Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • g98 10/8 k. 30
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
  • I-Phaphama!—1998
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
  • Ukuqonda Inkinga Yokwesaba Ukungingiza
    I-Phaphama!—1997
  • Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza
    I-Phaphama!—1998
  • Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini
    I-Phaphama!—1998
Bheka Okunye
I-Phaphama!—1998
g98 10/8 k. 30

Okuphawulwa Abafundi Balo Magazini

Izingane Ezishiya Ikhaya Lwangiduduza uchungechunge oluthi “Lapho Izingane Zishiya Ikhaya.” (January 22, 1998) Izingane zethu ezintathu kwezine zashiya ikhaya eminyakeni emithathu edlule. Nakuba ngazikhulisa ngikulindele ukuthi sasizofika isikhathi sokuba zihambe, ngangingazange ngicabange ukuthi ezintathu zaziyohamba ngesikhathi esisodwa! Ngiyakwazisa ngempela ukukhathalela i-Watch Tower Society ekubonisayo ngemizwa yabazali.

M. S., Japan

Okwamanje, mina nomkami sikhonza njengamaphayona akhethekile, noma abashumayeli besikhathi esigcwele, kwesinye isifundazwe. Siyasebenza ngempela iseluleko senu sokuba sibonise abazali bethu ukuthi nakuba sikude, sisabathanda kakhulu.

M. M. S., Brazil

Ngineminyaka engu-11 ubudala. Imisebenzi yasendlini ngangingayibheki njengengiqeqeshela ukuba umuntu omdala. Kodwa lezi zihloko ziye zangisiza ngashintsha umqondo. Siyabonga ngokusikhathalela njengentsha.

D. U., Yugoslavia

Ama-gorilla Ngakujabulela ukufunda isihloko esithi “Ukuvakashela Ama-gorilla Asezintabeni.” (January 22, 1998) Angikaze ngicabange ukuthi umuntu angasondelana kangaka nama-gorilla ngaphandle kokuba kuvuke impi. Ngokuvamile emabhayisikobho avezwa njengezilwane ezinobudlova. Ngiyabonga ngesihloko esihle kangaka.

R. P., Venezuela

Ukungingiza Ngibonga kakhulu ngesihloko esithi “Indlela Engikubekezelela Ngayo Ukungingiza.” (January 22, 1998) Okuhlangenwe nakho kukaSven Sievers kwangikhuthaza kakhulu, njengoba nami ngingingiza. Kuyo yonke le minyaka, iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini siye sangisiza ukuba ngibe isikhulumi esiqephuzayo.

E. Z. S., Brazil

ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini siqhutshwa masonto onke emaHholo OMbuso OFakazi BakaJehova ezindaweni ezihlukahlukene.—ED.

Isimo sengqondo esihle sikaSven Sievers nakuba ebhekene nobunzima sangihlaba umxhwele. Ebandleni lethu kunomzalwane ongingizayo. Manje sengizokhuluma naye ngenhlonipho enkulu nangokukhathalela.

K. K., Japan

Nami bengingingiza kusukela ngisemncane. Nashaya emhloleni uma nithi umuntu kumelwe azame ukuqonda isimo somuntu ongingizayo kunokuba amdabukele. Ngiyabonga ngalesi sihloko.

E. C., Italy

Ukunqaba Kwabazali Ngisanda kuthola umagazini ka-January 22, 1998, futhi ngafunda isihloko esithi “Intsha Iyabuza . . . Kuthiwani Uma Abazali Bami Benginqabela Ukuba Ngishade?” Ngangicabanga ukuthi ngenza iphutha ngokunqabela indodakazi yami ukuba ishade. Kodwa lesi sihloko sakhuluma ngakho kanye okwakungikhathaza—ukuthi yayisencane, ubuntu balowo eyayizoshada naye, ithuba lokuboshelwa ejokweni linye nongakholwa, ingozi yokungenwa ingculaza nokungafani kwamasiko. Ngithandazela ukuba lesi sihloko sifinyelele inhliziyo yendodakazi yami.

N. B., United States

Yeka ukuthi sibhalwe kahle kanjani lesi sihloko! Nakhuluma ngendaba ebucayi futhi nayisingatha kahle kakhulu. Kwakhulunywa ngamaphuzu amaningi ahlukahlukene, asiza umfundi ukuba abe nombono ovulekile ngalezi zindaba.

S. C., United States

Sengineminyaka engu-8 ngingumshumayeli wesikhathi esigcwele. Abazali bami nabo bangamaKristu, futhi babengavumelani nesinqumo sami sokushada. Ngibonga kakhulu ngokusinika lokhu kwaziswa okuwusizo.

T. C. F., Tanzania

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela