Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g97 11/22 k. 31
  • Zashonaphi Zonke Izinhlanzi Ezingama-cod?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Zashonaphi Zonke Izinhlanzi Ezingama-cod?
  • I-Phaphama!—1997
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okwenza Amanetha Angabi Nalutho
    I-Phaphama!—2008
  • Ukukhonza Njengabadobi Babantu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ukudoba Abantu Emanzini Asembulungeni Yonke
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Ingabe Ukudoba Ngamanetha Akhukhulayo Kuyaphela?
    I-Phaphama!—1992
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1997
g97 11/22 k. 31

Zashonaphi Zonke Izinhlanzi Ezingama-cod?

IZINHLANZI ezingama-cod zaziziningi emanzini kangangokuthi “isikebhe sasingagwedleki phakathi kwazo.” Washo kanjalo umhloli wamazwe uJohn Cabot ngo-1497 njengoba ayechaza enye yezindawo zokudoba enezinhlanzi eziningi kakhulu emhlabeni i-Grand Banks yaseNewfoundland. Ngasekupheleni kwawo-1600 inani lezinhlanzi ezingama-cod ezazidotshwa ngonyaka eNewfoundland lase lifinyelele cishe emathanini angu-100 000. Phakathi nekhulu leminyaka elalandela, umkhiqizo waphindeka kabili.

Nokho, namuhla isimo siye sashintsha ngokuphawulekayo. Inani lezinhlanzi ezingama-cod liye lehla kangangokuthi ngo-1992 uhulumeni waseCanada uye wakuvimbela ukudotshwa kwezinhlanzi e-Atlantic, kwashiya abantu abalinganiselwa ku-35 000 befuna umsebenzi kwezinye izimboni. Ngo-1997 ukuvinjelwa kokudoba kusaqhubeka. Kodwa zashonaphi zonke izinhlanzi ezingama-cod?

Phakathi nawo-1960, amaviyo ezikebhe zokudoba ezizwe zonke ahlangana ogwini lwaseNewfoundland ezodoba inqwaba yezinhlanzi ezingama-cod. Ngo-1968 abadoba ngamanetha basemazweni angaphezu kwayishumi nambili babedoba amathani ezinhlanzi angu-800 000 ngonyaka ogwini lwaseNewfoundland. Lokhu kwakusiphinda kathathu isilinganiso sezinhlanzi ezazidotshwa ngonyaka ekhulwini leminyaka elingaphambili.

Nakuba amanzi abanda kakhulu, ukwanda kwezimvu zamanzi, nokuthutha kwezinhlanzi ezingama-cod kungenzeka kwaba nengxenye ekuncipheni kwenani lezinhlanzi ezingama-cod, icala elikhulu ngenhlekelele yezinhlanzi ezingama-cod kumelwe libekwe ebugovwini bomuntu. “Kalula nje—ukudoba ngokweqile,” kusho esinye isazi sezilwane zasemanzini.

Liyini ikusasa lezinhlanzi ezingama-cod zase-Atlantic? Abanye bayangabaza ukuthi kunezinhlanzi ezisencane ezanele ukuba zikhule, zizale ezinye, futhi zigcwalise uhlobo lwazo. I-Evening Telegram yaseSt. John yaphawula: “Imboni endala kunazo zonke yaseCanada, yokudoba izinhlanzi ezingama-cod e-Atlantic, iyochuma kuphela ezincwadini zomlando.” Nokho, likhona ithemba!

IBhayibheli lisiqinisekisa ukuthi ngokushesha, ezweni elisha lokulunga elithenjiswe nguNkulunkulu, ngeke bube khona ubugovu. (2 Petru 3:13) UJehova “uyochitha labo abachitha umhlaba” futhi enze izwe nolwandle kugcwale ukuphila kube isibusiso kulabo abafuna ukumkhonza futhi bamjabulise.—IsAmbulo 11:18.

[Imithombo Yesithombe ekhasini 31]

© Tom McHugh, The National Audubon Society Collection/PR

Mountain High Maps® Copyright © 1995 Digital Wisdom, Inc.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela