Indlela Ongabhekana Ngayo Ngokuphumelelayo Nenkathi Yolwazi
KUMELWE sibhekane neqiniso lokuthi kunezici eziningi zenkathi yolwazi yawo-1990 eziyoqhubeka zisikhathaza. Ezinye zazo sinamandla amancane okuzilawula noma asinawo nhlobo. Ngakolunye uhlangothi, kunezinyathelo esingazithatha ukuze siqede cishe konke ukukhathazeka. Khona-ke, singase sisho ukuthi ukubhekana ngokuphumelelayo nenkathi yolwazi kuwumsebenzi oyinselele kodwa ovuzayo.
Abamukeli Nabasakazi Bolwazi
Kungakhathaliseki ukuthi sizibheka ngalendlela noma cha, kukho konke ukuphila kwethu sonke singabamukeli nabasakazi bokwaziswa ngandlela-thile. Nokho, ubuchopho bethu bamukela futhi buhlaziye ukwaziswa ngezindlela ezihlukahlukene. Enye indlela ihilela ikhono elimangalisayo lobuchopho lokuhlaziya ukwaziswa ngokuzenzakalelayo.
Enye indlela ihilela ukuhlaziya ukwaziswa ngokucabanga ngakho, njengalapho umuntu exoxa nomunye. Sinamandla amakhulu okulawula lolu hlobo lokuhlaziya ulwazi—njengabamukeli nabasakazi balo. Uma kuziwa engxoxweni evamile, iBhayibheli lisixwayisa ngalabo ‘abangebona abangenzi lutho nje kuphela, kodwa futhi abayizinhlebi nabazigaxa ezindabeni zabanye abantu, bekhuluma ngezinto okungafanele bakhulume ngazo.’ (1 Thimothewu 5:13) Ngamanye amazwi, qaphela ukuba ungachithi isikhathi esiningi ukhuluma ngezinto ezingenamsebenzi noma ngisho nangolwazi olulimazayo. Ungabi umuntu ophilela ukuhleba. Kungalahleka isikhathi esiyigugu namandla, futhi lokhu kungasenza thina nabanye sikhathazeke. Ungase uphuthelwe amathuba okwamukela nokusakaza ulwazi olubaluleke ngempela ukuze uqhubeke uphila kuleli lizwe elinezinkathazo.
Ukwaziswa okutholakala ngokufunda kuhlaziywa ngokuzithandela, yingakho kuthatha isikhathi eside. Isikhalazo esibangelwa ukukhathazeka esithi, “Anginasikhathi sokufunda!” siyinsakavukela. Ingabe unomuzwa wokuthi kuningi okufanele ukufunde kodwa unesikhathi esincane sokukufunda? Ngenxa yokuthi ukufunda kudla isikhathi, ubuciko nenjabulo yokukwenza akusekho kulenkathi yokutholakala kolwazi ngokushesha. Abaningi bavumela ukuba i-TV ibuse isikhathi sabo. Nokho, ukwaziswa okulotshiwe kuseyindlela enamandla kakhulu yokushukumisa ingqondo nokudlulisela ulwazi, imibono nemicabango.
Singabhekana kanjani nesimo uma kudingeka sifunde izincwadi eziningi kangaka ezincintisana ne-TV, imidlalo yama-computer nezinye izinto zokuzijabulisa? Ikhambi liwukuhlaziya. Ukuhlaziya, ukuhlela noma ukuzibeka kuqala izinto esifuna ukuzizwa, ukuzibona, ukuzisho, noma ukuzifunda kungase kuqede ukukhathazeka okukhulu okubangelwa ulwazi. Ukuhlaziya okuphumelelayo kungenziwa ngezindlela ezimbili.
Ingabe Siyazidinga Izinto Eziningi Kangaka Ezingenamsebenzi?
Izidingo zethu ngokuvamile zisontwa yilokho abanye abacabanga ukuthi siyakudinga noma lokho amakhono okukhangisa emithombo yezindaba asiholela ekubeni sikholelwe ukuthi siyakudinga. Ukuze unqobe lensada yolwazi edidayo, sebenzisa lomthetho oyisisekelo: Gcina izinto zilula! URichard S. Wurman ukubeka ngalendlela: “Imfihlo yokuhlaziya ulwazi iwukunciphisa ukwaziswa onakho kusale lokho okuthintana nokuphila kwakho . . . Ngikholelwa ukuthi kuyinganekwane ukuthi uma unezinto eziningi ongakhetha kuzo uyothatha izinyathelo ezifanele futhi ujabulele inkululeko eyengeziwe. Kunalokho, amathuba amaningi okukhetha abangela ukukhathazeka okwengeziwe.”
Ngakho lapho kuziwa ekufundeni noma ekubukeni i-TV, kuhle ukuhlola imikhuba yakho. Zibuze: ‘Ingabe ngiyakudinga lokhu emsebenzini wami noma ekuphileni kwami? Ingabe ngempela kuyadingeka ukuba ngazi zonke izinto ezingenamsebenzi nenhlebo ngabantu abadumile nokuthiwa bahle ezweni? Ukuphila kwami bekungashintsha kanjani uma ngingalubuki lolu hlelo lwe-TV, uma ngingayifundi lencwadi noma lowaya magazini, noma uma ngingachithi isikhathi esiningi ngifunda iphephandaba?’ Abanye baye bakwazi ukuhlaziya lokho abakufundayo kanye nezinhlelo ze-TV abazibukayo futhi baye basusa izinto eziminyanisa izingqondo zabo namakhaya abo. Ngokwesibonelo, baye banquma ukuba nesikhokhelo sephephandaba elilodwa kuphela lansuku zonke. Vele amaphephandaba amaningi aqukethe izindaba ezifanayo eziyisisekelo. Abanye abantu baye bacela ngokukhethekile ukuba bangathunyelelwa iposi abangalifuni.
Ukugcina ukuphila kulula futhi kungaminyene kwakhuthazwa umuntu omkhulu kunabo bonke owake waphila, uJesu Kristu. (Mathewu 6:25-34) Ukugcina izinto zilula kuyatuswa futhi kuyakhuthazwa emiphakathini eminingi yase-Asia futhi abaningi emiphakathini yaseNtshonalanga bakubheka ngisho nanjengendlela ephambili yokuphila. Umlobi uDuane Elgin wathi: “Ukuphila ukuphila okulula kuwukuphila okunenjongo nokungenazo iziphazamiso ezingadingekile.”
Manje, njengoba usuhlele ukwaziswa okudingayo ngokwezidingo zakho, yenza okufanayo ngesithakazelo onaso, ngoba isithakazelo yisona esikhuthaza ukufunda. Nokho, inkinga lapha iwukuhlukanisa phakathi kwalokho okukuthakazelisayo ngempela nalokho ongase ucabange ukuthi kufanele kukuthakazelise ukuze ujabulise abanye—mhlawumbe abantu osebenza nabo. Kodwa uma ungahlela isikhathi sakho sokufunda nese-TV noma ese-computer ngendlela efana nohlela ngayo eminye imisebenzi, uyothola ukuthi ukugxila esithakazelweni sangempela kungakujabulisa, ngaphandle kokukhathazeka okungadingekile.
Ngakho, ungabhekana kanjani nokukhathazeka okubangelwa ulwazi? Ungase ungakwazi ukukuqeda ngokuphelele, kodwa ukulandela imithetho embalwa elula esiyivezile kuyosiza kakhulu. Gcina izinto zilula, futhi uhlukanise ulwazi ngokwezidingo nezithakazelo zakho siqu. Isikhathi siyeza lapho zonke izinkathazo zokuphila, kuhlanganise nokukhathazeka ngolwazi, kuyoba into yesikhathi esidlule, kodwa okwamanje, gcina izimangaliso zobuchwepheshe banamuhla zisendaweni yazo. Zibheke njengendlela yokufinyelela umgomo othile. Ungabi isigqila sazo noma uzibuke ngokumangala. Kanjalo, ulwazi oluwusizo luyoba olwakhayo, olukhuthazayo noluzuzisayo, ngaphandle kokukubangela ukukhathazeka.
[Ibhokisi ekhasini 11]
Zama Ukuthola Okunye Esikhundleni Sako
“Hoxisa ukukhokhela izinhlelo ze-TV, . . . bese [ngaleyo mali] yanyanga zonke uthenga incwadi eyodwa ekahle noma ezimbili. Izincwadi azifani nethelevishini: Zidinga isikhathi, zihilela umuntu, zishukumisa umzwelo nengqondo, futhi ziyisize ukuba isungule izinto ezintsha.” “Ungacabangela nokulinganisela amahora athile ngesonto usebenzisa i-Internet, noma okungenani ulinganise isikhathi osichitha kuyo nesikhathi osichitha ufunda izincwadi.”—Data Smog—Surviving the Information Glut.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Yiba Inkosi, Hhayi Isigqila
“Cisha ithelevishini. Ayikho indlela esheshayo yokulawula ukuphila kwakho, ukuthula kwekhaya lakho, nalokho okucabangayo, engcono kunokucisha lomshini oshintshashintsha ukuphila kweningi lethu. AmaMelika ayizigidi asethole ukuthula namandla ngokusebenzisa inkinobho yokucisha, ingasaphathwa eyamahora amaningi esikhathi esizuzwayo angaqala ukwenza ngaso ezinye zezinto angakaze asithole isikhathi sazo ngaphambili.”—Data Smog—Surviving the Information Glut.
[Ibhokisi ekhasini 12]
Qaphela I-Internet
Abantu abaziphethe kabi basebenzisa i-Internet ukuze baqhube ukonakala kwabo ngokobulili futhi bazame ukuthintana nabantu abangathanda ukuhlanganyela nabo ekuziphatheni okunjalo noma izisulu ezingenacala. Abanye basebenzisa i-Internet ukuze bathuthukise izithakazelo zabo. Izihlubuki nazo zivula izingosi kuyo ukuze zibambe abangaqaphile.
Kudingeka ukuqapha okukhulu lapho kusetshenziswa i-Internet, futhi ngokuqinisekile abazali kufanele baziqondise ngokucophelela izingane zabo okungenzeka ziyayisebenzisa. Kuyiqiniso ukuthi kunemithombo eminingi ewusizo engatholakala kuyo, njengemitapo yocwaningo, izincwadi neziteshi zezindaba. Ngokwesibonelo, i-Watchtower Society yamemezela ingosi yayo (http://www.watchtower.org), enikeza ukwaziswa okuyiqiniso ngoFakazi BakaJehova. Noma kunjalo, umuntu kufanele aqaphele ukuthi kunamathonya ayingozi kakhulu lapho, kuhlanganise nezithombe zobulili ezingcolile nezinto zezihlubuki.
UmKristu kufanele aqaphele iseluleko sikaPawulu: “Ngakho-ke, lokhu ngikusho futhi ngikufakazele eNkosini, ukuthi ningabe nisaqhubeka nihamba njengoba nje izizwe zihamba ekungabini nambuyiselo kwezingqondo zazo . . . Zingasenawo nhlobo umuzwa wokuziphatha okuhle, zazinikela ekuziphatheni okuxekethile ukuze zisebenze zonke izinhlobo zokungahlanzeki ngokuhaha. Kodwa nina anifundanga ukuthi uKristu unjalo.” (Efesu 4:17-20) Futhi wathi: “Ubufebe nokungahlanzeki kwazo zonke izinhlobo noma ukuhaha makungaphathwa nakuphathwa phakathi kwenu, njengoba nje kufanele abantu abangcwele; noma ukuziphatha okuyihlazo noma inkulumo yobuwula noma ukuntela okuyichilo, izinto ezingafaneleki, kodwa kunalokho makube ukubonga.” (Efesu 5:3, 4) Kufanele siqaphele ukuthi izingosi eziningi ze-Internet zenziwe abantu abanezinhloso zokuziphatha okubi noma zokungathembeki. Futhi izingosi eziningi okungenzeka azinakho ukuziphatha okubi noma ukungathembeki, njengezingosi zengevu, zichitha isikhathi. Zigweme zonke izinto ezinjalo!