Ukukhama Amafu
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENINGIZIMU MELIKA
ABACWANINGI abasebenza eChile baye bashintshela ngokuphumelelayo endleleni yama-Arabhu yamandulo yokukhipha amanzi enkungwini. “Izihlahla zomnqumo ogwadule lwase-Oman,” kuchaza iphephandaba i-Health InterAmerica, “emakhulwini eminyaka ziye zondliwa amanzi enkungu aqoqeka emaqabungeni futhi aconsele emathangini akhelwe ngaphansi kwezihlahla.” Esikhundleni sezihlahla zomnqumo, abacwaningi bamisa amanetha amakhulu ezindaweni eziwugwadule ezinezintaba, ezivame ukumbozwa inkungu evela olwandle. Lamanetha, abukeka njengamanetha amakhulu e-volleyball, abamba amaconsana amanzi enkungwini. Lawa aconsela emseleni wamanzi, owachithela epayipini eliwathuthela ethangini eligcina amanzi.
IChungungo, umuzi omncane osogwadule olusogwini enyakatho yeChile, iye yafakazela ukuthi lesi simiso siyasebenza. Eminyakeni engu-14 edlule, kusho i-IDRC Reports, umagazini okhishwa yi-International Development Research Centre yaseCanada, abantu baseChungungo babengenawo umthombo wasendaweni wamanzi ahlanzekile. Amaloli ayeletha amalitha angu-5000 ngosuku, futhi umkhaya ngamunye wawuphila ngamalitha amathathu kuya kwangu-14 ngosuku. Nokho, namuhla, ngenxa yalamanetha okuqoqa inkungu angu-75 afakwe ezintabeni ezingenhla kwalomuzi, ngokumangalisayo amalitha amanzi angu-11 000 agelezela eChungungo, okunikeza isakhamuzi ngasinye amalitha angu-30 amanzi ngosuku. Umcwaningi uDkt. Robert Schemenauer, isazi sesayensi yamafu, uthi isimiso sokubamba inkungu siye sayithuthukisa impilo yezakhamuzi. “Bonke abantu badla imifino nezithelo ezivela ezivandeni nasemasimini abo ezithelo.”
Akukhona nje kuphela ukuthi amanzi enkungu anempilo kodwa futhi ashibhile. Ukufaka amanetha okuvamile, kusho uDkt. Schemenauer, kubiza cishe amaRandi angu-332 250 uma kuqhathaniswa nezigidi zamaRandi ezidingekayo ukuze kwakhiwe idamu. Abacwaningi bathi nakuba izindawo eziningi ezinesomiso zingazuza kulesi simiso, izinhlangano zomhlaba ziye zangashesha ukuqaphela lendlela yokuthola amanzi.
[Izithombe ekhasini 23]
Kwesobunxele: Amanetha esiqongweni sentaba aqoqa amaconsi amanzi enkungwini
Ngezansi: Yinetha ulibukela eduze
[Umthombo]
Photos: IDRC