Ukuba Nezingane Zokutholwa—Ingabe Kukulungele?
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! EBRITHANI
“UKUBA nezingane zokutholwa kuyinkonzo eyenzelwa izingane, akuyona inkonzo yokuthatha abantwana banikezwe imibhangqwana engenabo,” kuvuma isisebenzi sezenhlalakahle esithile saseBrithani. Noma kunjalo, ngokuvamile iliphi ilungelo ingane enalo ngokutholwa kwayo?
Ingabe ucabangela ukuba nengane yokutholwa? Khona-ke ubhekene nesinqumo esingesona esingokomzwelo kuphela kodwa futhi esingenakuguqulwa. Ingabe lengane iyosebenzelana kanjani ngokuphumelelayo nomkhaya wakho? Uma uyingane yokutholwa, ingabe uyabazi abazali abakuzalayo? Uma kungenjalo, ucabanga ukuthi bekungenza mehluko muni ukuba bewubazi?
Ingabe ungumama ocabangela ukuthi kufanele yini unikele ngomntwana wakho abe ngowokutholwa? Ingabe ukutholwa kuwukuphela kwekhambi ngempela futhi kuyoyizuzisa ingane yakho?
Ngo-1995, izingane ezingaphezu kuka-50 000 zazingezokutholwa e-United States, futhi ezingaba ngu-8 000 kuzo zazizalelwe kwamanye amazwe. Bayanda abantu abanezingane zokutholwa zakwamanye amazwe. Ngokukamagazini i-Time, kuleminyaka engu-25 edlule imikhaya e-United States iye yaba nezingane zokutholwa zakwamanye amazwe ezingaphezu kuka-140 000. Izibalo ezifanayo eYurophu eSweden zingu-32 000, eHolland zingu-18 000, eJalimane zingu-15 000, kanti eDenmark zingu-11 000.
Ingabe ukulesi simo? Ukuba nengane yokutholwa kusho ukuthi ukuphila kwakho—hhayi ukuphila kwengane kuphela—ngeke kusaphinde kufane. Abazali abanengane yokutholwa ngokunengqondo balindele izinjabulo eziningi, kodwa futhi kumelwe bazilungele izinkinga eziningi nokudumazeka. Ngokufanayo, usizi aba nalo umama onikela ngengane yakhe ukuba ibe ngeyokutholwa lungase lungapheli ngokuphelele.
Isimo ngasinye sibeka inselele yokwakha noma yokwakha kabusha ukuphila kwengane ngothando. Izihloko ezilandelayo zizoveza ezinye zezinjabulo—nezinselele—zokuba nengane yokutholwa.