Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukusebenzisa Imali Ngibonga kakhulu ngochungechunge oluthi “Ungayisebenzisa Kanjani Imali Yakho?” (December 22, 1996) Ngangiyisaphaza imali futhi ngingakwazi ukuzithiba. Nokho, ngemva kokufunda lezi zihloko, ngaqala ukulinganisela izindleko zami. Manje uma ngifisa okuthile, ngiyazibuza ukuthi ngiyakudinga ngempela yini engikubonayo.
J. B., Brazil
Sekuyizinyanga eziyisihlanu umyeni wami engasebenzi, kanti sinezingane ezintathu okufanele sizondle. Ngakho ngaqala ukusebenzisa okunye kokusikisela okunikezwe kulezi zihloko. Ngathenga incwajana yokuloba amaphuzu, ngenza izinhlu, ngase ngihlela indlela yokusetshenziswa kwemali. Ngalendlela siye sakwazi ukuyisebenzisa kahle imali yethu kulezi zinyanga ezintathu ezidlule futhi sasala nokuthile okubheke izimo ezingalindelekile. Ukuhlela ukusetshenziswa kwemali kuyasebenza ngempela!
L. S., Czech Republic
Ukubhekana Nokuvivinywa Ngizizwa ngishukumiseleka ukuphawula okuthile ngesihloko esithi “Saqiniswa Ukuze Sibhekane Nokuvivinywa Okungaphambili.” (December 22, 1996) Yangithinta inhliziyo indlela u-Edward Michalec akhuthazela ngayo ngaphansi kwezimo ezinzima kakhulu. Ukuthanda kwakhe uJehova, umakhelwane neqiniso kwabonakala ngokusobala ekuziphatheni kwakhe ngokukholeka nasekukhuthazeleni kwakhe ngesineke.
K. B., United States
Usizi LukaMaggy Ngiyanibonga ngokunyathelisa isihloko esithi “Usizi LukaMaggy Nesibusiso Sami.” (December 22, 1996) Ngakuthola kunzima ukubamba izinyembezi lapho ngifunda ngokuzidela kwalomama phakathi nezinsuku zokugcina zokuphila kwakhe ukuze indodakazi yakhe izalwe iphilile. Ngawajabulela namazwi omyeni wakhe owathi ubuhlungu badamba kancane kancane njengoba ayexoxa ngokushonelwa umkakhe—indaba esivame ukuyigwema lapho sixoxa nezihlobo zomufi. Ngithemba ukuthi ngiyomazi uMaggy lapho evuswa.
L. S. C., Spain
Lesi sihloko sibonisa indlela thina ebandleni esingakubonisa ngayo ukukhathalelana kwangempela. AmaKristu akanye nomyeni kaMaggy amlungiselela ukudla izinyanga eziningi futhi amupha nezingubo zokwembathisa umntanakhe. Yeka isifundo lokhu okuyiso kithi sokuba senze okungaphezu kokumane sithumele ikhadi noma sishaye ucingo!
P. L., United States
Ngifisa ukunibonga ngayo yonke inhliziyo yami ngalesi sihloko. Umkami washona engozini yemoto emasontweni amathathu ngemva kokushona kukaMaggy, wangishiya nezingane ezingu-8. Ngiyabuqonda ubuhlungu uLorne Wilkins abuzwa nokumelwe ukuthi usabuzwa. Siyabonga ngokusinyathelisela izindaba ezinjena. Ngempela ziyabasekela futhi zibakhuthaze bonke labo ababhekana nokuvivinywa okunjalo.
B. B., France
Ukuthutha Komngane Omkhulu Ngifisa ukuzwakalisa ukwazisa kwami okujulile ngesihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kungani Umngane Wami Omkhulu Ethuthile?” (December 22, 1996) Safika ngesikhathi esifanele. Ngokushesha, omunye umngane wami uzothutha; yena nomyeni wakhe bayokhonza ebandleni elidinga abashumayeli abengeziwe. Nakuba ngijabula kanye naye, ngiyazi ukuthi ngizomkhumbula kakhulu. Ngiyabonga ngeseluleko senu esihle.
R. A., Italy
Aniyazi indlela lesi sihloko esangithinta inhliziyo ngayo lapho umbonisi wethu wesifunda, isikhonzi esijikelezayo, esishiya eyokhonza kwenye indawo. Wayezinakekele ngempela izidingo zami ezingokomoya nezingokomzwelo. Njengoba kwabonisa isithombe esisesihlokweni, ukuvalelisa kwakubuhlungu. Yeka indlela ukusikisela kwenu okwafika ngesikhathi okungisiza ngayo ukuba nginqobe isizungu.
J. D., Nigeria