”

—IZAGA 12:18.

“KWAQALA ngemva kwamasonto ambalwa sishadile,” kusho u-Elaine.a “Amazwi anokhahlo, amazwi ajivazayo, nemizamo yokungilulaza. Ngangingenakuqagulisana nomyeni wami. Ingqondo yakhe ekhaliphile nolimi olusheshayo kwakusonta futhi kuphendukezele yonke into engangiyisho.”

Phakathi nawo wonke umshado wakhe u-Elaine uye wabhekana nohlobo lokuhlaselwa olufihlekile olungashiyi zibazi nolungenazwela. Ngokudabukisayo, isimo sakhe asizange sibe ngcono ngokuhamba kwesikhathi. Uthi: “Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-12 sishadile. Nsuku zonke uyangigxeka futhi angigcone, esebenzisa amazwi anokhahlo nenhlamba.”

IBhayibheli aleqisi lapho lithi ulimi lungaba ‘into engalawuleki elimazayo, egcwele ubuthi obubulalayo.’ (Jakobe 3:8; qhathanisa neHubo 140:3.) Lokhu kuyiqiniso ikakhulukazi emshadweni. “Umuntu owathi ‘izinduku namatshe kungangiphula amathambo kodwa amazwi awanakungilimaza’ wayephazamé kakhulu,” kusho owesifazane okuthiwa uLisa.—IzAga 15:4.

Amadoda nawo angaba izisulu zamazwi anokhahlo. “Ingabe uyazi ukuthi kunjani ukuhlala nowesifazane ohlala ekubiza ngokuthi ungumqambimanga, uyisithutha noma okubi ngaphezu kwalokho?” kubuza uMike, omshado wakhe weminyaka emine noTracy uphokophele esahlukanisweni. “Angikwazi ukuziphinda phakathi kwabantu abahloniphekile izinto azisho kimi. Yingakho ngingamkhulumisi futhi ngiphuza ukubuya emsebenzini. Kuphephe kakhulu kunokuya ekhaya.”—IzAga 27:15.

Ngesizathu esihle, umphostoli uPawulu wayala amaKristu: ‘Makususwe kini . . . ukuklabalasa nenkulumo echaphayo.’ (Efesu 4:31) Kodwa iyini ‘inkulumo echaphayo’? UPawulu uyiveza njengehlukile ‘ekuklabalaseni’ (ngesiGreki, krau·geʹ), okusho nje ukuphakamisa izwi. “Inkulumo echaphayo” (ngesiGreki, bla·sphe·miʹa) ibhekisela ngokuyinhloko kulokho okuqukethwe isigijimi. Uma sicindezela, sisibi, silulaza, noma sihlambalaza, khona-ke siyinkulumo echaphayo—kungakhathaliseki ukuthi umuntu usisho ememeza noma enyenyeza.

Amanxeba Amazwi

Umkhuba wamazwi anokhahlo ungawohloza umshado, njengoba namaza olwandle engaguguda idwala eliqinile. “Lapho eshubile futhi emade,” kubhala uDkt. Daniel Goleman, “kulapho ingozi iba nkulu khona. . . . Umkhuba wokugxeka nokwedelela noma ukucunuka kuyizimpawu eziyingozi ngoba kubonisa ukuthi indoda noma umfazi useqalekisé umngane wakhe womshado enhliziyweni.” Njengoba uthando luncipha, enye incwadi ithi indoda nomfazi baba “abashadile ngokomthetho, kodwa hhayi ngokomzwelo.” Ngokuhamba kwesikhathi, bangase bahlukanise ngisho nokuhlukanisa.

Nokho, inkulumo ekhacayo ingase ingagcini ngokuthinta umshado ngokwawo kuphela. Isaga seBhayibheli sithi: “Ngosizi lwenhliziyo uyachotshozwa umoya.” (IzAga 15:13) Ukucindezeleka okubangelwa amazwi alimazayo njalo kungaba nomphumela ongemuhle empilweni yomuntu. Ngokwesibonelo, ukuhlola okwenziwa i-University of Washington (U.S.A.) kwembula ukuthi owesifazane ochashwa ngamazwi njalo angase aphathwe umkhuhlane, izinkinga zesinye, izifo ze-yeast infection, nezifo zesisu namathumbu.

Abafazi abaningi abaye babekezelela ukuhlukunyezwa ngamazwi nangokomzimba baphawula ukuthi amazwi angalimaza kakhulu kunezibhakela. “Amanxeba okungishaya kwakhe ayephola ekugcineni futhi aphele,” kusho uBeverly, “kodwa angisoze nanini ngazikhohlwa izinto ezimbi azisho ngokubukeka kwami, indlela engipheka ngayo, nendlela enginakekela ngayo abantwana.” UJulia uzizwa ngendlela efanayo. Uthi: “Ngiyazi ukuthi kuzwakala kungenangqondo, kodwa kungcono ukuba angishaye kudlule kunokuba angixhaphaze ngokwengqondo amahora amaningi.”

Kodwa kungani abanye abantu bekhaca futhi bethethisa umuntu ababethé bayamthanda? Isihloko esilandelayo siphendula lombuzo.

[Umbhalo waphansi]

a Amanye amagama kulolu chungechunge lwezihloko ashintshiwe.

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

“Kungcono ukuba angishaye kudlule kunokuba angixhaphaze ngokwengqondo amahora amaningi”

[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 4]

“Ingabe uyazi ukuthi kunjani ukuhlala nowesifazane ohlala ekubiza ngokuthi ungumqambimanga, uyisithutha noma okubi ngaphezu kwalokho?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela