Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 1/22 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukuba Nezingane Zokutholwa—Ingabe Kukulungele?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuba Nezingane Zokutholwa—Kufanele Ngikubheke Kanjani?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuba Nezingane Zokutholwa—Ngani Futhi Kanjani?
    I-Phaphama!—1996
  • Ukuzalwa Okusha​—Kufezani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 1/22 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balomagazini

Ukuba Nezingane Zokutholwa Ngiyabonga ngochungechunge oluthi “Ukuba Nezingane Zokutholwa—Izinjabulo, Izinselele.” (May 8, 1996) Ngiyingane yokutholwa, futhi ngangingazi ukuthi ngingaxoxa kanjani ngalendaba nabazali bami bokutholwa. Ngakho-ke kwakuvusa amadlingozi ukuthola lomagazini we-Phaphama! Azikho izihloko ezake zangithinta inhliziyo kakhulu njengalesi.

F. R. M., Brazil

Ngiyingane yokutholwa, futhi muva nje nginqume ukufunisisa noma yini engingase ngiyithole ngabazali bami abangizalayo. Nakuba ngakwazi ukuthola ukwaziswa okubalulekile ngabazali bami, ngathola nokuthi umama wangigcina izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba ngibe ingane yokutholwa. Lokho kwangiphatha kabi kakhulu! Ngazibuza, ‘Wayengakwenza kanjani lokho?’ Kodwa-ke, ibhokisi elithi “Ingabe Indodana Yami Iyongifuna?” langinikeza umbono umama ngokuvamile aba nawo. Yeka ukuthi leso sihloko esifushane sangisiza kanjani!

C. S., United States

Lezi zihloko zangilethela injabulo ehambisana nobuhlungu. Nganikela ngendodana yami eminyakeni engu-23 edlule. Ngakwenza lokho ngoba ngangazi ukuthi ngangingenakukwazi ukuyinakekela. Nsuku zonke ngiyazibuza, ‘Kazi injani? Kuye kwaba njani ukuphila kwayo? Ingabe ngiyoke ngiphinde ngiyibone?’ Ngezinye izikhathi lomuzwa wecala uyangikhungathekisa. Kodwa ngiyambonga ngempela uJehova ngenxa yothando nesihawu sakhe.

S. F., United States

Nakuba sinendodana yethu siqu, mina nomyeni wami besilokhu sicabangela ukuba nentombazanyana yokutholwa. Lesi sihloko sangisiza ukuba ngibone ubuhle nobubi bokwenza kanjalo futhi siyosisiza ukuba senze isinqumo.

J. G., United States

Ngaba nomuzwa wokuthi naningakukhuthazi ukuba nezingane zokutholwa ezingezwa. Kodwa ziyoba yini lezo zingane uma zishiywa dengwane? Namuhla sinazo izinkinga ezithile ngendodana yethu yokutholwa. Kodwa hlobo luni lwezinkinga izingane ezinjalo ebeziyolubangela umphakathi uma zingalutholi uthando nokulondeka komkhaya?

D. M., Germany

Sizwelana nalezo zingane ezingazange zikuthole ukunakekela kwabazali abanothando. Lezi zihloko azibhalelwanga ukuba zibathene amandla labo abafuna ukuba nezingane zokutholwa “ezingezwa,” kodwa zabhalelwa ukuba zikhuthaze imibhangqwana ukuba ‘ibale izindleko’ zokwenza kanjalo, ngendlela efanele. (Qhathanisa noLuka 14:28.) Abazali abacabangela ukuba nezingane zokutholwa kufanele bacabangele ukuthi banawo ngempela yini amandla angokomzwelo, angokomoya, noma angokwezimali adingekayo okubhekana nezidingo zezingane ezinjalo. Kufanele futhi bacabangele nemiphumela ukuba nezingane zokutholwa okungaba nayo kwezinye izingane esezikhona kakade ekhaya.—ED.

Sinezingane zokutholwa ezinhlanu, ngaphezu kwezingane ezizalwa yithi ezintathu. Siye saba nenjabulo enkulu enaloba ngayo kanye nobuhlungu. Zonke izingane zethu zingabadumisi bakaJehova ngaphandle kwendodana yethu. Ngemva kokuba ibe ingane yethu yokutholwa lapho ineminyaka engu-16 ubudala, yanukubeza amadodakazi ethu amathathu. Isikhungo sezingane zokutholwa asizange sisitshele ngomlando wayo. Ngakho-ke umuntu kufanele athole ukwaziswa okuwumlando okuningi ngangokunokwenzeka lapho ecabangela ukuba nezingane zokutholwa—ikakhulukazi lapho umuntu ecabangela ukuthatha ingane esikhulile. Izihloko zenu zazibhalwe kahle kakhulu futhi zaziveza ngokucacile zombili izinhlangothi zalendaba.

P. B., United States

Kwangidabukisa kakhulu ukuthola ukuthi abanye abazali bokutholwa baye baba nokuhlangenwe nakho okubuhlungu kangaka. Mina nomyeni wami saba nezingane zokutholwa ezimbili ezinhle, futhi ziye zasilethela injabulo enkulu ekuphileni kwethu. Ngaso sonke isikhathi sikhuluma nazo ngokukhululekile ngokutholwa kwazo. Sazisiza ukuba ziqonde ukuthi onina abazizalayo abazange ‘baphane ngazo’ kodwa bahlela ukuba zinakekelwe ngoba babengakwazi ukunakekela ingane ngaleso sikhathi ekuphileni kwabo. Ngokuvamile abantu basitshela ukuthi izingane zethu zinenhlanhla kakhulu ngokuthi zatholwa yithi. Nokho, iqiniso liwukuthi yithina esinenhlanhla.

B. M., United States

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela