Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g96 12/22 k. 26-k. 27 isig. 11
  • Usizi LukaMaggy Nesibusiso Sami

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Usizi LukaMaggy Nesibusiso Sami
  • I-Phaphama!—1996
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubusiswa Ngomntwana Ophilile
  • Ukubhekana Nokufa Nokukhuthazela Kamuva
  • Ukusekelwa AmaKristu Engikanye Nawo
  • Injabulo Manje Namathemba Esikhathi Esizayo
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
    I-Phaphama!—1997
  • Izingane Ezilahliwe Nezibaleka Emakhaya
    I-Phaphama!—1995
  • “Manje Sengiyayithanda Inkonzo!”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2021
  • Ababona Abenzi Bemilingo Noma Onkulunkulu
    I-Phaphama!—1994
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1996
g96 12/22 k. 26-k. 27 isig. 11

Usizi LukaMaggy Nesibusiso Sami

ULwesibili, ngo-May 2, 1995, kwakuwusuku indodakazi yami eyazalwa ngalo futhi okwashona ngalo umkami. Ngokudabukisayo, uMaggy akazange ambone umntanakhe. Manje ithemba lami liwukwethula uTamara kunina lapho evuswa.

NGEMVA kweminyaka engu-16 sishadile, umkami, uMaggy, watshelwa udokotela ukuthi wayenomdlavuza webele futhi wayezophila izinyanga ezimbalwa kuphela. Lokho kwakuseminyakeni emihlanu edlule. Ngokujabulisayo, uMaggy wakwazi ukuphila ngendlela evamile phakathi naleyo minyaka yokugcina yokuphila kwakhe. Kungasekupheleni kuphela lapho ubuhlungu babungasabekezeleleki.

Ngenxa yokwanda komdlavuza wakhe, odokotela bathi kwakungenathuba lokuba akhulelwe. Ngakho ungase ucabange indlela esashaqeka ngayo lapho phakathi nenqubo yokuhlola izimila zomdlavuza nge-ultrasound, bebona umntwana esibelethweni sakhe! Kwakuyintombazane. UMaggy wayenezinyanga ezine nengxenye ekhulelwe. Wayechichima injabulo ngenxa yethemba lokuba umama ngokokuqala ngqá.

UMaggy wenza konke okusemandleni ukuze aqiniseke ukuthi umntwana wayezozalwa ephilile. Wayecophelela akudlayo, futhi ngisho naphakathi kwamasonto amabili okugcina okuphila kwakhe, lapho ubuhlungu babunjunjutha, wayephuza izidambisa-zinhlungu kuphela lapho engasakwazi ukubekezelela ubuhlungu.

Ukubusiswa Ngomntwana Ophilile

NgoMgqibelo, ngo-April 29, inhliziyo kaMaggy yayishaya ngamandla futhi wathi: “Ngicabanga ukuthi ngizofa.” Ngamnakekela impelasonto yonke. Ngemva kokuthinta udokotela ngoMsombuluko, ngamphuthumisa esibhedlela saseMontreal, eCanada, esingekude nomuzi wethu eSt. Jérôme.

Cishe ngo-5:30 ngakusasa ekuseni, umhlengikazi othile wadlula ngasegunjini likaMaggy futhi waqaphela ukuthi wayecindezelekile. Kubonakala sengathi wayehlaselwe isifo senhliziyo. Kwabizwa udokotela ngokushesha egunjini elingumakhelwane. Nakuba uMaggy ashona, iqembu lezokwelapha lakwazi ukusindisa umntwana wethu. UTamara wazalwa ngaphambi kwesikhathi kusasele izinyanga ezimbili nengxenye futhi wayenesisindo esingamakhilogremu angu-1,1 kuphela.

Njengoba umthamo wegazi likaTamara wawuphansi, odokotela babefuna ukummpompela igazi. Nokho, kunalokho bakhuthazwa ukuba basebenzise i-hormone yokuzenzela i-erythropoietin. Benza kanjalo, futhi lapho ukusetshenziswa kwalomkhiqizo kuphumelela ekwandiseni umthamo wakhe wegazi, umhlengikazi othile wathi: “Kungani bengenzi okufanayo kubo bonke abantwana?”

UTamara wayenezinye izinkinga ezihlobene nokuzalwa ngaphambi kwesikhathi, kodwa zonke zaxazululwa. Eqinisweni, lapho uDkt. Watters, isazi sezinzwa, emhlola kamuva, watshela umhlengikazi: “Ngicabanga ukuthi unginikezé umntwana obekungafanele ngimhlole; ngimbona ephile sáka.”

Ukubhekana Nokufa Nokukhuthazela Kamuva

Ukubona uMaggy efa kwakunzima kimi. Ngazizwa ngingenalusizo nakancane. Kwakunzima kakhulu ukuxoxa ngokufa kukaMaggy. Nokho, ngaxoxa ngakho lapho abafowethu nodadewethu abangamaKristu beza esibhedlela. Ubuhlungu bancipha kancane kancane lapho ngiqhubeka ngixoxa ngakho. Noma nini lapho ngifunda isihloko se-Nqabayokulinda noma se-Phaphama! esingithinta ngokuqondile, ngangisibekela eceleni emtatsheni wami wezincwadi futhi ngisithathe ngisifunde lapho kudingeka.

Enye inselele ukufika ekhaya ngithole kungenamuntu. Kunzima ukubhekana nesizungu. Lomuzwa ngisenawo, ngisho noma bungizuzisa ubudlelwane obakhayo bobuKristu. Mina noMaggy sasivame ukwenza zonke izinto ndawonye, futhi saxoxa ngenkinga yesizungu engangizobhekana nayo. Wayefuna ukuba ngiphinde ngishade. Nokho, akulula kangako.

Ukusekelwa AmaKristu Engikanye Nawo

Angazi ukuthi ngangizokwenzenjani ngaphandle kokusekela kweKomiti Yokubonisana Nezibhedlela (Hospital Liaison Committee [HLC]) yoFakazi BakaJehova. Ekuseni ngosuku uMaggy ashona ngalo, uFakazi othile onobuhlakani we-HLC wafika esibhedlela futhi wanginikeza usizo engangiludinga.

Izisebenzi zasesibhedlela zahlatshwa umxhwele usizo engaluthola ebandleni lakithi lobuKristu eSt. Jérôme nakwamanye amabandla asendaweni. Ngobusuku okwamenyezelwa ngabo ukushona kukaMaggy emhlanganweni wethu wobuKristu, abangane abathandekayo abangaphezu kuka-20 basabela ngokunikeza usizo. Ukusekela kwabo kwakumangalisa ngempela.

Abafowethu bangilungiselela ukudla; isiqandisi sami sahlala sigcwele izinyanga eziningi. Umkhaya wakithi nabafowethu nodadewethu abangamaKristu batholela ngisho nendodakazi yami izingubo zokugqoka. Bangilethela izinto eziningi kangangokuba ngaswela indawo yokuzigcina.

Injabulo Manje Namathemba Esikhathi Esizayo

UTamara ungisiza ukuba ngingagxilisi ingqondo ekulahlekelweni kwami. Ngimthanda ngayo yonke inhliziyo yami. Usuku ngalunye lapho ngimbingelela, usabela ngokumomotheka, aqale “ukukhuluma,” abese edlalisa izingalo nemilenze, ejabulile.

Njengomhloli wezinkanyezi oyimfundamakhwela, ngibheke phambili ekugoneni uTamara futhi ngimbonise ngesibonakude sami izimangaliso zasezulwini zoMenzi wethu Omuhle, uJehova. Ukuzindla ngokuphila okuphakade ePharadesi emhlabeni kuwumthombo wangempela wenduduzo. Futhi ukwazi ukuthi uTamara unethemba elifanayo kunginikeza injabulo eyengeziwe.—IHubo 37:9-11, 29.

Lapho ngicabanga ngezenzakalo zeminyaka emihlanu edlule, ngingazichaza kangcono ngokuthi ziyashaqisa futhi ziyajabulisa. Ngiye ngafunda okuningi ngami uqobo nangokuphila ngokwakho. Ngokulangazela ngilindele ikusasa, lapho njengoba iBhayibheli lichaza, “ukufa ngeke kusaba khona, noma ukulila noma ukukhala noma ubuhlungu ngeke kusaba khona.”—IsAmbulo 21:3, 4.

Khona-ke, lapho evuswa, uMaggy uyokwazi ukuphefumula engezwa zinhlungu. Ngaphezu kwalokho, ithemba lami nesifiso esiqinile siwukuba ngibe khona lapho ukuze ngethule uTamara kuMaggy, ukuze abone lentombazanyana ayenzela okuningi kangaka.—Njengoba ilandiswa uLorne Wilkins.

[Isithombe ekhasini 26]

Nginomkami

[Isithombe ekhasini 26]

Indodakazi yethu, uTamara

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela