Okuphawulwa Abafundi Balomagazini
Ukufa Kwezinsana Ngiyabonga ngengxenye yesihloko esithi “Ukubuka Okwezwe” ethi “Ukubhema Kuhlobene Nokufa Kwezinsana Ngokuzumayo.” (January 22, 1997) Ngithemba ukuthi bonke omama bazosithatha ngokungathi sína leso sihloko. Indodana yami yacishe yabulawa i-SIDS (Sudden Infant Death Syndrome [Ukufa Kwezinsana Ngokuzumayo]) ngoba ngaqhubeka ngibhema lapho ngikhulelwe. Isikhathi esingaba unyaka ngemva kwalokho, kwadingeka isebenzise umshini wokushaya kwenhliziyo njalo lapho ilala ukuze kuthi lapho inhliziyo yayo ima, lomshini uhlabe umkhosi. Ngifisa sengathi ngabe ngangimazi uJehova ngaleso sikhathi. Ngangiyokuyeka ukubhema, futhi mhlawumbe mina nendodana yami sasiyoyigwema lenhlekelele.
A. C. A., United States
Isiguli Sesifo Samathambo Ngifisa ukuzwakalisa ukubonga kwami ngendaba kaLuretta Maass, enesihloko esithi “Lapho Ngibuthakathaka, Kulapho-ke Nginamandla.” (January 22, 1997) Ngineminyaka engu-27 ubudala, futhi nami nginesifo samathambo. Nakuba ukwelashwa kubudambisa ubuhlungu, ngezinye izikhathi ngiyakhungatheka futhi ngidumale ngoba ukugula kwami kuye kwangiphoqelela ukuba ngiyeke ukuba umshumayeli wesikhathi esigcwele. Kwangikhuthaza kakhulu ukuzimisela kukaLuretta Maass ukukhonza uJehova, naphezu kokugula kwakhe. Ngeke ngikuvumele ukudumala ukuba kunginqobe; ngifuna ukwenza okwengeziwe emsebenzini wokushumayela.
A. B., Italy
Sekuyiminyaka engaphezu kwengu-30 umama ephethwe isifo samathambo. Ngokudabukisayo, ubuhlungu balesi sifo abupheli. Ngiyaziqhenya ngomama, ngoba uyakwazi ukuba khona cishe kuyo yonke imihlangano yebandla. Ehlezi esihlalweni sakhe sabakhubazekile, uyahlanganyela eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini futhi usahlanganyela emsebenzini wokushumayela. Futhi naphezu kokugula kwakhe, akalokothi akhononde.
S. M., Germany
ISikhukhula SikaNowa Isihloko esithi “Umbono WeBhayibheli: ISikhukhula—Iqiniso Noma Inganekwane?” (February 8, 1997) sangisiza ngempela ukuba ngisiqondisise leso senzakalo esingokomlando. Njengabanye abaningi, ngafundiswa ngeSikhukhula ngisemncane kakhulu. Nokho, ngangingaqapheli neze ukuthi abaningi babheka indaba yeSikhukhula njengenganekwane nje. Iqiniso lokuthi uJesu uqhathanisa izinsuku zokugcina nezinsuku zikaNowa libonisa ukuthi iSikhukhula saba khona ngempela.
S. M., United States
Ukubhekana Nenhlekelele Ngiye ngabhekana nokuvivinywa okuningi okuhlukahlukene muva nje. Ngabhalela umngane wami incwadi ngichaza okunye kwalokhu kuvivinywa, ngabe sengicaphuna iHubo 126:5: “Abahlwanyela ngezinyembezi bayakuvuna ngokuthokoza.” Ake nicabange indlela engazizwa ngayo lapho, ngemva nje kokuqeda ukubhala lencwadi, ngithola umagazini ka-February 8, 1997, onesihloko esithi “Ukuhlwanyela Ngezinyembezi, Ukuvuna Ngenjabulo,” esasisekelwe embhalweni ofanayo. Okuhlangenwe nakho kukaRaymond Kirkup kwakuqinisa ukholo ngempela.
P. B., Jamaica
Ukunakekela Abadinga Usizo Uchungechunge oluthi “Ukunakekela Abadinga Usizo—Ukubhekana Nenselele” (February 8, 1997) siye sangiduduza kakhulu phakathi nesikhathi esinzima kakhulu. Umama othandekayo, osekuyiminyaka eminingi eyinceku kaJehova ekholekile, wahlaselwa isifo sengqondo esiwohlozayo. Futhi une-Parkinson’s disease nesifo samathambo esibi. Ukuwohloka kwakhe ngokushesha kwangidumaza futhi kwangishaqisa. Njengendodana yakhe eyodwa vó, ngiye ngabhekana nobunzima bokumnakekela. Kodwa lesi sihloko esihle sabonisa uzwela kakhulu! Sasiyisipho esivela kuJehova ngempela. Ngiyabonga kakhulu ngokusekelwa ngothando ngalendlela.
R. H., England