Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 12/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1996
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1996
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 12/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ubungane Ngineminyaka engu-16 ubudala, futhi ngithanda ukunibonga ngesihloko esikhuluma ngo-Anti Louie, esithi “Umngane Wami Othandekayo.” (February 22, 1996) Ngakhangwa isithombe futhi ngasifunda ngokushesha lesi sihloko. Ngangidumele ngoba abangane bami abaningi base bengiphendukele. Lesi sihloko sangikhuthaza kakhulu ukuba ngakhe ubungane nabantu abadala kunami.

L. N., Italy

Imidlalo Yesikole Ngiyabonga ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Imidlalo Yamaqembu—Ingabe Ingilungele?” (February 22, 1996) Kwaba sengathi sasibhalelwe mina ngokuqondile. Sangenza ngaqaphela ukuthi mhlawumbe kuze kube manje bengilokhu ngikhulekela abadlali. Futhi lesi sihloko sangisiza ukuba ngiqaphele ukuthi “ukuqeqesha umzimba kunenzuzo encane.”—1 Thimothewu 4:8.

Y. T., Japan

Izimfezi Ngangicabanga ukuthi izimfezi ziyizilwane ezimbi kakhulu okufanele zibulawe. Kodwa ngemva kokufunda isihloko esithi “Ingabe Ungathanda Ukubona Imfezi?” (March 22, 1996), manje sengizibheka ngendlela ehlukile. Ngiyanibonga ngokuqeda imibono engaqondile kubantu abanjengami ngalezi zidalwa ezithakazelisayo.

P. E., Nigeria

Nakuba ngakhulela endaweni yasemaphandleni enezinyoka eziningi, ngangingazi lutho ngazo. Ukufunda ngokuqapha kwemfezi lapho igwema ukunqwamana nomuntu kwangisiza ngawaqonda kangcono amazwi kaJesu kuMathewu 10:16: “Zibonakaliseni niqaphile njengezinyoka.”

J. F. S., Brazil

Ukwenza Umgunyathi Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ukwenza Umgunyathi—Uhlupho Lwembulunga Yonke.” (March 22, 1996) Ngisebenza ebhange futhi ngisanda kubuya emhlanganweni wokufundisa ngokuvimbela ukukhwabanisa. Ukwaziswa enakunikeza kwakuhambisana nesikhathi. Ngiyabonga ngazo zonke izihloko zenu ezinokwethenjelwa nezifundisayo.

B. P., United States

Njengoba ngisebenza njengomphathi wemali ebhange, ngazazisa lezi zihloko. Ngokungafani namanye amaphephabhuku anyathelisa ukwaziswa okungamanga ukuze akhange, nanyathelisa isihloko esinombono olinganisela kakhulu. Ibhange engisebenza kulo linikeza lesi seluleko kubaninizitolo: ‘Gcina imali ngayinye engakasetshenziswa engamaphepha. Uma uyingabaza, qhathanisa lemali oyisolayo (iphepha, okubhalwe kuyo, nophawu olucwebezelayo olusemalini) nemali yangempela.’

L. G., France

Ukuzimela Ngiyabonga ngesihloko esithi “Isipho SikaNkulunkulu Sokuzimela.” (March 22, 1996) Eminyakeni emithathu edlule ngaphathwa isiyezi amasonto angu-8. Ekuqaleni ngangicabanga ukuthi kwakuyimina ngedwa owake waba nalenkinga, njengoba ngangingakaze ngizwe ngaso ngaphambili. Isihloko senu sangiduduza, sangibonisa ukuthi abanye bake baba nayo lenkinga futhi bayinqoba.

D. P., Jamaica

Izimpukane Ngiyabonga ngesihloko esithakazelisa kakhulu esithi “Lezo Zimpukane Ezinyanyekayo—Ingabe Ziwusizo Kakhulu Kunokuba Ucabanga?” (March 22, 1996) Ehlobo elidlule ngachitha isikhathi esithile ngicwaninga ngezimpukane, kodwa angizange ngikuthole ukwaziswa okwanelisayo. Ngicabanga ukuthi ziyinkathazo futhi azihlanzekile, njengoba sisho lesi sihloko. Kodwa manje sengiyazi ukuthi zenza okuthile okuwusizo—ngaphandle kwalokho uMdali wethu wayengeke azidale. Ngizazisa kakhulu izihloko enizinyathelisayo.

T. G., Italy

Ngisanda kuqeda ukufunda isihloko esikhuluma ngezimpukane, futhi ngiye ngashukumiseleka ukuba ngibhale. Ngivame ukutekula nabantu ngithi ngingathanda ukwazi ukuthi uJehova wayecabangani lapho edala lesi sidalwa esiyinkathazo. Manje sengiyazi ukuthi impukane ayibekwanga emhlabeni ukuze isihluphe nje!

P. P., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela