Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza
UYAWAZI yini umehluko phakathi kwesikhulumi esiqephuzayo nesikhulumi esesaba ukungingiza? Ungase uphendule ngokuthi: ‘Yebo, ngiyawazi.’ Kodwa cabangela lokho uPeter Louw akubhalayo encwadini yakhe yesiBhunu ethi Hhhakkel (Ongingizayo): “Kulowo nalowo muntu ‘owaziwayo’ ukuthi unamalimi, cishe kunabanye abayishumi abangafuni ukwaziwa futhi abafihla amalimi abo ngezindlela ezihlukahlukene.” Bafihla ukuthi banamalimi? Kungenzeka kanjani lokho?
Abanye abanamalimi bayakwazi ukufihla ukuthi banamalimi ngokucabanga kusengaphambili ngamagama ababangele inkinga esikhathini esidlule. Khona-ke, kunokuba basho lelo gama, babeka umusho ngenye indlela noma basebenzise elinye igama elisho okufanayo. Indoda ethile yafihla ukuthi inamalimi iminyaka engu-19 ishadile. Lapho umkayo ethola iqiniso, wabuza umelaphi wamalimi ukuthi: “Ingabe ucabanga ukuthi yingakho ecela mina ukuba ngishaye ucingo, nokuthi yingakho kuyimina o-oda ukudla ezindaweni zokudlela, nokuthi yingakho engaphenduli . . . emihlanganweni?”
Cabangela nendaba kaGerard noMaria, umbhangqwana waseNingizimu Afrika onomshado ojabulisayo.a Izikhathi eziningi, uMaria wazama ukuchazela umyeni wakhe ukuthi wayengaphenduli emihlanganweni yesifundo seBhayibheli ngoba esaba ukungingiza. Ngokhahlo, umyeni wakhe wayemane athi: “Suka lapha, awunamalimi wena.” UGerard wayesekela umbono wakhe ebuntwini bomkakhe okhulumela futhi. Izimo ezithile kuphela ezimenza esabe ukungingiza. Ngokokuqala ngqá, ngemva kweminyaka emihlanu beshadile, uGerard wayibona lenkinga futhi wavuma: “Nganginganaki futhi ngingamcabangeli.” Manje, kunokuba amgxeke, uyamncoma lapho eba nesibindi sokukhuluma phambi kwabantu abaningi.
Ngokuqondakalayo, abantu abaningi abanamalimi bahlushwa ukwesaba. Encwadini yakhe ethi Stammering, uDavid Compton uyachaza: “Kuba ukwesaba, ngezinye izikhathi okubeleselayo, ngezinye izikhathi okujulile. . . . Lapho esesimweni esibucayi khona, lapho kufanele athintane nabanye abantu, lapho ezama ukuxoxa nabo, kungakhathaliseki ukuthi ukuncokola noma into ejulile, ngezikhathi ezinjalo umuntu onamalimi angase alindele ukulinyazwa, ukuhlekwa usulu . . . Ngisho nalabo ababhekana nalenkinga ngokuphumelelayo basavuma ukuthi baye balolongwa ukwesaba kwabo, nokuthi akupheli ngokuphelele.”
Izimo Ezingase Zibangele Ukwesaba
Lapho umuntu onamalimi ecelwa ukuba aphendule umbuzo phambi kwezilaleli, njengasekilasini esikoleni, emhlanganweni webhizinisi, noma embuthanweni ongokwenkolo, angase abe nexhala elibangela ukungingiza okukhulu. URosanne oneminyaka engu-15 ubudala onamalimi, waseNingizimu Afrika, wabuzwa engxoxweni yasemsakazweni: “Ingabe zikhona izikhathi lapho uba nomuzwa wokuthi kungaba lula ukuvele uzithulele?” Waphendula: “Ngiyaye ngizizwe ngaleyo ndlela ezikhathini eziningi, ngokwesibonelo, njengasekilasini lapho ngisuke nginempendulo enembile engaziyo ukuthi izonginikeza amamaki kodwa ngazi ukuthi kuyoba umthwalo ngempela ukukhuluma.”
Usomabhizinisi okuthiwa uSimon naye kwaxoxwa naye ohlelweni lomsakazo olushiwo ngenhla. NjengoRosanne, uSimon uye wenza intuthuko ngosizo lokwelashwa kwamalimi. Kodwa ngezinye izikhathi ungingiza kakhulu impela. Lokhu kungenziwa kube kubi kakhulu isimo sengqondo sezilaleli zakhe. Uyachaza: “Uma usemhlanganweni wabaqondisi lapho kufanele ukhulume kakhulu khona kodwa ukuthole kunzima, abantu abakhona baphelelwa isineke.”
Ukwesaba umuntu onamalimi aba nakho akufanele kuphanjaniswe nokwesaba umuntu onamahloni angase abe nakho ngokukhuluma nabantu angabazi. Cabangela uLisa osekuyiminyaka emibili eba khona emihlanganweni yoFakazi BakaJehova. Lapho ezixoxela nabangane, ngokuvamile uyaqephuza. Futhi uhlanganyela ngentshiseko emsebenzini wokushumayela odinga ukuba axoxe nabantu angabazi. Kodwa unokwesaba abantu abaningi abanamalimi abanakho—ukukhuluma phambi kwabantu abaningi. ULisa uyachaza: “Emihlanganweni yethu, kuyethukela ngiphakamise isandla ngiphendule umbuzo. Uma kwenzeka ngiphendula, kuvame ukuba igama elilodwa noma umusho omfushane. Nakuba kungase kube kuncane, ngisuke ngenzé konke okusemandleni ami. Ngokuvamile ngiyazazi izimpendulo ngoba njalo ngilungiselela kusengaphambili. Kodwa ulimi lwami luvele lubopheke.”
Into enzima kunazo zonke kwabanye abanamalimi ukufunda ngezwi elizwakalayo. Lokhu kubaphoqelela ukuba basho amagama ngokuvamile abebengawagwema. ULisa uyaqhubeka: “Komunye wemihlangano yethu, siyaye sicelwe ukuba sishintshane ekufundeni imiBhalo esixoxa ngayo. Ngalezo zikhathi ngihlalela ovalweni, ngilinde ithuba lami, ngingazi ukuthi ngiyokwazi yini ukufunda lowo mbhalo noma cha. Ngezinye izikhathi ngiyafunda kodwa ngingakwazi ukuphimisela igama elithile. Khona-ke ngivele ngileqe futhi ngiqhubeke ngifunda.”
Ngokusobala, kufanele umuntu acabangisise ngaphambi kokuba akhuthaze umuntu onamalimi ukuba afunde ngokuzwakalayo. “Isikhuthazo” esinjalo singenza onamalimi aphatheke kabi nakakhulu. Kunalokho, umuntu onjalo kufanele anconywe ngemfudumalo ngokwenza okusemandleni akhe.
Lapho Uzama Ukusiza
Ukungingiza kuyinkinga exakile ngempela. Okusiza omunye umuntu kungase kungamsizi omunye. Eqinisweni, abantu abaningi abanamalimi “abalulamayo” isikhathi esithile babuye babe nalenkinga futhi kamuva. Kuningi ukucwaninga okuye kwenziwa ngamalimi ukwedlula noma iyiphi enye inkinga yokuphazamiseka kwenkulumo. Nokho, ochwepheshe abakayitholi imbangela eqondile. Eqinisweni, abaningi bayavumelana ngokuthi ziningi izici ezingase zibangele amalimi. Ngokokuhlola kwamuva nje, omunye umbono uthi kungenzeka ahlobene nokungahleleki kahle kwamangqamuzana obuchopho lapho onamalimi esemncane. NgokoDkt. Theodore J. Peters noBarry Guitar, encwadini yabo ethi Stuttering—An Integrated Approach to Its Nature and Treatment, imibono yamanje ngezimbangela “iyoshiywa isikhathi njengoba ukuhlola okwengeziwe kuvala amagebe amakhulu olwazini lwethu ngamalimi.”
Njengoba kukuncane kangaka okwaziwa umuntu ngamalimi, kunesidingo sokuqapha lapho usikisela enye yezindlela zokwelapha kulabo abanalenkinga. Incwadi engenhla iyanezela: “Abantu abaningi abanamalimi abelapheki ngempela ngokuphelele. Bafunda ukukhuluma ngokunensa noma ukungingiza ngokukhululeka, futhi lokho kungabakhathazi. . . . Ngenxa yezizathu esingaziqondi, abantu abambalwa abanamalimi abathuthuki kakhulu lapho belashwa.”b
Lapho ukwelashwa kungaphumeleli, abanye abelaphi baye bamangalela umuntu onamalimi ngokungenzi umzamo owanele. Omunye umelaphi wathi: “Okuwukuphela kwembangela yokuhluleka yisimo sengqondo sokunqikaza somuntu onamalimi.” Ngokuphathelene namazwi anjalo, umlobi uDavid Compton wathi: “Ngiswele amazwi okuchaza intukuthelo amazwi anjalo angayibangela kubantu abanamalimi. Okokuqala, ngenxa yokuthi kungamanga aluhlaza cwe. Ayikho indlela eyodwa yokwelapha engasiza bonke abantu abanamalimi, kanti nendlela ephumelelayo kothile iyobe isenamaphutha. Okwesibili, ngenxa yokuthi abanamalimi baphila nesimo esibahlulayo . . . Noma yini ebhebhethekisa [isimo esibahlulayo] ngokungadingekile nangokungafanele, yimbi.”
Ukwenza Umthwalo Wabo Ube Lula
Ngokuvamile abantu abanamalimi abakufuni ukudatshukelwa. Nokho, kuningi okungenziwa ukuze umthwalo wabo ube lula. Lapho bengingiza, ungabi namahloni bese ufulathela. Kunokuba ubabuke emlonyeni, babheke emehlweni. Ngokuvamile basheshe bazwele endleleni abasabela ngayo abantu ababalalele. Uma ubonakala ukhululekile, kuyodambisa ukwesaba kwabo. Umelaphi wamalimi wathi: “Bonisa lomuntu ukuthi uzimisele ukumlalela njengoba ubungazimisela ukulalela noma ubani.”
Othisha abanomfundi onamalimi ekilasini bangenza lukhulu ekudambiseni ukwesaba kwakhe. Ephephabhukwini lezemfundo laseNingizimu Afrika i-Unie, othisha banikezwa icebiso elilandelayo: “Abantu abaningi abanamalimi abangingizi kakhulu lapho bazi ukuthi obalalele akalindele ukuba baqephuze.”
Ngokwephephabhuku elingenhla, kubalulekile futhi ukuba uthisha azi indlela umfundi azizwa ngayo. Kunokuba bagweme abafundi abanjalo ngenxa yamahloni, othisha balulekwa ukuba baxoxe nabo futhi babakhuthaze ukuba baveze imizwa yabo ngalenkinga. Ngokwenza kanjalo uthisha angathola ukuthi yiziphi izimo umfundi okufanele akhulume kuzo azesaba kakhulu. Leli phephabhuku liyaphetha: “Amathuba angamaphesenti angu-80 okuba akhulume ngokuqephuza axhomeke kuwe.” Ukukhuluma kwakhe ngokuqephuza kuyothuthuka uma azi ukuthi uyamukelwa naphezu kwalenkinga. Leli phephabhuku liyaqhubeka lichaza: “Isimo esikhululekile, esikhuthaza ukufunda ekilasini ngeke sizuzise onamalimi kuphela kodwa siyozuzisa nalo lonke ikilasi.”
Ngokuqinisekile, lokhu kusikisela kungasetshenziswa ngokuphumelelayo lapho kufundiswa khona abantu abadala.
UMdali Wethu Uyaqonda
UMdali wethu, uJehova uNkulunkulu, ukuqonda ngokugcwele ukungapheleli kwabantu. Wathuma uMose ukuba abe umkhulumeli wakhe ekuholeni ama-Israyeli awakhiphe eGibithe. Lokhu wakwenza nakuba ayazi kamhlophe ukuthi uMose wayenenkinga yamalimi eyayikwenza kube nzima kuye ukukhuluma nabanye. UNkulunkulu wayazi nokuthi umfowabo kaMose, u-Aroni, wayeyisikhulumi esiqephuzayo. UNkulunkulu wathi: “Ngiyazi ukuthi ukhuluma kahle yena.” (Eksodusi 4:14) Nokho, uMose wayenezinye izimfanelo ezibaluleke kakhulu, njengokuthembeka, umusa, ukholo, nomoya omnene. (Numeri 12:3; Heberu 11:24, 25) Nakuba uMose enqaba, uNkulunkulu akasishintshanga isinqumo sakhe sokumkhetha njengomholi wabantu bakhe. Ngesikhathi esifanayo, uNkulunkulu wakubonelela ukwesaba kukaMose ngokukhetha u-Aroni njengomkhulumeli kaMose.—Eksodusi 4:10-17.
Singalingisa uNkulunkulu ngokubonisa ukuqonda. Baphathe ngenhlonipho abantu abanamalimi, futhi ungavumeli ukuba amalimi akuthiye ekuboneni ukubaluleka komuntu kwangempela. Okubonisa lokhu okuhlangenwe nakho kwentombazanyana encane noyise onamalimi. Uyise wafunda indlela yokufunda ngokuqephuza. Ngobunye ubusuku wazama lendlela ngokufundela indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha, futhi wajabula ngokushelela kwakhe.
Lapho uyise eqeda, lentombazanyana yathi: “Baba, khuluma kahle.”
Uyise waphendula ngokucasuka: “Ngikhuluma kahle kakhulu.”
Lentombazanyana yaphikelela: “Cha, khuluma ngendlela ovame ukukhuluma ngayo.”
Yebo, lentombazanyana yayithanda uyise ngenxa yalokho ayikho, ngisho noma ayenamalimi. Ngakho ngokuzayo lapho usebenzelana nothile onamalimi, ukhumbule ukuthi lowo muntu kungenzeka unemicabango eyigugu nezimfanelo ezifiselekayo. Ngokuqinisekile lowo muntu unemizwa. Yiba nesineke futhi umbonise ukuthi uyaqonda.
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama kulesi sihloko ashintshiwe.
b Amathuba okululama ezinganeni angcono kunakubantu abadala. Uchwepheshe wokwelapha amalimi u-Ann Irwin uyachaza encwadini yakhe ethi Stammering in Young Children: “Ezinganeni ezintathu kwezine amalimi anqamuka ngokuzenzekelayo lapho zikhula. Uma ingane yakho ingenye yalezi ezingamaphesenti angu-25 amalimi anganqamuki kuzo ngokuzenzekelayo lapho zikhula, kunamathuba amaningi okuthi ayonqamuka ngoKwelapha Kokunqanda Amalimi.”
[Isithombe ekhasini 25]
Umuntu onamalimi angase esabe ukukhuluma obala
[Isithombe ekhasini 26]
Yiba nesineke uma umuntu onamalimi enobunzima bokuxoxa nawe
[Isithombe ekhasini 27]
Ngokuvamile abantu abanamalimi bayalusaba ucingo