Lomgankla Wawukhumbula
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU AFRIKA
UMGANKLA omuhle wenduna, inyamazane enezimpondo ezikhangayo eziphothene namadlebe amakhulu, ungaba imitha elilodwa nengxenye ukuphakama lapho usumdala. Nakuba ngokuvamile ingenazo izimpondo, insikazi nayo ibonakala ngamadlebe ayo amakhulu. Umgankla uyisilwane esinamahloni, esihlala siqaphile futhi sikulungele ukubaleka ukuze sizivikele. Ngakho, kuyaphawuleka lokho okwenzeka kuKaren eZimbabwe.
Njengoba kwabika umagazini i-African Wildlife, isixhumo somgankla esiyinsikazi, esatholakala sibanjwe ucingo, sophulwa futhi sanikezwa uKaren, owasincelisa ngebhodlela amasonto ambalwa. Sakhula futhi sahlala endaweni esasinceliselwa kuyo lapho kwakuhlala khona uKaren nomkhaya wakhe, ngokuvamile sidlala nezingane nezinja. Nokho, lapho sesisidala, sasilokhu siphindela endle kwaze kwaba yilapho singasabonakali kuleli pulazi.
Cishe eminyakeni emibili kamuva, lapho ehamba ngemoto emgwaqweni kuleli pulazi, uKaren wabamba ongezansi lapho ebona insikazi yomgankla emithi ingatshakaduli ibaleke lapho kuqhamuka imoto yakhe. Futhi ayizange ibaleke nalapho eya kuyo. Manje wayesazi ukuthi kumelwe ukuba yilowaya mgankla ayewuncelisa ngebhodlela, ngakho wanyenyeza lapho esondela ngokuthula kuwo. Lensikazi nayo yayimkhumbula, ngoba yagebisa ikhanda layo futhi yamfumfutha ngekhala layo lapho ivuma ukuba ayisingathe!
Ezinyangeni ezimbalwa kamuva, lensikazi yayingakulomgwaqo futhi—manje isinesixhumo. UKaren waba nomuzwa wokuthi leli nkonyane lalethulwa ngokuziqhayisa unina owaphinde wavuma ukuba amphulule. Kwenzeka into efanayo emasontweni ambalwa kamuva lapho kwakubonakala sengathi lensikazi empeleni yayilinde uKaren.
Kwadlula ezinye izinyanga ezimbalwa, futhi izisebenzi ezithile zakuleli pulazi zabika ukuthi zibone lensikazi yomgankla inomkhala entanyeni yayo. Zazizame ukuwubamba lomgankla oyinsikazi ukuze ziwukhiphe umkhala, kodwa wabaleka. Ngakho uKaren wahamba wayowufuna ehlathini, ehamba ememeza. Ngokushesha waqhamuka ngaphambi kwakhe. UKaren wayecabange ukuphatha isinkwa, eyayisithanda lensikazi, futhi lapho eyinikeza lokhu kudla okwehl’esiphundu, umyeni wakhe wasika lomkhala ophazamisayo.
Lesi sibopho esisobala esahlala isikhathi eside kangaka phakathi komuntu nesilwane sawujabulisa kakhulu lomkhaya.