Isicelo Esivela Enhliziyweni
I-PHAPHAMA! ka-May 8, 1996, yayinochungechunge lwezihloko ezikhuluma ngokuba nezingane zokutholwa. Kuye kwasijabulisa ukubona ukusabela kwabafundi esikuthole kuvela kuwo wonke umhlaba. Lencwadi elandelayo yayithinta inhliziyo ngokukhethekile.
“Ngizizwa ngiphoqelekile ukuveza ukuthi abaningi bethu esanikela ngezingane zethu ukuba zibe ezokutholwa empeleni sasifuna ukuzigcina. Ngangingomusha ongashadile, ngisesesikoleni. Lapho abazali bami bezwa nje ukuthi ngikhulelwe, bangitshela ukuthi kufanele ngicabangele inhlalakahle yengane ngaphambi kweyami futhi ngiyinikele ukuba ibe eyokutholwa. Ngatshelwa ukuthi ‘ingane ibadinga bobabili umama nobaba,’ engangingeke ngikwazi ukuyinika khona. Abazali bami babengafuni ukuba ngiyigcine lengane—yayingekho indawo yami ekhaya uma nginengane. Ngangingenzenjani? Bathi: ‘Uzoyizonda ingane yakho ngokukuphuca inkululeko onayo.’
“Lapho isisu sesibonakala, ngakhishwa esikoleni ngayohlaliswa nesihlobo. Lapho ngihamba ekhaya, ngangazi ukuthi ngangingeke ngamukelwe kuze kube yilapho sengibelethile futhi nganikela ngengane ukuba ibe eyokutholwa.
“Ngayiswa ekhaya lomama abangashadile. Lapho isisebenzi sezenhlalakahle singibuza ukuthi ngiyaqiniseka yini ngesinqumo sami sokunikela ngengane ibe eyokutholwa, ngabona ukuthi sasingaqapheli ukuthi ngangingenakwenza ngenye indlela. NGANGIFUNA UKUYIGCINA INGANE YAMI! Bengilokhu ngilangazela ukuyibona ihleka futhi ijabulile. Abafundi bakamagazini wenu kudingeka bazi ukuthi omama abaningi abanezingane abazizala bazizwa njengami.
“Kwakungekho engangingakwenza. Ngakho ngenza lokho engatshelwa ukuthi ‘kungcono kakhulu’ ngengane. Futhi kusukela ngaleso sikhathi ngiphila nesilonda esijulile. Ngikhathazwa ukuthi indodana yami ingase icabange ukuthi ngangingenandaba nayo futhi ngingayifuni.
“Manje, njengoba sengingumKristu, ngisazisa njalo iseluleko seBhayibheli esimayelana nezimo ezinzima kakhulu esizilethela zona ngokungalisebenzisi iZwi likaNkulunkulu ekuphileni kwethu. Sibonisa imiphumela ebuhlungu nefinyelela kude yokucabanga kwezwe. Kodwa abantu abayizingane zokutholwa kudingeka bazi ukuthi, ukuthi banikelwa ukuba babe izingane zokutholwa, akusho ukuthi babengafunwa. Ngicela nibenze bazi!”