“Lapho Ngibuthakathaka, Kulapho-ke Nginamandla”
NGAKHULELA edolobhaneni elibizwa ngokuthi iPetaluma, elisenyakatho yeSan Francisco, eCalifornia. Umama, ngandlela-thile, wayeyithanda inkolo, kodwa ubaba wayengenandaba nayo. Njalo ngangikholelwa ukuthi ukhona umdali—kodwa ngangingazi ukuthi ungubani.
Lapho ngisakhula, ngangiyingane ejabulile. Yeka ukuthi ngizikhumbula ngenjabulo kangakanani lezo zinsuku zenkululeko! Ngangingazi ukuthi kunezinto ezazenzeka emzimbeni wami ezazizonciphisa inkululeko yami. Ngo-1960, unyaka wami wokugcina esikoleni esiphakeme, ngikhumbula ngixoxa nomngane wami omkhulu ngobuhlungu engangibuzwa kweminye iminwe.
Ngokushesha izinyawo zami zaqala ukuba buhlungu kangangokuba umama wangiyisa esibhedlela eSan Francisco, lapho ngalaliswa khona izinsuku ezingaba yisithupha. Ngaleso sikhathi ngangineminyaka engu-18 ubudala, futhi imiphumela yokuhlola yabonisa ukuthi nganginesifo samathambo esingamahlalakhona. Ngaqala ukuthola imijovo ye-gold sodium thiosulfate, kwase kuba i-prednisone, futhi kamuva kwalandela olunye uhlobo lwe-cortisone. Sekukonke, ngasebenzisa leyo mithi iminyaka engu-18, futhi isikhathi ngasinye yayiqeda ubuhlungu iminyaka embalwa kodwa ngokuhamba kwesikhathi ingabe isasebenza, futhi ngishintshele komunye. Babungabekezeleleki ubuhlungu obuhlala njalo, futhi ngaba magange ngifuna usizo oluhlukile lwezokwelapha. Ngiye ngathola ezinye izindlela zokwelapha eziye zasiza ngandlela-thile. Ngokujabulisayo, angisabuzwa ubuhlungu obukhulu njengalapho lesi sifo sisaqala ukuhlasela umzimba wami.
Ngolunye usuku ngo-1975, indodana yami yathola incwadi yomlando eyayibhalwe umama lapho ngisengumntwana. Ngathola ukuthi lapho ngisenezinyanga eziyisithupha ubudala, udokotela othile wayeqale ukungelapha ngama-X ray ngenxa ye-thymus enkulu. Ngicabanga ukuthi ukwelashwa ngemisebe engakuthola ngisengumntwana kungase kube yikona okuyimbangela yesimo engikuso namuhla. Uma kunjalo, yeka iphutha elibi lokho okwaba yilo!
Ngashada ngo-1962. Ngo-1968, lapho lesi sifo singakabi sibi kakhulu, mina nomyeni wami, uLynn, sasisebenza ndawonye endaweni yokubhaka izinkwa esasinayo. Sasivuka kusempondozankomo, futhi umyeni wami wayexova inhlama bese ngezinye izikhathi ecambalala emasakeni kafulawa lapho isinkwa sisekuhhavini. Sasisisika futhi sisipakishe, bese uLynn esidiliva. Ngezinye izikhathi sasivakashelwa umthengisi womshuwalense emsebenzini futhi wayesitshela ngoMbuso kaNkulunkulu othenjisiwe. Sasikuthanda esasikuzwa, kodwa sasimatasa kakhulu. Izindawo esasidiliva kuzo izinkwa zazanda, futhi saba matasa kakhulu ngomsebenzi owengeziwe wokuziphilisa. Sajabula lapho abanikazi benye indawo yokubhaka izinkwa bethenga indawo yethu! ULynn wabasebenzela, futhi mina ngasebenza esitolo sezimonyo. Nokho, njengoba lesi sifo samathambo sasiqhubeka siba sibi, ngangisebenza izinsuku ezintathu kuphela ngesonto futhi ekugcineni ngashiya ngokuphelele.
Phakathi naleyo nkathi, omunye woFakazi BakaJehova wayefika ekhaya njalo futhi anginikeze omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Njalo ngangimnikeza umnikelo bese ngithatha omagazini, ngicabanga ukuthi ngangimsiza. Lapho esehambile, ngangibabeka eshalofini ngingabathinti izinsuku ezimbalwa, khona-ke omunye wethu wayebalahla njalo. Lokho kwakudabukisa ngempela, ngoba manje siyakwazisa ukubaluleka kwabo ngokomoya. Nokho, ngaleso sikhathi izindaba zenkolo zazibonakala zingabalulekile neze.
Ukuqaphela Isidingo Sethu Esingokomoya
Ngolunye usuku kusihlwa mina nomyeni wami sasixoxa ngokuthi kufanele kube nokwengeziwe ekuphileni kunokudla nokulala nokusebenza kanzima kangaka. Saqala ukufuna ingokomoya elalingekho ekuphileni kwethu. Saphendukela esontweni elincane esasakhelene nalo, kodwa asizange sisithole isikhuthazo esingokomoya esasinethemba lokusithola. Amalungu aleli sonto ayekhuluma kakhulu ngezinkinga zawo zendawo.
UFakazi owayeletha omagazini kwase kucishe kube unyaka engivakashela, kodwa umkhuba wami awuzange ushintshe kwaze kwaba yilapho ekugcineni ngifunda i-Phaphama! ka-April 8, 1969 eyayinesihloko esithi “Ingabe Sekwephuzile Kunokuba Ucabanga?” Ngakuthanda engakufunda, futhi ngokujabulisayo, kwathinta umyeni wami ngendlela efanayo. Saqala ukutadisha futhi samukela iqiniso ngokushesha. Sazamukela ngentshiseko enkulu zonke izinto ezinhle esasizifunda. Ngo-1969 sabhapathizwa.
Ngokuhamba kwesikhathi, kwaba nzima ukuba ngisukume futhi ngihlale, futhi kwaba nzima ngisho nokuhamba. Ngangigobisa amadolo ami ngenkani ukuze ngigibele noma ngehle emotweni. Ngase ngifunde ukuphila nokulinganiselwa nobuhlungu okwakungenza ngikhale ezikhathini eziningi. Ngakho ngangivele ngilungise ubuso ngezimonyo, bese siya emihlanganweni noma enkonzweni yasensimini. Ngangiya endlini ngendlu isikhathi eside ngangokunokwenzeka. Ngangizama ukuya enkonzweni yasensimini kanye noma kabili ngesonto, kwaze kwaba yilapho ukuqina nobuhlungu bamadolo nezinyawo kwenza kungabe kusavuma. Ngangivame ukukhathazeka ngokuthi ngizowa ngingabe ngisakwazi ukuvuka. Ukukhuluma noJehova kuyasiza. Ngezinye izikhathi ngisondela kuye ngikhala ezimathonsi.
Nokho, kwakungenzeki ukuba ngikhale njalo. Umuntu onesifo samathambo esingamahlalakhona angase futhi angabi nazo izinyembezi. Kuye kwaba nezikhathi lapho amehlo ami ayoma kakhulu kangangokuba kwakuba nzima ukufunda. Lapho lokho kwenzeka, ngangilalela amakhasethi eBhayibheli. Ngangivame ukuhamba ngivale amehlo ngoba ukunyakazisa amajwabu amehlo kwakwenza amehlo ami ahwayeke. Kwakufana nokuba impumputhe. Ngezinye izikhathi, kwakudingeka ngifake umuthi wamehlo njalo emizuzwini emihlanu. Okubi nakakhulu, kwakufanele ngifake umuthi emehlweni futhi ngiwagcine evalwe ngamabhandishi izinsuku ezinhlanu noma eziyisithupha kuze kube yilapho esengcono. Ukubonisa ukubonga njalo akulula uma umuntu eshikashikana nesifo esihlala njalo okungenakulindelwa ukuba sibe ngcono kulesi simiso.
Ngo-1978, kwadingeka ngisebenzise isihlalo sabakhubazekile. Ukwenza leso sinqumo kwakunzima. Ngasihlehlisa isikhathi eside, kodwa ngase ngingenakuzikhethela. Ngangazi ukuthi lolu suku lwaluzofika, kodwa ithemba lami laliwukuthi izwe elisha likaNkulunkulu lalizofika kuqala. ULynn wathenga isihlalo esiphakeme sabaklami bamapulani esinohlaka olukhulu olunamasondo amahlanu. Ngaso, ngangikwazi ukuzisunduza endlini.
Ngangikuthola kukhungathekisa ukuzama ukuthatha into ethile, njengoba ngangingakwazi ukulula ingalo yami kakhulu futhi ngingakwazi ukubamba ngixhakathise ngeminwe yami egogekile. Ngakho-ke, ngangisebenzisa induku yami “yokubamba.” Ngayo, ngingacosha izinto phansi, ngivule ikhabethe futhi ngikhiphe isitsha, noma ngikhiphe okuthile esiqandisini. Njengoba ngiba namakhono amasha ngenduku yami “yokubamba,” ngiyakwazi ukwenza eminye imisebenzi yasendlini. Ngiyapheka, ngigeze izitsha, ngi-ayine futhi ngisonge izingubo zokugqoka, futhi ngikolobhe. Ngizizwa ngineqholo njengoba amakhono ami ethuthuka, futhi ngiyajabula ngokuthi ngisanakekela ezinye izidingo zomkhaya. Nokho, engangikwazi ukukwenza ngemizuzu embalwa sekungithatha amahora amaningi.
Ukufakaza Ngocingo
Kwathatha isikhathi eside, kodwa ekugcineni ngaba nesibindi sokuzama ukufakaza ngocingo. Ngangingacabangi ukuthi ngingakwenza lokho, kodwa manje sengiyakujabulela futhi ngiye ngaba nempumelelo enkulu. Okumangalisayo ukuthi kuyefana nokuya endlini ngendlu, ngomqondo wokuthi ngiyakwazi ukuxoxa nabantu ngoJehova nezinjongo zakhe.
Enye yezintshumayelo engizisebenzisayo iqala ngalendlela: “Sawubona, ingabe uMnu.—— okhulumayo? NginguNkk. Maass. Ngikhuluma nabantu nje kafushane, futhi uma unesikhashana, ngingaxoxa nawe? (Impendulo evamile iba ukuthi: “Kuphathelene nani?”) Kuyesabisa ukubona okwenzeka ezweni namuhla, akunjalo? (Ngilindela impendulo.) Ngingathanda ukuhlanganyela nawe lombono weBhayibheli osinikeza ithemba langempela lesikhathi esizayo.” Khona-ke ngibe sengifunda uMthandazo WeNkosi mhlawumbe neyesi-2 Petru 3:13. Ngiye ngadlulisela ezinye izimpindelo kwabanye odadewethu abangamaKristu noma kuLynn ukuba bazihambele.
Kuleminyaka edlule, ngiye ngaba nezingxoxo eziningi ezinhle futhi ngiye ngakwazi ukuthumela izincwajana, omagazini, nezincwadi kulabo ababonisa isithakazelo. Abanye baye baqala ukutadisha iBhayibheli ngocingo. Omunye wesifazane engaxoxa naye wathi wayenomuzwa wokuthi ukuzifundela yedwa kwakwanele. Kodwa ngemva kwezingxoxo ezimbalwa, wavuma ukuza kwami ukuze azofunda iBhayibheli, njengoba ngamtshela ngezimo zami.
Ngesinye isikhathi lapho ngishaya ucingo, umshini wocingo wanginikeza inombolo entsha. Nakuba ngivame ukushayela endaweni yakithi futhi lenombolo kungeyasendaweni eqhelile, ngazizwa ngishukumiseleka ukuba ngishayele kuleyo nombolo. Ngemva kokuxoxa nami isikhashana, owesifazane owaphendula ucingo wathi yena nomyeni wakhe babefuna ukuthintana nabantu abangamaKristu ngempela. Ngakho mina noLynn sabavakashela emzini wabo, oqhele ngebanga elingaba ihora, ukuze siyofunda nabo.
Ngisathola injabulo ngokuxoxa nabanye ngoJehova nesithembiso sakhe samazulu amasha nomhlaba omusha, lapho kuyohlala khona ukulunga. Muva nje, owesifazane othile esenginezinyanga ezimbalwa ngixoxa naye wangitshela: “Njalo lapho ngixoxa nawe, ngiqaphela ukuthi ngingenisa ulwazi olwengeziwe.” Ngiyazi ukuthi ulwazi engiluhlanganyela nabanye luholela ekuphileni okuphakade futhi luletha injabulo engachichima ngisho nakumuntu oxhwalile njengami. Ngezinye izikhathi ngisebenza kakhulu enkonzweni kunangezinye izikhathi, kodwa ngifisa sengathi ngingasebenza kakhulu ngaso sonke isikhathi! Ngiyazi ukuthi uJehova uyazazi izimo zomuntu ngamunye futhi uyakwazisa esikwaziyo ukukwenza, kungakhathaliseki ukuthi kungabonakala kukuncane kangakanani. Ngivame ukucabanga ngezAga 27:11: “Ndodana yami, hlakanipha, uthokozise inhliziyo yami ukuba ngiphendule ongisolayo,” futhi ngifuna ukuba phakathi kwalabo ababonisa ukuthi uSathane ungumqambimanga.
Ukuba khona emihlanganweni kuyakhuthaza ngaso sonke isikhathi, nakuba ngifinyelela khona kanzima. UJehova usenzele amalungiselelo amaningi amahle ukuze sondliwe ngokomoya kangangokuba ngifuna ukuwasebenzisa ngokugcwele. Yeka indlela esijabula ngayo ngokuthi izingane zethu ezimbili ziye zenza iqiniso laba ngelazo! Indodakazi yethu, uTerri, ushade nomzalwane okahle, futhi banabantwana abane engibathanda kakhulu. Yeka indlela okusijabulisa ngayo ukubona ukuthi abazukulu bethu nabo bayamthanda uJehova! Indodana yethu, uJames, nomkayo, uTuesday, baye bakhetha ukukhonza uJehova eBethel yaseBrooklyn, endlunkulu yomhlaba wonke yoFakazi BakaJehova, eNew York.
IPharadesi Lasemhlabeni Ngamandla KaJehova
Ngizama ukuhlala ngikhumbula isithembiso sikaJehova esihle somhlaba oyipharadesi. Ngisho namanje, kunendalo yakhe eningi engasijabulisa. Ngiyakujabulela ukushona kwelanga okuhle. Ngiyazithanda izimbali ezinhlobonhlobo nephunga lazo. Ngiyawathanda ama-rose! Angikwazi ukuphuma endlini njalo, kodwa lapho ngithola ithuba, ngikujabulela ngokugcwele ukuthokomala kwelanga. Ngivala amehlo ami ngibone ngeso lengqondo indawo enhle ezintabeni, nginomkhaya wami ojabulile emfundeni ewudedangendlale egcwele izimbali zasendle. Nankuya umfudlana ohlokomayo namakhabe ehl’esiphundu! Lapho kuvuma, ngidweba imifanekiso yezinto ezingisiza ukuba ngicabange ngePharadesi lasemhlabeni elithenjisiwe elizayo. Njengoba ngidweba, ngizibona ngeso lengqondo ngilapho. Ngiyazi ukuthi uJehova angayenza ibe ngokoqobo lemifanekiso eyigugu esengqondweni engiyithandayo.
Ngiyathanda ukugcina umbhalo kaJakobe 1:12 engqondweni. Uthi: “Uyajabula umuntu oqhubeka ekhuthazelela ukulingwa, ngoba lapho amukeleka uyokwamukela umqhele wokuphila, uJehova awuthembisa labo abaqhubeka bemthanda.” UPawulu wafanisa ukugula kwakhe ‘nengelosi kaSathane eyayiqhubeka imshaya ngempama.’ Wathandazela ukuba uJehova asuse ukukhubazeka kwakhe, kodwa watshelwa ukuthi amandla kaNkulunkulu ayenziwa aphelele ngobuthakathaka bakhe. Ngakho ukuphumelela kukaPawulu naphezu kobuthakathaka bakhe kwakuwubufakazi bamandla kaNkulunkulu phezu kwakhe. UPawulu wathi: “Lapho ngibuthakathaka, kulapho-ke nginamandla.” (2 Korinte 12:7-10) Nginomuzwa wokuthi okuncane engikwenzayo manje naphezu kokulinganiselwa kwami kungenxa nje yamandla kaNkulunkulu phezu kwami.
UJohane waloba ukulandisa okungikhuthaza kakhulu. Kuphathelene nendoda eyayisohlakeni iminyaka engu-38. Yona, kanye nabanye abagulayo, yayilala ngethemba eduze nechibi lamanzi, ilangazelela ukuzivuselela kulo. Yayingakwazi ukufinyelela emanzini, eyayicabanga ukuthi angayiphilisa. Ngolunye usuku uJesu wayibona futhi wayibuza: “Uyafuna yini ukuphila?” Bengingawuphendula ngezinyembezi zenjabulo lowo mbuzo! ‘UJesu wathi kuyo: “Vuka, thatha uhlaka lwakho uhambe.”’ (Johane 5:2-9) Baningi kithi abalindele ngokulangazela ukuzwa ubizo olunjalo!—Njengoba ilandiswa uLuretta Maass.
[Isithombe ekhasini 24]
Ngangicabanga ngengane ethanda abantu, futhi nansi, inqamula emfundeni ijabulile
[Isithombe ekhasini 25]
Lapho ngeneme, ngangicabanga ngomfana ongazibekile phansi ehamba ngezingodo, kanye nenja yakhe phambi kwakhe
[Izsithombe ekhasini 26]
Ukuqoqa izinombolo zocingo zenkonzo yasensimini
Ukushaya ucingo