Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 12/8 k. 20-k. 23 isig. 7
  • “Umshado Wesintu” EGhana

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Umshado Wesintu” EGhana
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthwalo Wemfanelo Wabazali
  • Umkhosi Wokukhonga
  • Umkhosi Womshado
  • Ilobolo—Kufanele Alibheke Kanjani AmaKristu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
  • Jabulani Ngomshado WeWundlu!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ingabe Bewazi?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2022
  • Ilobolo Elibonisa Ukucabangela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 12/8 k. 20-k. 23 isig. 7

“Umshado Wesintu” EGhana

NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EGHANA

UMSHADO—amakhulu ezinkulungwane angena kulobu buhlobo unyaka ngamunye emhlabeni wonke. ngokuvamile lokho akwenza ngokwendlela yesiko lomshado elijwayelekile lapho ehlala khona.

Uhlobo lomshado oluvamile eGhana yilolo olubizwa ngokuthi umshado wesintu. Lokhu kuhilela ukuthi abakubo kamkhwenyana bakhokhe ilobolo kubo kamakoti. Umshado wesintu wenziwa abantu ezindaweni eziningi e-Afrika nasezindaweni ezinjengaseHong Kong, ePapua New Guinea, naseSolomon Islands kanye naphakathi kwamaNdiya angamaGoajiro asenyakatho-mpumalanga yeColombia nasenyakatho-ntshonalanga yeVenezuela, uma sibala izindawo ezimbalwa.

Ukukhokhwa kwelobolo kwakuyisiko ezikhathini zeBhayibheli. (Genesise 34:11, 12; 1 Samuweli 18:25) Ukuqonda kwasendulo nokwanamuhla kuwukuthi ilobolo liyisinxephezelo kubazali bentombazane ngenxa yokulahlekelwa izinkonzo zayo nangenxa yesikhathi, amandla, nemali abayichithe ekuyifundiseni nasekuyikhuliseni ngaphambi komshado.

Umthwalo Wemfanelo Wabazali

Kudala eGhana, kwakungekho ukuphola nokuthandana kwentsha. Abazali babebathathela abantwana babo asebekhulile ngemva kokuhlolisisa izinsizwa nezintombi ezisebangeni lokushada emphakathini. Abanye abazali eGhana basakwenza lokhu.

Abazali bomfana babheka izici ezinjengobuntu bentombazane; idumela layo nelomkhaya wakubo; izifo zofuzo ezingase zingene emkhayeni; futhi uma kungoFakazi BakaJehova, babheka nengokomoya layo. Uma beneliseka, baya kubazali bentombazane bese becela isihlobo esihle.

Manje abazali bentombazane bahlola isizinda somfana nomkhaya wakubo. Ngaphezu kwezici ezibalwe ngenhla, babheka amandla omfana okondla umfazi—ingabe uyasebenza noma akasebenzi? Uma abazali bentombazane beneliseka, batshela abazali bomfana, bese behlela ndawonye imininingwane yomshado, ngemva kokuba bobabili umfana nentombazane sebevumelene.

Kungani abanye abazali besafunela abantwana babo asebekhulile abangane bomshado? Owesifazane othile waseNdiya owahlelelwa abazali bakhe umshado wathi: “Umuntu osemusha angakwazi kanjani ukwenza isinqumo esinohlonze kangaka? Kungcono kakhulu ukuba ushiyele kwabadala nabanokuhlangenwe nakho abaziyo ukuthi yikuphi ukukhetha okuwukuhlakanipha.” Amazwi akhe aveza nombono wabantu abaningi base-Afrika.

Nokho, izikhathi ziyashintsha eGhana. Ukuphola nokuthandana kuyanda. Esikhathini esifanele sokuthandana, umbhangqwana wazisa abazali ngezinhloso zawo. Ngemva kokukhulumisana kwabazali babo futhi ngemva kokuba abazali sebenelisekile ukuthi bayafanelana, lemikhaya yenza umkhosi ongokwesiko owaziwa kakhulu ngezilimi ezihlukahlukene zaseGhana ngokuthi ukukhonga.

Umkhosi Wokukhonga

Abazali bombhangqwana bazisa amalungu omkhaya ngosuku nenjongo yokuhlangana. Inkulumo ethi “amalungu omkhaya” ibhekisela emndenini wase-Afrika ohlanganisa omalume, obabekazi, omzala, ogogo nomkhulu bombhangqwana. Ngosuku olumisiwe, abameleli balemikhaya yomibili bayahlangana ngenxa yalomkhosi. Umkhwenyana akaphoqelelwe ukuba abe khona. Lokhu okulandelayo ukulandisa okufushane ngalokho okwenzeka komunye walemikhosi yokukhonga.

Ummeleli wentombazane: [Ekhuluma nabakhongi] Siyasazi isizathu sokuza kwenu, kodwa sizobuza ngenxa yesiko, Nibekwa yini lapha?

Umkhongi: Indodana yethu uKwasi yayidlula lapha ngakwakho yase ibona imbali enhle futhi icela ukuba niyivumele iyikhe.

Ummeleli wentombazane: [Eshaya sengathi akazi lutho] Ayikho imbali lapha ekhaya. Nani ningazibonela.

Umkhongi: Indodana yethu ayiphambukile. Siyaqiniseka ukuthi ikhona imbali enjalo enhle lapha ekhaya. Igama lalembali u-Afi.

Ummeleli wentombazane: Khona-ke nisho imbali engumuntu. Yebo, u-Afi uhlala lapha.

Umkhongi: Sizocela isihlobo esihle futhi sicela ukuba u-Afi ashade nendodana yethu uKwasi.

Manje abakubo kamfana bakhipha izipho, njengeziphuzo nemali ethile. Kuye ngokwesizwe, buyashiyana ubuningi bezinto ezikhishwayo. Lomkhosi ucishe ufane nendlela yaseNtshonalanga yokuthembisa umshado, futhi kwezinye izimo kunqunywa nendandatho.

Manje ummeleli kamakoti umbuza phambi kwabo bonke ababukele ukuthi kufanele yini zamukelwe lezi zinto ezilethiwe. Ngokuvuma kwakhe, bonke abakhona baba ofakazi bokuzibonela besifiso sakhe sokushada. Kubekwa usuku lomshado oluvumelana nayo yomibili lemikhaya. Lomkhosi uphethwa ngokudla okulula.

Umkhosi Womshado

Inani labantu ababa khona kubo kantombazane noma emzini wommeleli othile okhethiwe ukuze kukhokhwe ilobolo, okuyisenzakalo esigunyaza umshado, ngokuvamile liba likhulu kunelabantu ababa khona emkhosini wokukhonga. Lokhu kungenxa yokuthi manje sekunezihlobo eziningi.

Kuyajatshulwa. Izinsizwa nezintombi ezingashadile zimagange zifuna ukubona ukuthi yini elethelwe umakoti. Kodwa isimo siyashuba lapho abakubo kamakoti bekhononda ngokuthi ilobolo aliphelele. Abanye babamba umoya lapho abakubo kamakoti kubonakala belukhuni. Ngobuciko umkhongi ubonisana nabakubo kamakoti baze bazwelane naye. Isimo siyashintsha lapho abakubo kantombazane bethambisa inhliziyo. Manje sekuyajatshulwa futhi kudliwa nokudla okulula.

Ukuze avule umkhosi womshado, umkhulumeli kamakoti uthulisa abantu ababuthene abese ebamukela bonke. Ubuza abakhongi ngesizathu sokuza kwabo. Umkhongi uchaza isizathu sokuza kwabo, ekhumbuza abantu ababuthene ukuthi kakade sebasicela isihlobo esihle futhi bamukelwa.

Khona-ke umkhulumeli womkhaya ngamunye wethula izihlobo eziseduze kulombuthano, kuhlanganise nalowo okhipha intombazane kanye nalowo ophelezela umfana emshadweni. Lomkhosi uyaqhubeka.

Ummeleli wentombazane: [Ekhuluma nabakhongi] Sicela izibizo esazibiza.

Umkhulumeli kamakoti ubala izibizo ukuze bonke baqiniseke ukuthi zikhona. Uma abakhongi benomuzwa wokuthi abakubo kamakoti bazenyusile izibizo, bayixazulula ngasese inkinga ngaphambi kosuku lomshado. Nokho, abakubo kamkhwenyana beza kulomkhosi bekulungele ukubonisana ukuze kuncishiswe izibizo ezithile ezengeziwe uma abanye bakubo kamakoti kubonakala belukhuni. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu uhlalaphi, ilobolo—kungakhathaliseki ukuthi liphakeme noma liphansi—kumelwe likhokhwe lonke.

Eminye imikhaya ibiza izinto ezinjengeziphuzo, izingubo zokugqoka, imigexo, amacici, nezinye izimpahla zabesifazane. Enyakatho yeGhana, ilobolo lingase lihlanganise usawoti, ama-kola nut, izimpangele, izimvu, ngisho nezinkomo. Njalo kuhlanganiswa nemali elobolweni.

Lapho kusaxoxiswana, umakoti akabi bikho kodwa useduzane, ulalele. Umkhwenyana akaphoqelelwe ukuba abe khona. Ngakho, umuntu ohlala kude angagunyaza abazali bakhe ukuba bamhlelele umshado. Nokho, kulesi senzakalo esichazwa lapha, umkhwenyana ukhona. Sekuyithuba lokuba umkhaya wakubo ukhulume.

Umkhongi: Sesikufeze konke okudingekayo kithi, kodwa asikamboni umakoti wethu.

Umkhosi womshado awusona isikhathi sesizotha kuphela; uyisikhathi futhi sokujabula. Manje abakubo kantombazane bayasamukela isicelo sabakubo kamfana sokubona umakoti.

Ummeleli wentombazane: Sifisa sengathi ngabe umakoti ukhona. Ngeshwa, uye ezweni elikude futhi asinazo izincwadi zokungena kulelozwe noma ama-visa ukuze siyomlanda.

Wonke umuntu uyazi ukuthi lokho kusho ukuthini. Ngokushesha, abakubo kamkhwenyana bakhipha imali—noma yimalini umkhwenyana anamandla okuyikhokha—futhi ngokuphazima kweso izincwadi zokungena kulelozwe nama-visa angokomfanekiso kuyalunga. Umakoti usebuyile ohambweni lwakhe!

Ukuze kunezelwe enjabulweni, ezinye izizwe zihlela ukuba abanye babangane bakamakoti bazenze yena. Ngamunye ozenza umakoti isixuku simphika ngokuzwakalayo kushaywa ihlombe kuze kuthi kuwo lowo mnyama kuqhamuke umakoti wangempela. Khona-ke umkhulumeli wakhe umcela ukuba abheke izinto ezihlukahlukene alotsholwe ngazo. Uyabuzwa ukuthi kufanele kwamukelwe yini lokhu okulethwe umkhwenyana. Kuthulwa cwáka njengoba wonke umuntu elinde impendulo ngabomvu. Amanye amantombazane anamahloni kodwa amanye anesibindi, kodwa njalo impendulo iba nguyebo, olandelwa ihlombe elikhulu.

Uma umkhwenyana ekhona, abakubo kamakoti bafuna ukumbona. Iyaqhubeka injabulo uma kuye kwahlelwa ukuba omunye wabangane bakhe azenze yena. Umngane wakhe usukuma ngokuziqhayisa, kodwa uphikwa ngokushesha.

Abazali bakamakoti bafuna ukubona umkhwenyana wabo. Manje umkhwenyana wangempela uyasukuma, echichima injabulo. Abakubo kamakoti bavumela umakoti ukuba aye kumyeni wakhe, omfaka indandatho uma yabizwa njengengxenye yelobolo. Indandatho iwumklamo waseNtshonalanga. Naye umakoti ufaka umyeni wakhe indandatho. Kuyakikizwa futhi kujatshulwe. Ukuze kube lula futhi kongiwe imali, abanye manje bawenza ngosuku olulodwa umkhosi wokucela isihlobo esihle nomshado.

Amalungu emikhaya yomibili anokuhlangenwe nakho nabanye manje bayala laba abasanda kushada ngendlela abangawenza uphumelele ngayo umshado wabo baze bahlukaniswe ukufa. Ukuze kuphethwe usuku, kudliwa ukudla okulula.

Umkhosi womshado usuphelile! EGhana, kusukela ngalolo suku kuqhubeke, lombhangqwana ubhekwa njengoshade ngokomthetho emphakathini. Uma ngenxa yesizathu esithile amanye amalungu akubo kantombazane engazange abe khona kulomkhosi, ezinye zeziphuzo zithunyelwa kuwo ukuze kuqinisekiswe ukuphothulwa komshado. Uma umakoti nomkhwenyana bengoFakazi BakaJehova, khona-ke ngezinye izikhathi oFakazi bahlela ukuba kunikezwe inkulumo yeBhayibheli, bese kudliwa ukudla okulula ngemva kwalokho.

Eminye imibhangqwana eGhana ishada ngendlela yaseNtshonalanga, lapha ebizwa ngokuthi umshado wesilungu noma umshado wesifungo. Lomshado ungenziwa ngemvume yabazali noma ngaphandle kwayo uma nje umbhangqwana ususebudaleni obufanele ngokomthetho. Umshado wesintu kumelwe uvunyelwe abazali.

Emshadweni wesilungu umbhangqwana wenza izifungo. Kodwa izifungo azikho emishadweni yesintu. UHulumeni ufuna ukuba yonke imishado yesintu ibhaliswe, futhi oFakazi BakaJehova bayavumelana nalokhu. (Roma 13:1) Khona-ke kukhishwa isitifiketi sokubhaliswa kwawo.

Kusukela ezikhathini zasendulo kuze kube yilapho iGold Coast, manje eyiGhana, iba ikoloni laseBrithani, umshado wesintu wawuwukuphela komshado owawukhona kulelizwe. Khona-ke abaseBrithani bangenisa indlela yomshado yaseNtshonalanga benzela izakhamuzi zakhona ezihlala lapha. AboMdabu bakulelizwe nabo bavunyelwa ukuba benze lolu hlobo lomshado, futhi sekuyiminyaka eminingi manje ikhona yomibili lemishado, umshado waseNtshonalanga nomshado wesintu. Yomibili iqashelwa ngokomthetho eGhana, ngakho iyamukeleka koFakazi BakaJehova. Kuxhomeke kubantu abashadayo ukuthi yiluphi uhlobo abaluthandayo.

Kwamanye amazwe ase-Afrika, kudingeka ukuba imishado yesintu ibhaliswe ngaphambi kokuba imibhangqwana ibhekwe njengeshade ngokomthetho. Nokho, eGhana, umshado wesintu onjengalona ochazwe ngenhla ungokomthetho ngaphandle kokubhaliswa, imibhangqwana ibhekwa njengeshade ngokomthetho lapho umshado wesintu usuphelile. Kamuva, umshado wesintu uyabhaliswa ukuze nje ube semabhukwini.

Ngempela umshado uyisipho sothando uNkulunkulu asiphe isintu, isipho esiyingqayizivele esinganikezwanga ngisho nezingelosi. (Luka 20:34-36) Uwubuhlobo obuyigugu okufanele bulondolozwe kube inkazimulo kuMsunguli wawo, uJehova uNkulunkulu.

[Isithombe ekhasini 23]

Ukufakwa kwezindandatho

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela