Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 6/22 k. 31
  • “Ake Uvule Amehlo Akho Ubone”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Ake Uvule Amehlo Akho Ubone”
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-29—UJoweli
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Ubunzima Basenza Sathembela KuJehova Ngokwengeziwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • Bheka Abaprofethi Njengesibonelo—UJoweli
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2013
  • Ukuhlasela Okuvela Enyakatho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 6/22 k. 31

“Ake Uvule Amehlo Akho Ubone”

IZINGANE zakho zibonani? Impi? Ubugebengu? Ukungcola? Ubumpofu? Ukugula? Yiqiniso, lezi izinto ezingokoqobo ezihlale zikhona. Kodwa uye wazifundisa yini ukubheka ngale kwalezi zinto, ekusaseni elimangalisayo elithenjiswe eBhayibhelini? Abazali bakaJoel Pierson oneminyaka engu-9 ubudala baye bakwenza lokhu. Kwaba namuphi umphumela?

Cabangela lokho uJoel akubhala esihlokweni esithi “Ake Uvule Amehlo Akho Ubone.” Lesi sihloko sanikezwa intsha njengesabelo esibhalwayo esifundeni sezikole saseVirginia, e-U.S.A. Phawula indlela indaba kaJoel, eyanyatheliswa ephephandabeni i-Central Virginian ka-August 22, 1996, eyakwambula ngayo ukuthi ithemba lakhe lisekelwe kulokho akufunde eZwini likaNkulunkulu. Wabhala:

“Ake uvule amehlo akho ubone, bonke ubuhle okwakumelwe bube khona.

“Bekungeke yini kwamangalisa ukuvuka ngolunye usuku ekuseni bese uzwa ukuthi ukungcola akusekho? Esikhundleni sokuba kubikwe ukubulala nobugebengu ezindabeni, abantu baphila ngokuthula nangenjabulo.

“Omakhelwane bayabambisana ekusizeni umngane ukuba akhe umuzi wakhe. Eduze, sibona abanye betshala engadini. Akukhona lokho nje kuphela, kodwa izisusa zabo zinhle. Bonke abantu bayasizana. Ngeke kusaba nabantu abampofu, kuyoba nenala yokudla okwanelisa bonke. Akekho oyophinde alambe noma agule. Kunendawo enhle yokubukwa yibo bonke futhi bheka, ingane igibele ingwe! Akuyona nje ingwe kuphela, kodwa zonke izilwane zinokuthula nabantu.

“Ngingathanda ukuhlala endaweni enjena. Ungathanda ukuhlala nami lapho?”

Ingabe ngempela uNkulunkulu uthembisa izibusiso ezinjengalezo ezichazwa uJoel osemncane lapha? Ngokuqinisekile! Siza uvule iBhayibheli lakho futhi ufunde ngalezo zithembiso ezitholakala kumaHubo 46:8, 9; 67:6; 72:16; Isaya 2:3, 4; 11:6-9; 33:24; 65:17-25; Mathewu 6:9, 10; 2 Petru 3:13; IsAmbulo 21:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela