Amanetha AmaShayina Okudoba ENdiya
NGUMLOBELI WE-PHAPHAMA! ENDIYA
OGWINI lwaseNdiya olusentshonalanga, ebangeni elingamakhilomitha angu-250 ukusuka emaphethelweni eningizimu yezwekazi laseNdiya, kunedolobha laseKochi, elaliyiCochin kuqala. Nhlangothi zombili zomfula ongenela olwandle lapho, ugu lumbozwe amanetha okudoba e-cantilever ohlobo lwamaShayina. Afika kanjani lapho?
AmaShayina ayehlala kule ndawo kusukela ngekhulu lesi-8 C.E. kuqhubeke, futhi kucatshangwa ukuthi abahwebi abangamaShayina ababeyizinceku zasebukhosini ngaphansi kukaKublai Khan baqala ukufika nala manetha alolu hlobo eCochin ngaphambi kuka-1400. Ziningi izinhlanzi ezibanjwa eduze nogu eCochin. Ngakho-ke, le mishini yokudoba emide nedonswa abantu yaba usizo kakhulu esikhathini esingaphezu kwekhulu leminyaka, kwaze kwaba yilapho ama-Arabhu exosha amaShayina.
Lapho amaShayina esehambile, amanetha asuswa. Kodwa ngasekuqaleni kwekhulu le-16, amaPutukezi awaxosha ama-Arabhu. Ngokusobala, ngamaPutukezi abuye aletha amanetha anjalo eCochin, ewalanda esiqhingini samaPutukezi saseMacao esasiyikoloni ngaleso sikhathi, esiseningizimu-mpumalanga yeChina.
Nakuba sekwadlula amakhulu eminyaka, amanetha amaShayina asasebenza kahle futhi ukuklanywa noma ukusebenza kwawo kusenjengoba kwakunjalo. Futhi ayaqhubeka esekela ukuphila kwabadobi abaningi futhi ondla abaningi ngokudla. Eqinisweni, okubanjwa inetha elilodwa kungondla abantu bakulo lonke idolobhana. Kodwa ngaphandle kokuthi ayaphumelela, la manetha mahle futhi ikakhulukazi lapho izithunzi zawo zigqama kahle esibhakabhakeni esicwathile sasekuseni noma ebusuku.
Asebenza Kanjani?
Amanetha amaShayina amakhulu asebenzisa izinto eziwasekelayo neziwenza angatsheki ukuze umthwalo wenetha nalokho okubanjiwe kungasindi nganxanye. Uma lingasebenzi, inetha kanye nensika yalo elisekele kuyakhishwa emanzini. Ukudoba kuqala ekuseni futhi kuthathe amahora amane noma amahlanu. Amanetha ehliselwa ngesineke emanzini. Ukuze kwenziwe lokhu, abadobi banciphisa noma bengeze izinto ezisindayo eziboshelwe ngasekugcineni kolunye uhlangothi lwesimiso sokulinganisa noma induna yeqembu labadobi ihambe emshayweni wenetha ophakathi. Inetha lishiywa ngaphansi kwamanzi imizuzu engu-5 kuya kwengu-20 ngaphambi kokuba lenyuswe ngesineke, libutha izinhlanzi ezibhukuda eduze nogu. Ngenxa yeminyaka eminingi yokwenza lo msebenzi, induna iyasazi isikhathi esifanele sokudonsa inetha.
Lapho induna ikhipha isiqondiso, lonke iqembu lamadoda amahlanu noma ayisithupha liphakamisa inetha ngokudonsa izintambo okuboshelwe kuzo izimbokodo ezenza isisindo silingane. Njengoba inetha likhuphuka, kuqhamuka amachopho alo kuqala. Ngakho-ke, inetha liba njengesitsha esinezinhlanzi ngaphakathi. Yeka injabulo kubadobi! Ngemva kokubamba izinhlanzi eziningi, bashayana emhlane ukuze babonise injabulo yabo. Kamuva izinhlanzi zizodayiselwa abahwebi, omama nezivakashi ezifika ngezikhathi ezithile.
AmaShayina, ama-Arabhu namaPutukezi aye afika ahamba. Kodwa amanetha amaShayina asaqhubeka eshona evumbuka emanzini aseKochi, njengoba ayenza eminyakeni engaphezu kuka-600 edlule.
[Ibalazwe ekhasini 31]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Kochi
[Umthombo]
Mountain High Maps® Copyright © 1997 Digital Wisdom, Inc.